Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 8

Kusho Ukuthini Ukufa KukaJesu Ngawe?

Kusho Ukuthini Ukufa KukaJesu Ngawe?

UJesu wafa ukuze thina siphile. Johane 3:16

Ngemva kwezinsuku ezintathu uJesu efile, abesifazane abathile bafika ethuneni lakhe bathola engasekho. UJehova wayemvusile uJesu ekufeni.

Kamuva uJesu wabonakala kubaphostoli bakhe.

Yebo, uJehova wayevusele uJesu ekuphileni njengesidalwa somoya esingafi nesinamandla. Abafundi bakaJesu bambona lapho enyukela ezulwini.

UNkulunkulu wavusa uJesu futhi wamenza iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Daniyeli 7:13, 14

UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ukuze ahlenge isintu. (Mathewu 20:28) Ngenxa yaleso sihlengo, uNkulunkulu wenza sikwazi ukuphila phakade.

UJehova wamisa uJesu ukuba abuse njengeNkosi phezu komhlaba. Uyobusa kanye nabantu abathembekile abangu-144 000 abavuswa emhlabeni ukuze bayophila ezulwini. UJesu nabangu-144 000 bakha uhulumeni wokulunga wasezulwini—uMbuso kaNkulunkulu. —IsAmbulo 14:1-3.

UMbuso kaNkulunkulu uzokwenza umhlaba ube ipharadesi. Izimpi, ubugebengu, ukuhlupheka nendlala ngeke kusaba khona. Abantu bazojabula ngempela.—IHubo 145:16.