Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 10

Kuyini UkuKhulekela Komkhaya?

Kuyini UkuKhulekela Komkhaya?

ENingizimu Korea

EBrazil

E-Australia

EGuinea

Kusukela mandulo, uJehova ubefuna ukuba umkhaya ngamunye uchithe isikhathi ndawonye ukuze uqinise ingokomoya lawo futhi usondelane. (Duteronomi 6:6, 7) Yingakho oFakazi BakaJehova bebekela eceleni isikhathi isonto ngalinye ukuze babe nokukhulekela komkhaya—baxoxe ngezinto ezingokomoya eziqondene nezidingo zomkhaya, beziphumulele nje. Ngisho noma uhlala wedwa, ungasebenzisa leli thuba ukuze uchithe isikhathi noNkulunkulu ngesifundo seBhayibheli, ufunda nganoma yini oyithandayo.

Yithuba lokusondela kuJehova. “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Simazi kangcono uJehova lapho sifunda ngobuntu bakhe nezenzo zakhe eZwini lakhe elilotshiwe. Indlela elula yokwenza ukukhulekela komkhaya iwukuchitha isikhathi nifunda iBhayibheli ngokuzwakalayo ndawonye, mhlawumbe nilandela isimiso seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini samasonto onke. Umuntu ngamunye ekhaya angabelwa amavesi athile ukuba awafunde, bese nonke nixoxa ngenikufundile kuwo.

Yisikhathi sokuba usondelane namalungu omkhaya. Amadoda namakhosikazi kanye nabazali nezingane, baqinisa ubuhlobo babo lapho befunda iBhayibheli njengomkhaya. Kufanele kube isikhathi esimnandi, esinokuthula nesivelele kulelo sonto. Kuye ngobudala bezingane zabo, abazali bangakhetha ukuxoxa ngezihloko ezizoba usizo, mhlawumbe besebenzisa izihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ningaxoxa ngezinkinga izingane ezibe nazo esikoleni nokuthi zingazixazulula kanjani. Ningaprakthiza izingoma ezizoculwa emihlanganweni, futhi nibe neziphuzo noma ukudlana okulula enizokudla ngemva kokukhulekela komkhaya.

Lesi sikhathi esikhethekile esichithwa masonto onke kukhulekelwa uJehova ndawonye siyosiza bonke ekhaya ukuba bathole injabulo ekufundeni iZwi likaNkulunkulu, futhi uyoyibusisa ngokucebile imizamo yenu.—IHubo 1:1-3.

  • Kungani sibekela eceleni isikhathi sokukhulekela komkhaya?

  • Abazali bangasenza kanjani lesi sikhathi sibe mnandi kubo bonke ekhaya?