Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 17

Basisiza Kanjani Ababonisi Abajikelezayo?

Basisiza Kanjani Ababonisi Abajikelezayo?

EMalawi

Iqembu elilungela insimu

Basensimini

Umhlangano wabadala

ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ikhuluma kaningi ngoBarnaba nomphostoli uPawulu. La madoda ayengababonisi abajikelezayo, ehambela amabandla okuqala. Kungani? Ayekhathazeke ngenhlalakahle yabafowabo abangokomoya. UPawulu wathi wayefuna ‘ukubuyela ahambele abafowabo’ ukuze abone ukuthi banjani. Wayezimisele ukuhamba amabanga amade ukuze ayobaqinisa. (IzEnzo 15:36) Ababonisi abajikelezayo banesifiso esifanayo nanamuhla.

Basuke bezosikhuthaza. Umbonisi wesifunda uhambela amabandla angaba ngu-20 ngonyaka, awahambele kabili ngonyaka, achithe isonto lonke ebandleni ngalinye. Umbonisi wesigodi uhambela izifunda ezingaba yishumi kanye ngonyaka, ehambela amabandla futhi ekhonza njengosihlalo wayo yonke imihlangano yesifunda. Kuningi esingakuzuza kokuhlangenwe nakho kwalaba bazalwane nomkabo uma beshadile. Bazama ukwazi bonke abantu, abancane nabadala, futhi bayathanda ukuhamba nathi ensimini nasezifundweni zethu zeBhayibheli. Laba babonisi benza ukuhambela kokwalusa nabadala, futhi ukuze basiqinise, babeka izinkulumo ezikhuthazayo emihlanganweni emincane nemikhulu.IzEnzo 15:35.

Babonisa isithakazelo kubo bonke. Ababonisi abajikelezayo bayathanda ukwazi isimo esingokomoya samabandla. Bahlangana nabadala nezinceku ezikhonzayo ukuze bahlole intuthuko eyenziwe futhi babanike iseluleko esizobasiza benze izabelo zabo. Basiza amaphayona ukuba aphumelele enkonzweni futhi kuyabajabulisa ukwazi abasanda kuhlanganyela bezwe nangentuthuko yabo. Bonke laba bazalwane bazinikela ngokuzithandela ‘njengezisebenzi esikanye nazo ukuze kuzuze thina.’ (2 Korinte 8:23) Kufanele silingise ukholo lwabo nokuzinikela kwabo kuNkulunkulu.—Hebheru 13:7.

  • Kungani ababonisi abajikelezayo behambela amabandla?

  • Ungazuza kanjani lapho sihanjelwe yilaba babonisi?