Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 1

“UMbuso Wakho Mawuze”

“UMbuso Wakho Mawuze”

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

Ukuhlola lokho uJesu akufundisa ngoMbuso kaNkulunkulu

1, 2. Yimaphi amazwi ashiwo uJehova kubaphostoli bakaJesu abathathu, futhi basabela kanjani?

UKUBE uJehova uNkulunkulu ubengakucela ukuba wenze okuthile, ubungenzenjani? Noma yini abengakucela ukuba uyenze, ubungeke yini ushe amashushu uyenze? Ngokuqinisekile bekungaba njalo!

2 Ngemva kwesikhathi esithile kudlule iPhasika lika-32 C.E., abathathu kubaphostoli bakaJesu—uPetru, uJakobe noJohane—babhekana nesimo esifanayo. (Funda uMathewu 17:1-5.) Lapho beneNkosi yabo “entabeni ephakeme,” babona embonweni ukubonakaliswa kusengaphambili kukaJesu eyiNkosi yasezulwini ekhazimulayo. Lo mbono wabonakala ungokoqobo kangangokuba uPetru wazama ukuba nengxenye kuwo. Ngenkathi uPetru esakhuluma, basitshekelwa yifu. Ngemva kwalokho uPetru nayenabo bezwa ngokucacile into okungabambalwa kuphela abake baba nelungelo lokuyizwa—izwi likaJehova. Ngemva kokubaqinisekisa ngokuthi uJesu uyiNdodana yakhe, uJehova walimisa ngesihloko, wathi: “Mlaleleni.” Abaphostoli basilalela leso siqondiso saphezulu. Bakulalela okwakufundiswa uJesu futhi banxusa nabanye ukuba benze okufanayo.IzE. 3:19-23; 4:18-20.

UJesu wakhuluma kakhulu ngoMbuso kaNkulunkulu kunanganoma yini enye

3. Kungani uJehova efuna silalele iNdodana yakhe, futhi yini okukuhle ukuba siyihlole?

3 Lawo mazwi athi “Mlaleleni” alotshwa eBhayibhelini ukuze sizuze. (Roma 15:4) Kungani? Kungoba uJesu ungumkhulumeli kaJehova futhi ngaso sonke isikhathi lapho uJesu efundisa, wayefundisa lokho uYise ayefuna sikwazi. (Joh. 1:1, 14) Ngenxa yokuthi uJesu wakhuluma kakhulu ngoMbuso kaNkulunkulu ngaphezu kwanoma yisiphi esinye isihloko, kuhle siyihlole ngokucophelela le ndaba esemqoka. Lo Mbuso uwuhulumeni wasezulwini kaMesiya owakhiwa nguye uKristu Jesu kanye nabusa nabo abangu-144 000. (IsAm. 5:9, 10; 14:1-3; 20:6) Ngaphambi kwalokho, ake siqale sihlole ukuthi kungani uJesu akhuluma kakhulu kangaka ngoMbuso kaNkulunkulu.

“Ngokuchichima Kwenhliziyo . . . ”

4. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uwukhathalela ngokujulile uMbuso?

4 UJesu uwukhathalela ngokujulile uMbuso. Kungani singasho kanjalo? Kungoba amazwi abonisa lokho okusezinhliziyweni zethu—okusho ukuthi esikushoyo kwembula lokho okubaluleke ngempela kithi. UJesu naye wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Math. 12:34) Noma nini lapho kuvela ithuba, uJesu wayekhuluma ngoMbuso. Zingaphezu kwekhulu izikhathi okukhulunywa ngazo ngoMbuso emaVangelini amane, iningi lazo kwakukhuluma uJesu. Lapho eshumayela, isihloko sakhe kwakuwuMbuso, ethi: “Nakweminye imizi kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) Ngisho nangemva kokuvuswa kwakhe, uJesu waqhubeka ekhuluma ngoMbuso kubafundi bakhe. (IzE. 1:3) Ngokuqinisekile inhliziyo kaJesu yayichichima ukwazisa ngoMbuso, okwakumphoqa ukuba akhulume ngawo.

