INGXENYE 2
Ungubani UNkulunkulu Weqiniso?
Kukhona uNkulunkulu weqiniso oyedwa kuphela, igama lakhe uJehova. (IHubo 83:18) UnguMoya; asikwazi ukumbona. Uyasithanda futhi ufuna nathi simthande. Ufuna sithande nabanye abantu. (Mathewu 22:35-40) UngoPhezukonke, uMdali wazo zonke izinto.
Indalo yokuqala kaNkulunkulu kwaba umuntu womoya onamandla, kamuva owaziwa ngokuthi uJesu Kristu. UJehova wadala nezingelosi.
UJehova wadala zonke izinto ezulwini nasemhlabeni . . . . IsAmbulo 4:11
UJehova uNkulunkulu wadala izinkanyezi, umhlaba nakho konke okukuwo.—
Wenza indoda yokuqala u-Adamu ngothuli lomhlabathi.—Genesise 2:7.