Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 4

Yenza Ubaba Wayo NoJehova Bajabula

Yenza Ubaba Wayo NoJehova Bajabula

Yisiphi isithembiso uJefta asenza kuJehova?

Kwakungelula, kodwa indodakazi kaJefta yenza lokho ubaba wayo ayekuthembisile

Uyayibona le ntombazane esesithombeni?— Igama likababa wayo uJefta. IBhayibheli alisitsheli igama layo, kodwa siyazi ukuthi yenza ubaba wayo noJehova bajabula. Ake sifunde ngayo nobaba wayo uJefta.

UJefta wayeyindoda elungile. Wachitha isikhathi esiningi efundisa indodakazi yakhe ngoJehova. Wayeyindoda enamandla nomholi omuhle. Ngenxa yalokho, ama-Israyeli amcela ukuba awahole lapho eyokulwa nezitha zawo.

UJefta wathandaza wacela usizo lukaNkulunkulu ukuze anqobe. UJefta wenza isithembiso sokuthi uma enqoba, umuntu wokuqala owayezophuma endlini lapho ebuyela ekhaya wayezonikela ngaye kuJehova. Lowo muntu wayezohlala futhi asebenze etabernakele likaNkulunkulu ukuphila kwakhe konke. Itabernakele kwakuyindawo abantu ababekhulekela kuyo uNkulunkulu ngaleso sikhathi. UJefta wanqoba empini! Lapho ebuyela ekhaya, uyazi ukuthi ubani owaphuma kuqala endlini?—

Njalo ngonyaka, abangane bendodakazi kaJefta babeyivakashela

Yebo, kwakuyindodakazi kaJefta! Wayengenayo enye ingane ngaphandle kwale, manje uJefta kwase kufanele ayihambise. Wezwa ubuhlungu obukhulu. Kodwa khumbula, wayenze isithembiso. Ngaso leso sikhathi, indodakazi yakhe yathi: ‘Baba, wenze isithembiso kuJehova, ngakho kumelwe usigcine.’

Indodakazi kaJefta nayo yezwa ubuhlungu. Uma isihlala etabernakele yayingeke ishade futhi ibe nabantwana. Kodwa yayifuna ngempela ukugcina isithembiso esasenziwe ubaba wayo nokwenza uJehova ajabule. Lokho kwakubaluleke kakhulu kuyo kunokushada nokuba nabantwana. Ngakho, yahamba ekhaya yayohlala etabernakele ukuphila kwayo konke.

Ucabanga ukuthi lokho eyakwenza kwamjabulisa ubaba wayo noJehova?— Yebo, kwabajabulisa! Uma ulalela futhi uthanda uJehova, nawe ungafana nendodakazi kaJefta. Nawe ungabajabulisa kakhulu abazali bakho noJehova.