5-7. (a) Sazi kanjani ukuthi uJehova uwukhathalela ngokujulile uMbuso? Fanekisa. (b) Singabonisa kanjani ukuthi siwukhathalela ngokujulile uMbuso?

5 UJehova naye uwukhathalela ngokujulile uMbuso. Sikwazi kanjani lokho? Khumbula, uJehova wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni; konke eyakusho neyakufundisa kwakuvela kuye uJehova. (Joh. 7:16; 12:49, 50) Konke okulotshwe emaVangelini amane ngokuphila kukaJesu nenkonzo yakhe nakho kuvela kuJehova. Cabanga ngokuthi kusho ukuthini lokho.

Ngamunye kithi kuhle azibuze, ‘Ngiwukhathalela ngokujulile yini uMbuso kaNkulunkulu?’

6 Ake sithi ufaka izithombe zomndeni kuyi-albhamu. Ziningi izithombe ongakhetha kuzo, kodwa i-albhamu ngeke ikwazi ukuzithatha zonke. Ungenzenjani? Ungakhetha ukuthi yiziphi ozozifaka. Ngomqondo othile, amaVangeli afana nale albhamu, asinika isithombe esicacile ngoJesu. UJehova akabaphefumulelanga abalobi bamaVangeli ukuba balobe konke uJesu akusho nakwenza ngesikhathi elapha emhlabeni. (Joh. 20:30; 21:25) Kunalokho, umoya kaJehova wabaqondisa ukuba lapho beloba lokho uJesu akusho nakwenza, kube yilokho okusisiza siqonde injongo yenkonzo kaJesu nalokho okubaluleke kakhulu kuJehova. (2 Thim. 3:16, 17; 2 Pet. 1:21) Ngenxa yokuthi amaVangeli agcwele izimfundiso zikaJesu ezimayelana noMbuso kaNkulunkulu, singaphetha kufanele ngokuthi uJehova uwukhathalela ngokujulile uMbuso. Cabanga nje—uJehova ufuna sazi ngoMbuso wakhe!

7 Ngamunye wethu kuhle azibuze, ‘Ingabe ngiwukhathalela ngokujulile uMbuso kaNkulunkulu?’ Uma kunjalo, siyozimisela ukulalela lokho uJesu akusho nakufundisa mayelana nalowo Mbuso—ukubaluleka kwawo nokuthi uzofika nini futhi kanjani.

“Umbuso Wakho Mawuze”—Kanjani?

8. UJesu wakufingqa kanjani ukubaluleka koMbuso?

8 Cabanga ngomthandazo oyisibonelo. Ngamazwi alula nawobugagu, uJesu wafingqa ukubaluleka koMbuso, ebonisa lokho oyokufeza. Lowo mthandazo unezicelo ezingu-7. Ezokuqala ezintathu zikhuluma ngezinjongo zikaJehova—ukungcweliswa kwegama lakhe, ukuza koMbuso wakhe nokwenziwa kwentando yakhe emhlabeni njengasezulwini. (Funda uMathewu 6:9, 10.) Lezo zicelo ezintathu zihlobene eduze. UMbuso KaMesiya uyithuluzi uJehova ayongcwelisa ngalo igama lakhe, afeze ngalo intando yakhe.

9, 10. (a) Uyoza kanjani uMbuso kaNkulunkulu? (b) Yisiphi isithembiso seBhayibheli olangazelela ukusibona sigcwaliseka?

