Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 2

Ungubani UNkulunkulu Weqiniso?

Ungubani UNkulunkulu Weqiniso?

Kukhona uNkulunkulu weqiniso oyedwa kuphela, igama lakhe uJehova. (IHubo 83:18) UnguMoya; asikwazi ukumbona. Uyasithanda futhi ufuna nathi simthande. Ufuna sithande nabanye abantu. (Mathewu 22:35-40) UngoPhezukonke, uMdali wazo zonke izinto.

Indalo yokuqala kaNkulunkulu kwaba umuntu womoya onamandla, kamuva owaziwa ngokuthi uJesu Kristu. UJehova wadala nezingelosi.

UJehova wadala zonke izinto ezulwini nasemhlabeni . . . . IsAmbulo 4:11

UJehova uNkulunkulu wadala izinkanyezi, umhlaba nakho konke okukuwo.—Genesise 1:1.

Wenza indoda yokuqala u-Adamu ngothuli lomhlabathi.—Genesise 2:7.