Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 9

UJeremiya Akayekanga Ukukhuluma NgoJehova

UJeremiya Akayekanga Ukukhuluma NgoJehova

Kungani abantu becasukele uJeremiya?

UJehova wasindisa uJeremiya

Ngezinye izikhathi abantu bahlekisa ngathi noma basicasukele lapho sikhuluma nabo ngoJehova. Lokhu kungasenza sifune ukuyeka ukukhuluma ngoNkulunkulu. Wake wazizwa kanjalo?— IBhayibheli lisitshela ngensizwa eyayithanda uJehova kodwa eyacishe yayeka ukukhuluma ngaye. Igama layo kwakunguJeremiya. Masifunde okwengeziwe ngayo.

Lapho uJeremiya eseyinsizwa, uJehova wamtshela ukuthi kwakufanele axwayise abantu ukuba bayeke ukwenza izinto ezimbi. Lokhu kwakunzima kakhulu kuJeremiya futhi wayesaba. Wathi kuJehova: ‘Angazi ukuthi ngizothini. Ngisewumfana nje.’ Kodwa uJehova wathi: ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’

Ngakho uJeremiya waqala ukuxwayisa abantu ngokuthi bazojeziswa uma bengashintshi. Ucabanga ukuthi abantu bamlalela uJeremiya?— Cha. Bahlekisa ngaye futhi bamcasukela kakhulu. Abanye baze bafuna ngisho nokumbulala! Ucabanga ukuthi uJeremiya wazizwa kanjani?— Wayesaba futhi wathi: ‘Ngeke ngiphinde ngikhulume ngoJehova.’ Kodwa ingabe wayeka ngempela?— Cha, akayekanga. Wayemthanda kakhulu uJehova kangangokuba akayekanga ukukhuluma ngaye. Futhi ngenxa yokuthi uJeremiya akayekanga, uJehova wamgcina ephephile.

Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi amadoda amabi aphonsa uJeremiya emgodini omude ogcwele udaka. Wayengenakho ukudla namanzi. Lawo madoda ayefuna uJeremiya afele lapho. Kodwa ngosizo lukaJehova wakwazi ukuphunyuka!

Yini oyifundayo esibonelweni sikaJeremiya?— Nakuba ayesaba ngezinye izikhathi, akayekanga ukukhuluma ngoJehova. Lapho ukhuluma ngoJehova, abantu bangase bahlekise ngawe noma bakucasukele. Ungazizwa uphoxekile noma wesaba. Kodwa ungalokothi uyeke ukukhuluma ngoJehova. Uyokusiza njalo, njengoba asiza uJeremiya.