9 Uyoza kanjani uMbuso kaNkulunkulu? Lapho sithandaza sithi “Umbuso wakho mawuze,” sisuke sicela ukuba uMbuso wenze isenzo esiwujuqu. Lapho lo Mbuso ufika, uyoba namandla aphelele phezu komhlaba wonke. Uyosusa lesi simiso sezinto esonakele nabo bonke ohulumeni babantu, ulethe umhlaba omusha onokulunga. (Dan. 2:44; 2 Pet. 3:13) Kuyothi lapho uMbuso usubusa, wonke umhlaba ube ipharadesi. (Luka 23:43) Abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayobuyiselwa ekuphileni, babe nabathandekayo babo. (Joh. 5:28, 29) Abantu abalalelayo bayophelela futhi bathole ukuphila okuphakade. (IsAm. 21:3-5) Ekugcineni, emhlabeni kuyobe sekufana nasezulwini, okuyobe kubonisa intando kaJehova uNkulunkulu! Awulangazeleli yini ukubona lezo zithembiso zeBhayibheli zifezeka? Khumbula ukuthi njalo lapho uthandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze, usuke uthandazela ukuba lezo zithembiso eziyigugu zigcwaliseke.

10 Kusobala ukuthi uMbuso kaNkulunkulu awukafiki uzofeza lokho okushiwo umthandazo oyisibonelo. Phela ohulumeni babantu basabusa kanti nomhlaba omusha onokulunga awukafiki. Kepha zikhona izindaba ezinhle. Usumisiwe uMbuso kaNkulunkulu, kodwa sizoxoxa ngalokho esahlukweni esilandelayo. Okwamanje ake sihlole lokho uJesu akusho ngokuqondene nokuthi uMbuso wawuyomiswa nini nokuthi wawuyofika nini.

Wawuyomiswa Nini UMbuso KaNkulunkulu?

11. Yini uJesu ayibonisa ngokumiswa koMbuso kaNkulunkulu?

11 UJesu wabonisa ukuthi uMbuso wawungeke umiswe ekhulwini lokuqala C.E., naphezu kwalokho abanye babafundi bakhe ababekulindele. (IzE. 1:6) Cabanga ngalokho akusho emifanekisweni emibili engefani. Owesibili wawusho ingakapheli iminyaka emibili esho owokuqala.

12. Umfanekiso kakolweni nokhula ubonisa kanjani ukuthi uMbuso awumiswanga ekhulwini lokuqala C.E.?

12 Umfanekiso kakolweni nokhula. (Funda uMathewu 13:24-30.) Ngemva kokulandisa lo mfanekiso, mhlawumbe entwasahlobo ka-31 C.E., uJesu wawuchazela abafundi bakhe. (Math. 13:36-43) Nali iphuzu eliyinhloko lalo mfanekiso nencazelo yawo: Ngemva kokufa kwabaphostoli, uDeveli wayeyohlwanyela ukhula (amaKristu mbumbulu) phakathi kukakolweni (“abantwana boMbuso,” noma amaKristu agcotshiwe). Kokubili ukolweni nokhula kwakuyoyekwa kukhule ndawonye phakathi nenkathi yokukhula eyayiyoqhubeka kuze kube sekuvuneni, okusho “isiphelo sesimiso sezinto.” Ngemva kokuqala kwenkathi yokuvuna, kwakuyobuthwa ukhula. Ngemva kwalokho, kubuthwe ukolweni. Ngakho lo mfanekiso ubonisa ukuthi uMbuso wawungeke umiswe ekhulwini lokuqala C.E., kodwa ngemva kokuphela kwenkathi yokukhula. Inkathi yokukhula yaphela ngo-1914 futhi inkathi yokuvuna yaqala ngawo lowo nyaka.

13. UJesu wakufanekisa kanjani ukuthi wayengeke amiswe njengeNkosi EnguMesiya ngokushesha nje lapho ebuyela ezulwini?

13 Umfanekiso womina. (Funda uLuka 19:11-13.) UJesu walandisa lo mfanekiso ngo-33 C.E. esendleleni eya eJerusalema okokugcina. Abanye kwababemlalele babecabanga ukuthi ngokushesha nje lapho befika eJerusalema wayezomisa uMbuso. Ukuze alungise lowo mbono futhi abonise ukuthi kwakusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba kumiswe uMbuso, uJesu wazifanisa “nomuntu othile wozalo lwasebukhosini” ‘owaya ezweni elikude ukuze azitholele amandla obukhosi.’ * Endabeni kaJesu, ‘izwe elikude’ kwakuyizulu, lapho ayeyothola khona amandla kuYise njengeNkosi. Kepha uJesu wayazi ukuthi wayengeke amiswe njengeNkosi EnguMesiya ngokushesha nje lapho ebuyela ezulwini. Kunalokho, wayezohlala kwesokunene sikaNkulunkulu alinde kuze kube isikhathi esimisiwe. Walinda amakhulu amaningi eminyaka.IHu. 110:1, 2; Math. 22:43, 44; Heb. 10:12, 13.

