Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 4

Kungani Siye Sanyathelisa INguqulo Yezwe Elisha?

Kungani Siye Sanyathelisa INguqulo Yezwe Elisha?

ECongo (eKinshasa)

ERwanda

Umbhalo kaSymmachus wekhulu lesithathu noma lesine C.E. onegama likaNkulunkulu kumaHubo 69:31.

Sekuyiminyaka eminingi oFakazi BakaJehova besebenzisa, benyathelisa futhi besakaza izinguqulo ezihlukahlukene zamaBhayibheli. Kodwa sabona isidingo sokunyathelisa inguqulo entsha eyayizosiza abantu bafunde ‘ulwazi olunembile lweqiniso,’ okuyintando kaNkulunkulu ngabo bonke abantu. (1 Thimothewu 2:3, 4) Ngakho, ngo-1950 saqala ukukhipha izingxenye zeBhayibheli lethu elibhalwe ngolimi lwanamuhla, INguqulo Yezwe Elisha. Leli Bhayibheli liye lahunyushwa ngendlela ethembekile nenembile ngezilimi ezingaphezu kwekhulu.

Kwakudingeka iBhayibheli okulula ukuliqonda. Izilimi ziyashintsha ngokuhamba kwesikhathi futhi izinguqulo eziningi zinamagama angaziwa noma akudala okunzima ukuwaqonda. Ngaphandle kwalokho, kuye kwavubukulwa imibhalo yesandla yeBhayibheli yasendulo enembile nefana neyokuqala, okuye kwaholela ekuqondweni kangcono kwemiBhalo yesiHebheru, yesi-Aramu neyesiGreki.

Kwakudingeka inguqulo enamathela ezwini likaNkulunkulu. Kunokuba abahumushi beBhayibheli benze abakuthandayo ngemibhalo kaNkulunkulu ephefumulelwe, kufanele banamathele embhalweni wokuqala. Kodwa ezinguqulweni eziningi, igama likaNkulunkulu elithi Jehova, lisusiwe emiBhalweni Engcwele.

Kwakudingeka iBhayibheli elidumisa uMlobi walo. (2 Samuweli 23:2) ENguqulweni Yezwe Elisha, igama likaJehova liye labuyiselwa lapho livela khona izikhathi ezingaphezu kuka-7 000 emibhalweni yesandla yeBhayibheli yasendulo, njengoba kuboniswe esithombeni esingezansi. (IHubo 83:18) Ngenxa yokucwaninga ngokucophelela iminyaka eminingi, ukufunda leli Bhayibheli kuyajabulisa ngoba likudlulisa ngendlela ecacile ukucabanga kukaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi unayo INguqulo Yezwe Elisha noma cha, sikukhuthaza ukuba ube nesimiso sokufunda iZwi likaJehova nsuku zonke.—Joshuwa 1:8; IHubo 1:2, 3.

  • Kungani sanquma ukuthi kudingeka inguqulo entsha yeBhayibheli?

  • Umuntu ofuna ukufunda intando kaNkulunkulu yini angayenza nsuku zonke?