Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 22

Abaphostoli Bashumayela Ngesibindi

Abaphostoli Bashumayela Ngesibindi

Ibandla lobuKristu likhula ngokushesha naphezu koshushiso

NGEMVA kwezinsuku eziyishumi uJesu ekhuphukele ezulwini, abafundi bakhe abangaba ngu-120 bahlangana endlini eyayiseJerusalema ngesikhathi soMkhosi WamaJuda WePhentekoste ngo-33 C.E. Kungalindelekile, kwaba nomsindo onjengowomoya ovunguzayo endlini. Kwenzeka isimangaliso, abafundi baqala ukukhuluma izilimi ababengazazi. Kwakwenzekani? UNkulunkulu wayenikeze abafundi umoya ongcwele.

Ngaphandle, kwakukhona isixuku ngoba kwakufike izivakashi zivela emazweni amaningi zize emkhosini. Zamangala lapho zizwa izilimi zazo zikhulunywa abafundi bakaJesu ngokushelela. Echaza okwakwenzekile, uPetru wabhekisela esiprofethweni sikaJoweli umprofethi esithi uNkulunkulu ‘wayeyothulula’ umoya wakhe, unike labo abawamukelayo izipho eziyisimangaliso. (Joweli 2:28, 29) Lobu bufakazi obunamandla bomoya ongcwele bakwenza kwacaca ukuthi kunenguquko ebalulekile eyase yenzekile: Umusa kaNkulunkulu wawususukile ku-Israyeli watholwa ibandla lobuKristu elalisanda kumiswa. Labo ababefuna ukukhonza uNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo manje kwase kufanele babe abalandeli bakaKristu.

Phakathi naleso sikhathi, ukuphikiswa kwaqina, izitha zaphonsa abafundi ejele. Kodwa ebusuku, ingelosi kaJehova yavula iminyango yasejele yatshela abafundi ukuba baqhubeke beshumayela. Entathakusa baqhubeka nokushumayela. Bangena ethempelini futhi baqala ukufundisa izindaba ezinhle eziphathelene noJesu. Abaphikisi babo benkolo bathukuthela bagan’ unwabu babatshela ukuba bayeke ukushumayela. Abaphostoli baphendula ngesibindi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”IzEnzo 5:28, 29.

Ushushiso lwashuba. AmaJuda athile abeka umfundi uStefanu icala lokuhlambalaza futhi amkhanda ngamatshe waze wafa. Insizwa egama layo nguSawulu waseTarsu yayibukele futhi yakwamukela lokhu kubulawa. Yabe seyiya eDamaseku ukuze ibophe noma ubani owayelandela uKristu. Njengoba uSawulu ayehamba emgwaqweni, wahlatshwa ukukhanya okuvela ezulwini kwase kuzwakala izwi lithi: “Sawulu, Sawulu, ungishushiselani na?” Esevaleke amehlo ngenxa yokukhanya, uSawulu wabuza: “Ungubani?” Izwi lathi: “NginguJesu.”IzEnzo 9:3-5.

Ngemva kwezinsuku ezintathu, uJesu wathumela umfundi ogama lakhe ngu-Ananiya ukuba ayokwenza uSawulu aphinde abone. USawulu wabhapathizwa futhi waqala ukushumayela ngesibindi ngoJesu. USawulu wabe esaziwa ngokuthi umphostoli uPawulu futhi waba ilungu elishisekayo lebandla lobuKristu.

Abafundi bakaJesu babekade beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kumaJuda nakumaSamariya kuphela. Ingelosi manje yavela kuKorneliyu, isikhulu sebutho lamaRoma esesaba uNkulunkulu, yamtshela ukuthi akathumele kulandwe umphostoli uPetru. Ephelezelwa abanye, uPetru washumayeza uKorneliyu nendlu yakhe. Ngesikhathi uPetru esakhuluma, umoya ongcwele wehlela kulawo makholwa angabeZizwe, futhi lo mphostoli wayala ukuba babhapathizwe egameni likaJesu. Indlela eya ekuphileni okuphakade manje yayisivulekele abantu bazo zonke izizwe. Ibandla lase likulungele ukusakaza izindaba ezinhle ezindaweni ezikude.

—Isekelwe encwadini yezEnzo 1:1–11:21.