Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 10

UJesu Wayelalela Ngaso Sonke Isikhathi

UJesu Wayelalela Ngaso Sonke Isikhathi

Kulula yini ukulalela abazali bakho ngaso sonke isikhathi?— Ngezinye izikhathi akulula. Bewazi ukuthi uJesu walalela uJehova nabazali bakhe?— Isibonelo sakhe singakusiza ukuba ulalele abazali bakho ngisho noma kungelula. Ake sizwe okwengeziwe ngalokhu.

Ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, wayehlala noBaba wakhe, uJehova, ezulwini. Kodwa uJesu wayenabazali nalapha emhlabeni. Igama likababa wakhe kwakunguJosefa, elikamama wakhe kunguMariya. Uyazi ukuthi baba kanjani abazali bakhe?—

UJehova wathatha ukuphila kukaJesu ezulwini wakufaka ngaphakathi kuMariya. UJehova wayefuna ukuba uJesu azalelwe emhlabeni futhi aphile kuwo. Kwakuyisimangaliso lesi! UJesu wakhula ngaphakathi kuMariya njengoba nabanye abantwana bekhula ngaphakathi komama babo. Ngemva kwezinyanga ezingu-9, uJesu wazalwa. UMariya nomyeni wakhe uJosefa baba kanjalo abazali bakaJesu balapha emhlabeni.

Lapho uJesu eneminyaka engu-12 nje kuphela, wenza into eyabonisa ukuthi wayemthanda kakhulu uBaba wakhe uJehova. Leyo nto yenzeka ngesikhathi uJesu nomndeni wakubo bethathe uhambo olude beya ePhasikeni eJerusalema. Ngesikhathi sebebuyela ekhaya, uJosefa noMariya bacinga uJesu kodwa bangamthola. Uyazi ukuthi wayekuphi?—

UJesu wayenzani ethempelini?

UJosefa noMariya bashesha baphindela eJerusalema. Bafike bacinga uJesu yonke indawo. Baphatheka kabi ngoba babengamtholi. Kodwa ngemva kwezinsuku ezintathu, bamthola ethempelini! Uyazi ukuthi kungani uJesu ayesethempelini?— Yingoba ethempelini wayefunda ngoBaba wakhe, uJehova. Wayemthanda uJehova futhi efuna ukufunda ukuthi angamjabulisa kanjani. Ngisho nalapho ekhula futhi eba indoda, uJesu walalela uJehova ngaso sonke isikhathi. Wayelalela ngisho noma kungelula ukulalela, ngisho noma kwakuzodingeka ahlupheke ngenxa yokulalela. UJesu wabalalela yini abazali bakhe uJosefa noMariya?— Yebo, iBhayibheli lithi wabalalela.

Yini oyifundayo esibonelweni sikaJesu?— Kumelwe ulalele abazali bakho, ngisho noma kungelula. Uzokwenza lokho?—

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO