Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 14

Iyiphi Imfundo Elungiselelwe Amaphayona?

Iyiphi Imfundo Elungiselelwe Amaphayona?

E-United States

ISikole SaseGileyadi, ePatterson, eNew York

EPanama

Kusukela kudala, imfundo engokwasezulwini ibilokhu iyisici esiphawulekayo soFakazi BakaJehova. Labo abanikela ngesikhathi sabo esigcwele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso banikezwa imfundo ekhethekile ukuze bakwazi ‘ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yabo.’—2 Thimothewu 4:5.

ISikole Senkonzo Samaphayona. Lapho iphayona elivamile seliqede unyaka wokuqala enkonzweni yesikhathi esigcwele, libe selibhaliswa esikoleni esithatha izinsuku eziyisithupha esingase sibe seHholo loMbuso eliseduze. Injongo yaso iwukusiza iphayona lisondele nakakhulu kuJehova, liphumelele ngokwengeziwe kuzo zonke izici zenkonzo futhi liqhubeke nenkonzo yokwethembeka.

ISikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Lesi sikole esithatha izinyanga ezimbili sihloselwe ukuqeqesha amaphayona angomakad’ ebona azimisele ukushiya amakhaya ukuze ayokhonza nomaphi lapho edingeka khona. Kunjengokungathi athi, “Nangu mina! Thuma mina,” elingisa uMvangeli omkhulu kunabo bonke owake wakhonza emhlabeni, uJesu Kristu. (Isaya 6:8; Johane 7:29) Ukuthuthela kude nasekhaya kungase kuhilele ukujwayela ukuphila okulula. Amasiko endawo, isimo sezulu nokudla kungase kuhluke kakhulu kulokho umuntu akujwayele. Kungase kudingeke nokuba afunde olunye ulimi. Lesi sikole sisiza abazalwane nodade abashadile nabangashadile abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-65 ukuba bahlakulele izimfanelo ezingokomoya ezizodingeka esabelweni sabo, bahlakulele namakhono azobasiza ukuba basetshenziswe ngokugcwele uJehova nenhlangano yakhe.

I-Watchtower Bible School of Gilead. NgesiHebheru igama elithi “Gileyadi” lisho “iNqwaba Yobufakazi.” Kusukela iSikole SaseGileyadi sasungulwa ngo-1943, bangaphezu kuka-8 000 abaye bathweswa iziqu bathunywa njengezithunywa zevangeli ukuba bayonikeza ubufakazi “kuze kube semkhawulweni womhlaba” futhi baphumelela kakhulu. (IzEnzo 13:47) Ngesikhathi abanye babo befika okokuqala ePeru, kwakungenabandla. Manje asengaphezu kuka-1 000. Lapho izithunywa zethu zevangeli ziqala ukukhonza eJapane, kwakunoFakazi abangaphansi kweshumi. Manje sebengaphezu kuka-200 000. Imfundo yaseGileyadi ithatha izinyanga ezinhlanu futhi ihilela ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngokungashwampuluzi. Kulesi sikole kumenywa amaphayona akhethekile, izithunywa zevangeli ezisensimini, abakhonza emahhovisi egatsha noma ababonisi besigodi ukuba bathole ukuqeqeshwa okunzulu ukuze basize ekugxiliseni nasekuqiniseni umsebenzi emhlabeni wonke.

  • Iyini injongo yeSikole Senkonzo Samaphayona?

  • Sihloselwe obani iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso?