Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 13

Yini Iphayona?

Yini Iphayona?

ECanada

Endlini ngendlu

Isifundo seBhayibheli

Isifundo somuntu siqu

Igama elithi “iphayona” ngokuvamile libhekisela kubantu abasungula okuthile noma abavula indlela, bese belandelwa abanye kulowo mkhakha. Singasho ukuthi uJesu wayeyiphayona, wathunyelwa lapha emhlabeni ukuba enze inkonzo enika ukuphila nokuba avule indlela yokuba isintu sisindiswe. (Mathewu 20:28) Namuhla, abalandeli bakhe bayamlingisa ngokuchitha isikhathi esiningi ‘benza abafundi.’ (Mathewu 28:19, 20) Abanye baye bangenela lokho esikubiza ngokuthi inkonzo yamaphayona.

Iphayona lingumshumayeli wesikhathi esigcwele. Bonke oFakazi BakaJehova bangabamemezeli bezindaba ezinhle. Kodwa abanye bahlele ukuphila kwabo ukuze babe amaphayona avamile, bachithe amahora angu-70 emsebenzini wokushumayela inyanga ngayinye. Ukuze bakwazi ukwenza lokhu, abaningi basebenza izinsuku ezimbalwa ngesonto ukuze baziphilise. Abanye bakhethwa ukuba babe amaphayona akhethekile ezindaweni ezinesidingo sabamemezeli boMbuso, bachithe amahora angu-130 noma ngaphezulu beshumayela inyanga ngayinye. Kuyawanelisa amaphayona ukuphila ukuphila okulula, ayaqiniseka ukuthi uJehova uzozinakekela izidingo zawo zokuphila. (Mathewu 6:31-33; 1 Thimothewu 6:6-8) Labo abangakwazi ukuba amaphayona avamile baba amaphayona asizayo lapho izimo zivuma, bandise umsebenzi wabo ngokushumayela amahora angu-30 noma angu-50 ngenyanga.

Iphayona lishukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangabantu. NjengoJesu, siyasibona isimo esidabukisayo ngokomoya sabantu abaningi. (Marku 6:34) Kodwa sinalo ulwazi olungabasiza kwamanje, lubanike ithemba eliqinile ngekusasa. Uthando ngomakhelwane lushukumisa iphayona ukuba linikele ngesikhathi nangamandla alo ukuze lisize abanye ngokomoya. (Mathewu 22:39; 1 Thesalonika 2:8) Ngenxa yalokho, ukholo lwephayona luyaqina, lisondele kuNkulunkulu, lithole nenjabulo enkulu.IzEnzo 20:35.

  • Ungalichaza kanjani iphayona?

  • Yini eshukumisa abanye ukuba babe amaphayona esikhathi esigcwele?