Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iyini Intando KaNkulunkulu?

Iyini Intando KaNkulunkulu?

UNkulunkulu ufuna siphile phakade ngokuthula nangenjabulo emhlabeni oyipharadesi!

Kodwa ungase uzibuze, ‘Kungenzeka kanjani lokho?’ IBhayibheli lithi kuyokwenzeka ngoMbuso kaNkulunkulu, futhi kuyintando kaNkulunkulu ukuba bonke abantu bafunde ngalo Mbuso nangenjongo yakhe ngathi.—IHubo 37:11, 29; Isaya 9:7.

UNkulunkulu ufuna sizizuzise thina.

Njengoba nje ubaba omuhle efisela izingane zakhe okuhle kodwa, noBaba wethu osezulwini ufisa ukuba sijabule phakade. (Isaya 48:17, 18) Uthembise ukuthi “lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.

UNkulunkulu ufuna sihambe emikhondweni yakhe.

IBhayibheli lithi uMdali wethu ufuna ‘ukusifundisa izindlela zakhe’ ukuze “sihambe emikhondweni yakhe.” (Isaya 2:2, 3) Uhlele “isizwe segama lakhe” ukuba senze intando yakhe yaziwe emhlabeni wonke.—IzEnzo 15:14.

UNkulunkulu ufuna simkhulekele ngobunye.

Kunokuba ukukhulekela uJehova okuhlanzekile kuhlukanise abantu, kuyabahlanganisa ngothando lweqiniso. (Johane 13:35) Obani namuhla abafundisa amadoda nabesifazane yonke indawo ukukhonza uNkulunkulu ngobunye? Sikumema ukuba uzitholele impendulo ngosizo lwale ncwadi.