Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 7

Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?

Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?

Awubuke lo mfana omncane osesithombeni. Ubukeka enesizungu futhi esaba, akunjalo? Wake wazizwa kanjalo wena?— Bonke abantu bayazizwa kanjalo ngezikhathi ezithile. IBhayibheli likhuluma ngabangane bakaJehova abazizwa benesizungu futhi besaba. Omunye wabo kwakungu-Eliya. Ake sifunde ngaye.

UJezebeli wayefuna ukubulala u-Eliya

U-Eliya wayehlala kwa-Israyeli eminyakeni eminingi edlule, ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu. U-Ahabi wayeyinkosi yakwa-Israyeli futhi engamkhulekeli uNkulunkulu weqiniso, uJehova. U-Ahabi nenkosikazi yakhe, uJezebeli, babekhulekela unkulunkulu wamanga, uBhali. Ngakho iningi labantu kwa-Israyeli laqala ukukhulekela uBhali. INdlovukazi uJezebeli yayinenhliziyo embi kakhulu futhi ifuna ukubulala bonke abantu abakhulekela uJehova, kuhlanganise no-Eliya! Uyazi ukuthi wenzani u-Eliya?—

U-Eliya wabaleka! Waya ehlane elikude, wafike wacasha emhumeni. Ucabanga ukuthi kungani abaleka?— Yebo, wayesaba. Kodwa kwakungafanele esabe u-Eliya. Kungani? Ngoba wayazi ukuthi uJehova angamsiza. UJehova wayembonisile amandla akhe u-Eliya ngaphambili. Ngesinye isikhathi uJehova waphendula umthandazo ka-Eliya ngokuthumela umlilo uvela ezulwini. Ngakho uJehova wayengamsiza ngempela u-Eliya namanje!

UJehova wamsiza kanjani u-Eliya?

Ngesikhathi u-Eliya esemhumeni, uJehova wakhuluma naye wambuza: ‘Wenzani lapha?’ U-Eliya waphendula: ‘Kusele mina ngedwa kubantu abakukhulekelayo. Yimina ngedwa futhi ngesaba ukuthi ngizobulawa.’ U-Eliya wayecabanga ukuthi bonke abakhulekeli bakaJehova babebulewe. Kodwa uJehova wathi ku-Eliya: ‘Cha, akulona iqiniso lelo. Kunabanye abantu abangu-7 000 abasangikhulekela. Yiba nesibindi. Nginomsebenzi omningi okufanele ungenzele wona!’ Ucabanga ukuthi u-Eliya wajabula uma ezwa lokho?—

Yini oyifundayo kulokho okwenzeka ku-Eliya?— Akumelwe neze uzizwe unesizungu futhi wesaba. Unabangane abathanda uJehova nabakuthandayo. Ngaphezu kwalokho, uJehova unamandla amakhulu futhi uzokusiza ngaso sonke isikhathi! Uyajabula yini ngokwazi ukuthi akwenzeki ube wedwa ngempela?—

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO