Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 22

Kwenziwani Ehhovisi Legatsha?

Kwenziwani Ehhovisi Legatsha?

ESolomon Islands

ECanada

ENingizimu Afrika

Amalungu omkhaya waseBethel akhonza eminyango ehlukahlukene enakekela umsebenzi wokushumayela ezweni elilodwa noma ngaphezulu. Angase akhonze emnyango wabahumushi, anyathelise omagazini, ahlanganise izincwadi, agcine izincwadi nomagazini, enze izinto ezinjengama-CD nama-DVD noma enze eminye imisebenzi ethinta izindawo ezingaphansi kwalelo gatsha.

IKomiti Yegatsha yengamela wonke umsebenzi. INdikimba Ebusayo iphathise iKomiti Yegatsha ukuba iqondise ukusebenza kwehhovisi legatsha ngalinye. Le komiti yakhiwa abadala abafanelekayo abathathu noma ngaphezulu. Yazisa iNdikimba Ebusayo ngentuthuko eyenziwa ezweni ngalinye elingaphansi kweso layo nangezinkinga ezingase zivele. Imibiko enjalo isiza iNdikimba Ebusayo ukuba inqume ukuthi iziphi izihloko okufanele kukhulunywe ngazo ezincwadini nasemihlanganweni yebandla nakwemikhulu. Abameleli beNdikimba Ebusayo ababizwa ngokuthi ababonisi bamagatsha bathunywa njalo ukuba bahambele amagatsha banikeze iKomiti Yegatsha isiqondiso sokwenza izabelo zayo. (IzAga 11:14) Kuhlelwa umhlangano okhethekile ukuze umbonisi wamagatsha ethule inkulumo yokukhuthaza amabandla angaphansi kwegatsha.

Kusekelwa amabandla asensimini yegatsha. Abazalwane abaqondisayo ehhovisi legatsha bagunyaza ukumiswa kwamabandla amasha nokumiswa kwabadala nezinceku ezikhonzayo. Abazalwane baphinde baqondise imisebenzi yamaphayona, izithunywa zevangeli nababonisi abajikelezayo abakhonza ensimini yegatsha. Bahlela imihlangano emikhulu, baqondise ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso amasha, baqikelele nokuthi izincwadi zithunyelwa emabandleni ngokwezidingo zawo. Konke okwenziwa egatsheni kwenza ukuba umsebenzi wokushumayela wenziwe ngendlela ehlelekile.—1 Korinte 14:33, 40.

  • AmaKomiti Egatsha ayisiza kanjani iNdikimba Ebusayo?

  • Imiphi imisebenzi eyenziwa ehhovisi legatsha?