Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 27

Umtapo Wezincwadi WaseHholo LoMbuso Ungasizuzisa Kanjani?

Umtapo Wezincwadi WaseHholo LoMbuso Ungasizuzisa Kanjani?

E-Israel

ECzech Republic

EBenin

ECayman Islands

Ingabe ungathanda ukucwaninga ukuze wandise ulwazi lwakho lweBhayibheli? Ingabe ufuna ukwazi ngomBhalo othile, umuntu, indawo noma okuthile okuvela eBhayibhelini? Noma uke wazibuza yini ukuthi iZwi LikaNkulunkulu lingakusiza ngento ethile ekukhathazayo? Uma kunjalo, vakashela umtapo wezincwadi oseHholo LoMbuso.

Usinikeza amathuluzi awusizo okucwaninga. Cishe awunazo zonke izincwadi zeBhayibheli zoFakazi BakaJehova ezitholakala ngolimi lwakho. Kodwa umtapo oseHholo LoMbuso unezincwadi eziningi ezisanda kunyatheliswa. Ungase ube nezinguqulo ezihlukahlukene zeBhayibheli, isichazamazwi esikahle nezinye izincwadi eziwusizo. Ukhululekile ukuwusebenzisa ngaphambi nangemva kwemihlangano. Uma kune-computer, kungenzeka ine-Watchtower Library. Lolu uhlelo olufakwe kuyi-computer olunezincwadi zethu eziningi kakhulu futhi kulula ukulisebenzisa lapho ufuna ukufunda ngesihloko esithile, igama noma umBhalo.

Uwusizo kubafundi beSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Uma ubhalisile kulesi sikole, ungakwazi ukusebenzisa umtapo waseHholo LoMbuso lapho ulungiselela izinkulumo zakho. Umqhubi wesikole nguye onakekela umtapo. Kumelwe aqikelele ukuthi izincwadi zakamuva zikhona futhi zibekwe kahle. Umqhubi wesikole noma okufundelayo angakubonisa ukuthi ungakuthola kanjani ukwaziswa okudingayo. Akufanele siphume nalezi zincwadi eHholo LoMbuso. Kufanele siziphathe kahle singazingcolisi futhi singazibhali.

IBhayibheli lithi ukuze sithole “ulwazi ngoNkulunkulu” kumelwe sizimisele ukulufuna ‘njengokungathi sihlwaya ingcebo efihliweyo.’ (IzAga 2:1-5) Umtapo waseHholo LoMbuso ungakusiza uqale ukufuna lolo lwazi.

  • Yimaphi amathuluzi okucwaninga ongawathola emtatsheni waseHholo LoMbuso?

  • Ubani ongakusiza ukuba uzuze ngokugcwele emtatsheni?