Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 7

Injani Imihlangano Yethu?

Injani Imihlangano Yethu?

ENew Zealand

EJapane

E-Uganda

ELithuania

Emihlanganweni yamaKristu okuqala ngokuyinhloko kwakuculwa, kuthandazwe, kufundwe futhi kuxoxwe ngemiBhalo—kwakungalandelwa midanti. (1 Korinte 14:26) Ungalindela okufanayo nasemihlanganweni yethu.

Esikufundayo kuthathwa eBhayibhelini futhi kuyasebenza. Ngezimpelasonto, ibandla ngalinye liyahlangana ukuze lilalele inkulumo yeBhayibheli ethatha isigamu sehora, echaza indlela imiBhalo esebenza ngayo ekuphileni kwethu nasesikhathini esiphila kuso. Sonke sikhuthazwa ukuba sivule amaBhayibheli ethu sihambisane nesikhulumi. Ngemva kwenkulumo, kuba neSifundo Se-“Nqabayokulinda” esithatha ihora. Amalungu ebandla angahlanganyela ngezimpendulo esihlokweni okuxoxwa ngaso esikuyi-Nqabayokulinda efundwayo. Le ngxoxo isisiza sisebenzise isiqondiso seBhayibheli ekuphileni kwethu. Lesi sihloko esifanayo sifundwa kuwo wonke amabandla angaphezu kuka-100 000 emhlabeni wonke.

Sisizwa ukuba sithuthukise amakhono ethu okufundisa. Siphinde sihlangane phakathi nesonto ntambama ukuze sibe nemihlangano emithathu. Owokuqala, iSifundo SeBhayibheli Sebandla esithatha imizuzu engu-30. Lena ingxoxo yemibuzo nezimpendulo esisiza siziqonde kahle izimiso neziprofetho zeBhayibheli. Olandelayo, iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini esithatha isigamu sehora, siqala ngengxoxo yamavesi eBhayibheli ibandla eliyilungiselele kusengaphambili. Ngemva kwalokho, abafundi ababhalise kulesi sikole banikeza izinkulumo zabo ezimfushane. Umeluleki uphawula izinto ezingasisiza sithuthukise ikhono lokufunda nokukhuluma. (1 Thimothewu 4:13) Owokugcina, uMhlangano Wenkonzo othatha imizuzu engu-30, kuwo kunikezwa izinkulumo, imiboniso nezingxoxo ezisifundisa indlela yokufundisa abanye iBhayibheli.

Lapho usemihlanganweni yethu, nakanjani lizokuhlaba umxhwele izinga lemfundo yeBhayibheli ozoyithola.—Isaya 54:13.

  • Yini ongalindela ukuyizwa emihlanganweni yoFakazi BakaJehova?

  • Yimuphi umhlangano waphakathi nesonto olandelayo ongathanda ukuya kuwo?