Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 26

Singasiza Kanjani Ekunakekeleni IHholo Lethu LoMbuso?

Singasiza Kanjani Ekunakekeleni IHholo Lethu LoMbuso?

E-Estonia

EZimbabwe

EMongolia

EPuerto Rico

Wonke amaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova anegama likaNkulunkulu elingcwele. Ngakho, sinomuzwa wokuthi ukuhlanganyela ekugcineni isakhiwo sihlanzekile, sibukeka kahle futhi sisesimweni esihle kuyilungelo nengxenye ekhethekile yenkonzo yethu engcwele. Sonke singafaka isandla.

Ngemva kwemihlangano, hlanganyela ekuhlanzeni iHholo. Njalo ngemva kwemihlangano, abazalwane nodade bacosha udoti, baqoqe kahle izinto eHholo LoMbuso. Kanye ngesonto, iHholo liyahlanzisiswa. Umdala noma inceku ekhonzayo iqondisa umsebenzi, ngokuvamile ilandela uhlu olubhaliwe lwezinto okufanele zenziwe. Kuye ngesidingo, abanye bayashanela, abanye bakolobhe noma bashanele ngomshini, basuse izintuli, babeke kahle izihlalo, bahlanze izindlu zangasese ngezibulala-magciwane, bageze amafasitela nezibuko, bachithe udoti, basuse ukhula noma balungise ingadi. Okungenani kanye ngonyaka, kubekelwa eceleni usuku olukhethekile lokukhuculula. Ngokwabela nabantwana imisebenzi ethile, sibafundisa ukuba bahloniphe indawo yethu yokukhulekela.—UmShumayeli 5:1.

Siza ngokulungisa noma yini eyonakele. Unyaka ngamunye iHholo LoMbuso lihlolwa ngokucophelela ngaphandle nangaphakathi. Kuye ngokwalokho okutholwe ngesikhathi lihlolwa, libe selilungiswa njalo ukuze ligcinwe lisesimweni esihle, okuyinto enciphisa izindleko. (2 IziKronike 24:13; 34:10) IHholo LoMbuso elihlanzekile nelinakekelwa kahle liyindawo efanelekayo yokukhulekela uNkulunkulu wethu. Ngokufaka isandla kulo msebenzi, sibonisa ukuthi simthanda kangakanani uJehova nendawo esikhulekela kuyo. (IHubo 122:1) Lokhu kusenza sihlonipheke nasemphakathini.—2 Korinte 6:3.

  • Kungani kufanele siyinake indawo yethu yokukhulekela?

  • Yimaphi amalungiselelo enziwayo ukuze sigcine iHholo LoMbuso lihlanzekile?