Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 28

Yini Ongayithola Engosini Yethu Ye-Internet?

Yini Ongayithola Engosini Yethu Ye-Internet?

EFrance

EPoland

ERussia

UJesu Kristu wathi kubafundi bakhe: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:16) Ngokuvumelana nala mazwi, sisebenzisa ubuchwepheshe banamuhla ngokunenzuzo, kuhlanganise ne-Internet. Ingosi yethu engokomthetho ye-Internet ethi www.pr418.com, iyona ndawo okukhulunywa ngayo ngezinkolelo nemisebenzi yoFakazi BakaJehova. Iquketheni?

Izimpendulo zeBhayibheli zemibuzo evame ukubuzwa. Ungathola izimpendulo zemibuzo ebalulekile abantu abake bayibuza. Izimpendulo zemibuzo enjalo eyisithupha ungazithola epheshaneni elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? elitholakala kuyo i-Internet ngezilimi ezingaba ngu-400. Ungathola ne-Nguqulo Yezwe Elisha ngezilimi eziningi kanye nezinsiza-kufundisa zeBhayibheli, ezihlanganisa nencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? nomagazini bamuva be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Eziningi zalezi zincwadi ungazifunda noma uzilalele kuyi-Internet, noma ungazithatha kuyi-Internet uzilalele, uziprinte, noma uzifunde kumakhalekhukhwini wakho. Ungaze uprinte namakhasi ambalwa encwadi ethile ukuze uwafunde nomuntu ngolimi lwakhe! Kwenziwe nama-DVD ngezilimi zezandla eziningi. Kuyi-Internet ungathatha ukufundwa kweBhayibheli okusadrama, amadrama eBhayibheli nomculo omnandi ongawulalela lapho uziphumulele.

Amaqiniso ngoFakazi BakaJehova. Uzothola nezindaba zakamuva kanye nama-video amayelana nomsebenzi wethu womhlaba wonke, izenzakalo ezithinta oFakazi BakaJehova nemizamo yethu yokusiza lapho kuvele izinhlekelele. Ungathola izimemezelo zemihlangano emikhulu ezayo nendlela ongathintana ngayo namahhovisi egatsha.

Ngokusebenzisa lezi zindlela, senza ukukhanya kweqiniso kukhanye ngisho nasezindaweni ezikude kakhulu zomhlaba. Abantu kuwo wonke amazwekazi, kuhlanganise ne-Antarctica, bayazuza. Sithandazela ukuba “izwi likaJehova liqhubeke lihamba ngokushesha” liye kuwo wonke umhlaba, kube udumo kuNkulunkulu.—2 Thesalonika 3:1.

  • Ingosi ethi www.pr418.com ibasiza kanjani abantu ukuba bafunde iqiniso leBhayibheli?

  • Yini ongathanda ukuyihlola engosini yethu ye-Internet?