Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umyalezo WeBhayibheli—Ukubuyekeza

Umyalezo WeBhayibheli—Ukubuyekeza
  1. UJehova udala u-Adamu no-Eva ngenjongo yokuba baphile phakade ePharadesi. USathane unyundela igama likaNkulunkulu futhi angabaze ilungelo laKhe lokubusa. U-Adamu no-Eva bazibandakanya noSathane kulokho kuhlubuka, bezilethela bona nenzalo yabo isono nokufa

  2. UJehova ujezisa lezi zihlubuki bese ethembisa ukuthi kuyovela uMkhululi, noma iMbewu, achoboze uSathane, aqede yonke imiphumela yalokho kuhlubuka nesono

  3. UJehova uthembisa u-Abrahama noDavide ukuthi bayoba okhokho beMbewu, noma uMesiya, oyobusa njengeNkosi phakade

  4. UJehova uphefumulela abaprofethi ukuba babikezele ukuthi uMesiya uyoqeda isono nokufa. Ekanye nalabo ayobusa nabo, uyobusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, oyoqeda izimpi, ukugula ngisho nokufa

  5. UJehova uthumela iNdodana yakhe emhlabeni futhi abonise ukuthi uJesu unguMesiya. UJesu ushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu futhi anikele ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo. UJehova ube esemvusa eseyisidalwa somoya

  6. UJehova ubeka iNdodana yakhe ukuba ibe yiNkosi ezulwini, okuphawula ukuqala kwezinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto. UJesu uqondisa abalandeli bakhe basemhlabeni njengoba beshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni kabanzi

  7. UJehova uyala iNdodana yakhe ukuba ilethe uMbuso emhlabeni. Lo Mbuso uqothula bonke ohulumeni ababi, umise iPharadesi futhi wenze abantu abathembekile baphelele. Ilungelo likaJehova lokubusa liyalwelwa negama lakhe lingcweliswe phakade