Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 1

OFakazi BakaJehova Bangabantu Abanjani?

OFakazi BakaJehova Bangabantu Abanjani?

EDenmark

ETaiwan

EVenezuela

ENdiya

Bangaki oFakazi BakaJehova obaziyo? Abanye bethu kungenzeka bangomakhelwane bakho, usebenza nabo noma ufunda nabo esikoleni. Noma kungenzeka sike saxoxa nawe ngeBhayibheli. Singobani ngempela thina futhi kungani sixoxa nomphakathi ngezinkolelo zethu?

Singabantu abavamile. Sivela ezizindeni nasezimweni zokuphila ezihlukahlukene. Abanye bethu babesonta kwamanye amasonto, kanti abanye babengakholelwa kuNkulunkulu. Kodwa-ke ngaphambi kokuba sibe oFakazi, sonke sazinika isikhathi sokuhlola ngokucophelela izimfundiso zeBhayibheli. (IzEnzo 17:11) Esasikufunda sakukholelwa sabe sesizikhethela ukukhonza uJehova uNkulunkulu.

Siyazuza ngokufunda iBhayibheli. Njengabanye abantu, nathi sibhekana nezinkinga kanye nobuthakathaka. Kodwa ngokuzama ukusebenzisa imithetho yeBhayibheli ekuphileni kwethu kwansuku zonke, ukuphila kwethu kuye kwaba ngcono kakhulu. (IHubo 128:1, 2) Lesi esinye sezizathu esenza sixoxe nabanye ngezinto ezinhle esizifunde eBhayibhelini.

Siphila ngemithetho kaNkulunkulu. Le mithetho esiyifunda eBhayibhelini ithuthukisa inhlalakahle, ikhuthaze ukuhlonipha abanye kanye nezimfanelo ezinjengokwethembeka nomusa. Isiza ekwakheni amalungu omphakathi anempilo nakhuthele futhi ikhuthaza ubunye bemikhaya nokuziphatha okuhle. Njengoba siqiniseka ngokuthi “uNkulunkulu akakhethi,” sizibheka njengomkhaya ongokomoya womhlaba wonke, ongenalo ubandlululo nemingcele yezombusazwe. Nakuba singabantu abavamile, sihlukile.IzEnzo 4:13; 10:34, 35.

  • Yini oFakazi BakaJehova abafana ngayo nabanye abantu?

  • Imithetho oFakazi abayifunda eBhayibhelini ibazuzisa kanjani?