Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 21

Iyini IBethel?

Iyini IBethel?

UMnyango Wokudweba, e-U.S.A.

EJalimane

EKenya

EColombia

Igama elithi Bethel yigama lesiHebheru elisho ukuthi “iNdlu KaNkulunkulu.” (Genesise 28:17, 19) Leli yigama elifanelekayo lezakhiwo ezakhiwe oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, ezisetshenziselwa ukuqondisa nokusekela umsebenzi wokushumayela. INdikimba Ebusayo ikhonza endlunkulu eseNew York State, e-U.S.A., futhi ilapho, iqondisa umsebenzi wamahhovisi egatsha emazweni amaningi. Njengeqembu, labo abakhonza kulezi zakhiwo babizwa ngokuthi umkhaya waseBethel. Njengomkhaya, bahlala futhi basebenze ndawonye, badle ndawonye futhi bafunde iBhayibheli ndawonye ngobunye.—IHubo 133:1.

Yindawo ekhethekile enamalungu omkhaya azinikela ngokuzithandela. Kuzo zonke izakhiwo zaseBethel, kunamadoda nabesifazane abangamaKristu abazinikele ukwenza intando kaNkulunkulu nokusebenzela izithakazelo zoMbuso isikhathi esigcwele. (Mathewu 6:33) Akekho noyedwa kubo okhokhelwayo noma oholelwayo, kodwa bonke banikwa indawo yokuhlala nokudla kanye nemadlana encane ukuze bakwazi ukunakekela izidingo zabo. Wonke umuntu eBethel unomsebenzi awenzayo, abanye basebenza emahhovisi, ekhishini noma egunjini lokudlela. Abanye basebenza emishinini yokunyathelisa, abanye elondolo, abanye bahlanza izindlu zokuhlala, abanye banakekele izakhiwo noma benze okunye.

Yindawo ematasa esekela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Injongo eyinhloko yawo wonke amakhaya aseBethel ukwenza iqiniso leBhayibheli litholwe abantu abaningi kakhulu. Le ncwajana ingesinye sezibonelo zalokho. Ibhalwe ngaphansi kwesiqondiso seNdikimba Ebusayo, yathunyelwa nge-Internet kubahumushi abaningi emhlabeni, yanyatheliswa ngemishini enesivinini esikhulu esezakhiweni zokunyathelisa emaBethel amaningi, ekugcineni yathunyelwa emabandleni angaphezu kuka-100 000. Kuzo zonke lezi zigaba, imikhaya yaseBethel yenza imisebenzi esekela umsebenzi ophuthuma kunayo yonke—ukushumayela izindaba ezinhle.—Marku 13:10.

  • Obani abakhonza eBethel futhi banakekelwa kanjani?

  • Yimuphi umsebenzi ophuthumayo osekelwa imikhaya yaseBethel?