Uzokuza Nini UMbuso KaNkulunkulu?

14. (a) UJesu wawuphendula kanjani umbuzo awubuzwa abane babaphostoli bakhe? (b) Ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu kusitshelani ngokuba khona kwakhe nangoMbuso?

14 Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba uJesu abulawe, abane kubaphostoli bakhe bambuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Math. 24:3; Marku 13:4) UJesu waphendula ngokulandisa isiprofetho esenabile esiku Mathewu izahluko 24 no-25. UJesu waningiliza ngezenzakalo ezihlukahlukene ezaziyokwenzeka embulungeni yonke ezaziyoba isibonakaliso senkathi ebizwa ngokuthi ‘ukuba khona’ kwakhe. Ukuqala kokuba khona kwakhe kwakuyokwenzeka ngesikhathi esifanayo nokumiswa koMbuso; futhi umvuthwandaba wokuba khona kwakhe wawuyokwenzeka ngesikhathi esifanayo nokuza koMbuso. Sinobufakazi obuningi bokuthi isiprofetho sikaJesu besilokhu sigcwaliseka kusukela ngo-1914. * Ngakho, ukuba khona kwakhe nokumiswa koMbuso kwenzeka ngalowo nyaka.

15, 16. Abhekisela kobani amazwi athi “lesi sizukulwane”?

15 Kodwa-ke uzoza nini uMbuso kaNkulunkulu? UJesu akasembulelanga ngokuthe ngqo ukuthi uzoza nini. (Math. 24:36) Kodwa kukhona akusho okufanele kusiqinisekise ngokuthi ususemnyango impela. UJesu wabonisa ukuthi uMbuso uyofika ngemva kokuba “lesi sizukulwane” sibone ukugcwaliseka kwesibonakaliso esingokwesiprofetho. (Funda uMathewu 24:32-34.) Ibhekisela kobani inkulumo ethi “lesi sizukulwane”? Ake siwahlolisise la mazwi kaJesu.

16 “Lesi sizukulwane.” Ingabe uJesu wayecabanga ngabantu abangakholwa? Cha. Cabanga ngabantu ababemlalele. Walandisa lesi siprofetho kubaphostoli abambalwa ‘ababeze kuye ngasese.’ (Math. 24:3) Ngokushesha abaphostoli base bezogcotshwa ngomoya ongcwele. Cabanga nangomongo. Ngaphambi kokuba akhulume ‘ngalesi sizukulwane,’ uJesu wathi: “Manje fundani leli phuzu emkhiwaneni njengomfanekiso: Ngokushesha nje lapho igatsha lawo elisha lihluma liveza amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo liseduze. Ngokufanayo nani, lapho nibona zonke lezi zinto, yazini ukuthi iseduze, emnyango.” Ngabalandeli bakaJesu abagcotshiwe—hhayi abantu abangakholwa—ababeyobona izinto azibikezela futhi baqonde ukubaluleka kwazo, okungukuthi uJesu ‘useduze, emnyango.’ Ngakho-ke, lapho uJesu ekhuluma ‘ngalesi sizukulwane,’ wayecabanga ngabalandeli bakhe abagcotshiwe.

