Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 6

Yini Esiyifunda KuZamcolo Omkhulu?

Yini Esiyifunda KuZamcolo Omkhulu?

UNkulunkulu wabhubhisa ababi kodwa wasindisa uNowa nomkhaya wakhe. Genesise 7:11, 12, 23

Lana izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, amanzi amboza wonke umhlaba. Bonke abantu ababi bafa.

Izingelosi eziyizihlubuki zashiya imizimba yazo yenyama zaba amademoni.

Abantu ababesemkhunjini basinda. Nakuba uNowa nomkhaya wakhe babuye bafa, uNkulunkulu uzobavusa, babe nethemba lokuphila phakade.

UNkulunkulu uzophinde abhubhise abantu ababi futhi asindise abalungile. Mathewu 24:37-39

USathane namademoni bayaqhubeka bedukisa abantu.

Namuhla, njengasesikhathini sikaNowa, abaningi bayasenqaba isiqondiso sikaJehova sothando. Maduze nje uJehova uzobhubhisa bonke ababi.—2 Petru 2:5, 6.

Abanye abantu banjengoNowa. Balalela uNkulunkulu futhi benze akushoyo; bangoFakazi BakaJehova.