Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 2

Kungani Sibizwa Ngokuthi SingoFakazi BakaJehova?

Kungani Sibizwa Ngokuthi SingoFakazi BakaJehova?

UNowa

U-Abrahama noSara

UMose

UJesu Kristu

Abantu abaningi bacabanga ukuthi igama elithi oFakazi BakaJehova yigama lenkolo entsha. Kepha eminyakeni engaphezu kwengu-2 700 edlule, izikhonzi zikaNkulunkulu weqiniso zazibizwa ngokuthi ‘ofakazi’ bakhe. (Isaya 43:10-12) Kuze kube ngu-1931, sasaziwa ngokuthi singabaFundi BeBhayibheli. Kungani samukela igama elithi oFakazi BakaJehova?

Leli gama lembula uNkulunkulu wethu. Ngokwemibhalo yesandla yasendulo, igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, livela izikhathi eziyizinkulungwane eBhayibhelini. Ezinguqulweni eziningi leli gama liye lakhishwa, esikhundleni salo kwafakwa iziqu ezinjengesithi Nkosi noma Nkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu weqiniso wayezembulile kuMose esebenzisa igama lakhe elithi Jehova lapho ethi: “Yileli igama lami kuze kube nini nanini.” (Eksodusi 3:15) Ngokuzisho igama lakhe, wazehlukanisa kubo bonke onkulunkulu bamanga. Siyaziqhenya ngokubizwa ngegama likaNkulunkulu elingcwele.

Leli gama lichaza umsebenzi wethu. Kunabantu abaningi basendulo, kusukela endodeni elungile u-Abela, abanikeza ubufakazi ngokholo lwabo kuJehova. Phakathi namakhulu eminyaka, uNowa, u-Abrahama, uSara, uMose, uDavide kanye nabanye, baba yingxenye yaleli ‘fu elikhulu lofakazi.’ (Hebheru 11:4–12:1) Njengoba nje umuntu engase afakazele umuntu ongenacala enkantolo, nathi sizimisele ukwenza iqiniso ngoNkulunkulu laziwe.

Silingisa uJesu. IBhayibheli limbiza ngokuthi “ufakazi othembekile noqinisile.” (IsAmbulo 3:14) UJesu ngokwakhe wathi ‘ulazisile igama likaNkulunkulu’ futhi waqhubeka ‘efakazela iqiniso’ ngoNkulunkulu. (Johane 17:26; 18:37) Abalandeli bakaKristu beqiniso nabo kumelwe bafakazele igama likaJehova futhi balenze laziwe. Yilokho oFakazi BakaJehova abazama ukukwenza.

  • Kungani abaFundi BeBhayibheli bamukela igama elithi oFakazi BakaJehova?

  • Sekuyisikhathi esingakanani uJehova enofakazi emhlabeni?

  • Ubani uFakazi KaJehova omkhulu kunabo bonke?