17. Asho ukuthini amazwi athi “isizukulwane” nathi “zonke lezi zinto”?

17 “Asisoze sadlula zingakenzeki zonke lezi zinto.” Ayogcwaliseka kanjani la mazwi? Ukuze siphendule lowo mbuzo, kudingeka sazi izinto ezimbili: incazelo yamazwi athi “lesi sizukulwane” nathi “zonke lezi zinto.” Igama elithi “isizukulwane” ngokuvamile libhekisela kubantu bobudala obuhlukahlukene abaphila ngasikhathi sinye phakathi nenkathi ethile yesikhathi. Uma kukhulunywa ngesizukulwane, akushiwo inkathi ende ngokweqile. Iyinkathi ephelayo. (Eks. 1:6) Amazwi athi “zonke lezi zinto” ahlanganisa zonke izenzakalo ezaziyokwenzeka phakathi nokuba khona kukaJesu, kusukela ekuqaleni kokuba khona kwakhe ngo-1914 kuze kube semvuthwandaba wako ‘ngosizi olukhulu.’Math. 24:21.

18, 19. Kumelwe siwaqonde kanjani amazwi kaJesu mayelana ‘nalesi sizukulwane,’ futhi singaphetha ngokuthini?

18 Khona-ke, kumelwe siwaqonde kanjani amazwi kaJesu mayelana ‘nalesi sizukulwane’? Lesi sizukulwane sakhiwa amaqembu amabili abagcotshiwe aphila ngesikhathi esifanayo phakathi nenkathi ethile yesikhathi—elokuqala lakhiwa abagcotshiwe ababona ukuqala kokugcwaliseka kwesibonakaliso ngo-1914, elesibili lakhiwa abagcotshiwe abake baphila isikhathi esithile neqembu lokuqala. Okungenani abanye beqembu lesibili bazophila baze babone ukuqala kosizi oluzayo. Womabili la maqembu akha isizukulwane esisodwa ngoba ake aphila ngasikhathi sinye okwesikhathi esithile njengamaKristu agcotshiwe. *

19 Singaphetha ngokuthini? Siyazi ukuthi isibonakaliso sokuba khona kukaJesu emandleni oMbuso sibonakala ngokucacile emhlabeni wonke. Siyabona nokuthi abagcotshiwe abasaphila futhi abayingxenye ‘yalesi sizukulwane’ baya bekhula; noma kunjalo, ngeke bafe bonke lungakaqali usizi olukhulu. Ngakho-ke, singaphetha ngokuthi maduze nje impela uMbuso kaNkulunkulu uzokuza uzobusa phezu komhlaba! Yeka indlela okuyovusa amadlingozi ngayo ukubona ukugcwaliseka komthandazo uJesu asifundisa wona: “Umbuso wakho mawuze”!

20. Yini esemqoka esizoxoxa ngayo kule ncwadi, futhi yini esizoyihlola esahlukweni esilandelayo?

20 Masingalokothi sikhohlwe amazwi uJehova awasho esezulwini mayelana neNdodana yakhe: “Mlaleleni.” NjengamaKristu eqiniso, sizimisele ukulalela leso siqondiso saphezulu. Sinesithakazelo esijulile kukho konke uJesu akusho nakufundisa ngoMbuso kaNkulunkulu. Ukuthi yini lowo Mbuso osuyenzile nosazoyenza kuyinto esemqoka esizoxoxa ngayo kule ncwadi. Isahluko esilandelayo sizokhuluma ngezenzakalo ezijabulisayo ezihlobene nokuzalwa koMbuso kaNkulunkulu ezulwini.

^ isig. 13 Umfanekiso kaJesu kungenzeka wakhumbuza ababemlalele ngo-Arkelawu, indodana kaHerode Omkhulu. Ngaphambi kokuba uHerode afe, wamisa u-Arkelawu njengendlalifa eyayiyomlandela ngokubusa eJudiya nakwezinye izindawo. Kepha ngaphambi kokuba u-Arkelawu aqale ukubusa, kwadingeka aqale athathe uhambo olude oluya eRoma ayothola imvume ka-Augustus Caesar.

^ isig. 18 Noma imuphi owagcotshwa ngemva kokufa kowokugcina eqenjini lokuqala labagcotshiwe—okuyilabo ababona “ukuqala kwemihelo yokucindezeleka” ngo-1914—ngeke abe ingxenye ‘yalesi sizukulwane.’—Math. 24:8.