Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 8

Kungani Sigqoka Kahle Lapho Siya Emihlanganweni?

Kungani Sigqoka Kahle Lapho Siya Emihlanganweni?

Iceland

EMexico

EGuinea-Bissau

EPhilippines

Ingabe ubonile ezithombeni zale ncwajana ukuthi oFakazi BakaJehova bagqoka kahle kanjani lapho beya emihlanganweni yabo yebandla? Kungani siyinaka kangaka indlela yethu yokugqoka neyokuzilungisa?

Ukuze sibonise ukuthi siyamhlonipha uNkulunkulu wethu. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu akagxili endleleni esibukeka ngayo. (1 Samuweli 16:7) Kodwa lapho sisemihlanganweni, sifisa ukubonisa inhlonipho ngaye nangalabo esikhonza nabo. Ukube bekungenzeka sime phambi kukamahluleli enkantolo, cishe besiyoyinaka indlela esigqoke ngayo, sihlonipha isikhundla sakhe. Ngokufanayo, indlela esibukeka ngayo emihlanganweni ibonisa inhlonipho ‘ngoMahluleli womhlaba wonke,’ uJehova uNkulunkulu, nangendawo esimkhulekela kuyo.Genesise 18:25.

Ukuze sibonakalise izimiso esiphila ngazo. IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba agqoke “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo,” njengalawo ‘ahlonipha uNkulunkulu.’ (1 Thimothewu 2:9, 10) Ukugqoka “ngesizotha” kusho ukugwema izingubo ezingasidonsela amehlo ngoba zivusa inkanuko noma ziveza umzimba. Futhi ukuba ‘abahluzekile engqondweni’ kuyasisiza sikhethe izingubo ezinhle, ezingebona ubudlabha noma ezingafaneleki. Lezi zimiso ziyasivumela ukuba sikhethe izingubo ezihlukahlukene esizithandayo. Singashongo lutho, indlela enhle nethandekayo esibukeka ngayo ‘ingahlobisa imfundiso yoMsindisi wethu’ futhi “ikhazimulise uNkulunkulu.” (Thithu 2:10; 1 Petru 2:12) Ngakho indlela esigqoka ngayo lapho siya emihlanganweni inomthelela endleleni abanye abakubheka ngayo ukukhulekela uJehova.

Ngisho noma ungenayo isudi noma izingubo zikanokusho, siyokujabulela ukuba nawe eHholo LoMbuso. Akudingeki ukuba izingubo zethu zibize noma kube ezekhethelo ukuze zifaneleke, kuphela nje kudingeka zihlanzeke futhi zibe sesimweni esihle.

  • Ibaluleke kangakanani indlela esigqoka ngayo lapho sikhulekela uNkulunkulu?

  • Yiziphi izimiso ezisiqondisayo ekugqokeni nasekuzilungiseni?