Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 14

UMbuso Oyobusa Umhlaba Wonke

UMbuso Oyobusa Umhlaba Wonke

Ungaqagela ukuthi yimuphi lo Mbuso esikhuluma ngawo?— Yebo, uMbuso kaNkulunkulu, uMbuso ozokwenza lo mhlaba ube ipharadesi. Ungathanda ukuzwa okwengeziwe ngalo Mbuso?—

Yonke imibuso inenkosi. Futhi inkosi ibusa abantu abahlala ezweni layo. Uyazi ukuthi ubani iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu?— UJesu Kristu. Uhlala ezulwini. Ngokushesha nje uzobusa bonke abantu abasemhlabeni! Ucabanga ukuthi kuyoba mnandi lapho uJesu esebusa wonke umhlaba?—

Yini othanda ukuyibona ePharadesi?

Siyojabula kakhulu! EPharadesi, abantu ngeke baphinde balwe futhi ngeke baye empini. Bonke abantu bayothandana. Akekho oyogula noma afe. Izimpumputhe ziyobona. Izithulu ziyokuzwa. Abangakwazi ukuhamba bayogijima bagxume. Kuyobe kukuningi ukudla. Izilwane ngeke zilumane zodwa futhi ngeke zisilume nathi. Abantu abafileyo bayovuswa. Obaba nomama abaningi ofunde ngabo kule ncwajana, njengoRebheka, uRahabi, uDavide no-Eliya nabo bayovuswa! Ungathanda ukubabona lapho bevuswa?—

UJehova uyakuthanda futhi ufuna ujabule. Uma uqhubeka ufunda ngaye futhi umlalela, uyophila phakade epharadesi elihle! Uyakufuna lokho?—