Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 6

Kusizuzisa Kanjani Ukuhlangana Namanye AmaKristu?

Kusizuzisa Kanjani Ukuhlangana Namanye AmaKristu?

EMadagascar

ENorway

ELebanon

E-Italy

Ngisho noma kudingeka sihambe emahlathini noma esimweni sezulu esibi, asiphuthi emihlanganweni yethu yobuKristu. Naphezu kwezinselele zokuphila nokukhathala ngemva komsebenzi wosuku, kungani oFakazi BakaJehova benza konke okusemandleni ukuze bahlangane nabakholwa nabo?

Kusiza thina. Lapho uPawulu ekhuluma ngabantu esihlanganyela nabo ebandleni, wabhala: “Masicabangelane.” (Hebheru 10:24) Leli gama lisho “ukucabanga ngothile ngokujulile,” okusho ukwazana kangcono. Ngakho, amazwi kaPawulu asikhuthaza ukuba sizihluphe ngabanye. Ngokwazi eminye imikhaya engamaKristu, sithola ukuthi abanye kuyo baye banqoba izinselele ezifana nezethu nokuthi bangasisiza sinqobe nezethu.

Kwakha ubungane obuhlala njalo. Abantu esiba nabo emihlanganweni yethu kusuke kungebona abantu esibaziyo nje, kodwa bangabangane abaseduze. Ngezinye izikhathi siba ndawonye sizilibazise. Kusizuzisa kanjani ukuhlangana nabantu abanjalo? Sifunda ukwazisana futhi lokho kuqinisa izibopho zethu zothando. Lapho laba bangane bethu bebhekana nezinkinga, sibasiza ngokushesha ngoba sisuke sesakhe ubungane obuqinile. (IzAga 17:17) Ngokuzihlanganisa nawo wonke amalungu ebandla, sibonisa ukuthi ‘sinakekelana ngokufanayo.’—1 Korinte 12:25, 26.

Sikukhuthaza ukuba ukhethe labo abenza intando kaNkulunkulu ukuba babe abangane bakho. Abangane abanjalo uzobathola phakathi koFakazi BakaJehova. Sicela ungavumeli lutho lukuvimbe ukuba uzihlanganise nathi.

  • Kungani kusizuzisa ukuhlangana ndawonye emihlanganweni?

  • Ungathanda ukuya nini emihlanganweni ukuze usijwayele?