Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 23

Izindaba Ezinhle Ziyasakazeka

Izindaba Ezinhle Ziyasakazeka

UPawulu uhambe eshumayela ezweni nasolwandle

NGEMVA kokuguquka kwakhe, uPawulu wamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngomfutho—ukuthi nje manje njengoba ayengumphikisi, uyena owayesezobhekana nokuphikiswa okukhulu. Lo mphostoli ongakhathali wayehamba amabanga amade eshumayela ukuze asakaze izindaba ezinhle zoMbuso oyogcwalisa injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngesintu.

EListra, ohambweni lwakhe lokuqala lokushumayela, uPawulu welapha indoda eyayizalwe ilunyonga. Izixuku zaqala ukumemeza zithi uPawulu nayehamba naye, uBarnaba, bangonkulunkulu. Kwaba nzima kula madoda amabili ukuvimba lezi zixuku zingabenzeli imihlatshelo. Noma kunjalo, sezishoshozelwa yizitha zikaPawulu, zona kanye lezi zixuku kamuva zamkhanda ngamatshe uPawulu zamshiya zicabanga ukuthi ufile. UPawulu wasinda kulokho kuhlaselwa futhi ngokuhamba kwesikhathi wabuyela kulowo muzi ukuze aqinise abafundi ngamazwi akhuthazayo.

Amanye amaKristu angamaJuda ayephikisana ngokuthi amakholwa angewona amaJuda kwakufanele agcine izingxenye ezithile zoMthetho KaMose. UPawulu wadlulisela le nkinga kubaphostoli nasemadodeni amadala eJerusalema. Ngemva kokuyicabangela kahle ngemiBhalo nangokuqondiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu, lawo madoda abhalela amabandla awayala ukuba adede ekukhonzeni izithombe, ekudleni igazi, enyameni engophiswanga nasebufebeni. Leyo miyalo ‘yayiyizinto ezidingekile,’ kodwa ukuyigcina kwakungadingi ukuba kulandelwe uMthetho KaMose.IzEnzo 15:28, 29.

Ohambweni lwakhe lwesibili lokushumayela, uPawulu waya eBhereya, manje ebizwa ngokuthi iGreece. AmaJuda ayehlala lapho alamukela ngesasasa izwi, ehlola imiBhalo nsuku zonke ukuze aqinisekise ukuthi izimfundiso zakhe ziyiqiniso yini. Nakulokhu futhi, ukuphikiswa kwamphoqa ukuba aqhubekele kwenye indawo, kulokhu aye e-Athene. Phambi kweqembu lezifundiswa zase-Athene, uPawulu wanikeza inkulumo enamandla eyisibonelo sekhono lokungacunuli, ukuqonda nokuqephuza.

Ngemva kohambo lwesithathu lokushumayela, uPawulu waya eJerusalema. Lapho eya ethempelini lalapho, amaJuda athile asusa isidumo efuna ukumbulala. Amasosha angamaRoma angenela futhi aphenya uPawulu ngemibuzo. Njengoba ayeyisakhamuzi saseRoma, kamuva waziphendulela kuFeliksi uMbusi waseRoma. AmaJuda ehluleka ukunikeza ubufakazi bamacala ayewabeke uPawulu. Ukuze avimbele uFestu, omunye umbusi wamaRoma, ukuba angamnikeli emaJudeni, uPawulu wathi: “Ngidlulisela icala kuKhesari!” UFestu waphendula: “Uzoya kuKhesari.”IzEnzo 25:11, 12.

UPawulu wabe eseyiswa e-Italiya ngomkhumbi ukuze ayothetha icala. Kulolo hambo waphihlizekelwa umkhumbi, kwadingeka achithe ubusika bonke esiqhingini saseMelitha. Lapho ekugcineni efika eRoma, wahlala iminyaka emibili endlini eqashisayo. Nakuba ayegadwe amasosha, lo mphostoli oshisekayo waqhubeka eshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu kubo bonke ababezombona.

Isekelwe encwadini yezEnzo 11:22–28:31.