Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 19

Singubani Isigaba Senceku Ethembekile Neqondayo?

Singubani Isigaba Senceku Ethembekile Neqondayo?

Sonke siyazuza ekudleni kwethu okungokomoya

Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu waba nengxoxo ngasese nabafundi bakhe abane—uPetru, uJakobe, uJohane kanye no-Andreya. Njengoba uJesu ayebikezela isibonakaliso sokuba khona kwakhe ezinsukwini zokugcina, wabuza umbuzo obalulekile: “Ngubani ngempela oyinceku ethembekileyo neqondayo emiswe inkosi yayo phezu kwabendlu yayo, ukuze ibanike ukudla kwabo ngesikhathi esifanele?” (Mathewu 24:3, 45; Marku 13:3, 4) UJesu wayeqinisekisa abafundi bakhe ngokuthi ‘njengenkosi’ yabo, wayezomisa labo ababezonika abalandeli bakhe ukudla okungokomoya ngokuqhubekayo phakathi nesikhathi sokuphela. Obani ababeyokwakha lesi sigaba senceku?

Bangabalandeli bakaJesu beqiniso abagcotshwe ngomoya. Le “nceku” inikeza abakhulekeli bakaJehova ekanye nabo ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi. Sithembele kulesi sigaba senceku ethembekile ukuba siqhubeke sisinika ‘isilinganiso sethu sokudla ngesikhathi esifanele.’—Luka 12:42.

Banakekela indlu kaNkulunkulu. (1 Thimothewu 3:15) UJesu wanika isigaba senceku umthwalo osindayo wokunakekela umsebenzi wengxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova—sinakekela izinto zayo ezibonakalayo, siqondise umsebenzi wokushumayela, futhi sifundise nathi emabandleni ethu. Ngakho ukuze isinike esikudingayo, “inceku ethembekileyo neqondayo” ikhipha ukudla okungokomoya ngezincwadi esizisebenzisa lapho sishumayela nangezinkulumo esizithola emihlanganweni emincane nemikhulu.

Isigaba senceku sithembekile emaqinisweni eBhayibheli nasemsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle, futhi singesiqondayo endleleni esinakekela ngayo impahla kaKristu ngokuhlakanipha lapha emhlabeni. (IzEnzo 10:42) UJehova ubusisa umsebenzi waso ngokwanda nangenala yokudla okungokomoya.—Isaya 60:22; 65:13.

  • Ubani owamiswa uJesu ukuba anike abafundi bakhe ukudla okungokomoya?

  • Kusho ukuthini ukuthi isigaba senceku sithembekile futhi singesiqondayo?