Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 24

Ivelaphi Imali Yokusekela Umsebenzi Wethu Womhlaba Wonke?

Ivelaphi Imali Yokusekela Umsebenzi Wethu Womhlaba Wonke?

ENepal

ETogo

EBrithani

Inhlangano yethu inyathelisa futhi isakaze izigidi ezingamakhulu zamaBhayibheli nezinye izincwadi unyaka ngamunye ngaphandle kwenkokhiso. Sakha futhi sinakekele amaHholo OMbuso namahhovisi egatsha. Sisekela izinkulungwane zezikhonzi zaseBethel nezithunywa zevangeli, futhi sinikeza usizo ngezikhathi zezinhlekelele. Ngakho ungase uzibuze, ‘Ivelaphi imali yokwenza konke lokhu?’

Asibakhiphisi abantu okweshumi, asibakhokhisi, noma siqoqe inkongozelo. Nakuba kubiza ukusekela umsebenzi wethu wokushumayela, asiyiceli imali. Eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule, INqabayokulinda yesibili yathi sikholelwa ukuthi uJehova nguye osisekelayo nokuthi “asisoze sacela noma sanxusa usizo lomuntu”—futhi asikaze!—Mathewu 10:8.

Imisebenzi yethu isekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Abantu abaningi bayawuthanda kakhulu umsebenzi wethu wokufundisa iBhayibheli futhi bawusekela ngeminikelo. OFakazi nabo banikela ngenjabulo ngesikhathi sabo, amandla, izimali kanye nokunye ukuze intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni wonke. (1 IziKronike 29:9) EHholo LoMbuso kunamabhokisi eminikelo futhi abathanda ukunikela bangafaka kuwo. Iminikelo eminingi ivela kubantu abaphansi abafana nomfelokazi ompofu uJesu akhuluma kahle ngaye, owaphonsa izinhlamvu zemali ezimbili ezincane ebhokisini lomnikelo ethempelini. (Luka 21:1-4) Ngakho noma ubani angakwazi ‘ukubeka eceleni okuthile’ anganikela ngakho njalo “njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe.”—1 Korinte 16:2; 2 Korinte 9:7.

Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka ethinta izinhliziyo zalabo abafuna ‘ukumdumisa ngezinto zabo zenani elikhulu’ besekela umsebenzi woMbuso ukuze intando yakhe yenzeke.—IzAga 3:9.

  • Yini eyenza inhlangano yethu yehluke kwezinye izinkolo?

  • Iminikelo yokuzithandela isetshenziswa kanjani?