Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 7

Izindlela Zokushumayela—Basebenzisa Zonke Izindlela Ukuze Bafinyelele Abantu

Izindlela Zokushumayela—Basebenzisa Zonke Izindlela Ukuze Bafinyelele Abantu

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

Abantu bakaNkulunkulu basebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokushumayela ukuze bafinyelele abaningi ngangokunokwenzeka

1, 2. (a) UJesu wasebenzisa liphi isu ukuze akhulume nezixuku? (b) Abafundi abathembekile bakaKristu basilandele kanjani isibonelo sakhe, futhi ngani?

IZIXUKU zingunge uJesu osebeni lwechibi, kodwa ugibela isikebhe athi ukuqhelaqhela kuzo. Kungani? Uyazi ukuthi amanzi azolikhulisa izwi lakhe nokuthi lezi zixuku zizokwazi ukuzwa isigijimi sakhe ngokucacile.Funda uMarku 4:1, 2.

2 Emashumini eminyaka ngemva kokuzalwa koMbuso, abafundi bakaKristu abathembekile balandela isibonelo sakhe besebenzisa izindlela ezintsha zokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kubantu abaningi. Beqondiswa iNkosi, abantu bakaNkulunkulu bayaqhubeka beshintsha futhi bazivumelanise nezimo lapho izimo zishintsha nalapho sekukhona izinto zobuchwepheshe ezintsha. Sifuna ukufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngaphambi kokuba ukuphela kufike. (Math. 24:14) Cabanga ngezinye zezindlela esiye sazisebenzisa ukuze sifinyelele abantu kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi. Cabanga nangezindlela ongalingisa ngazo ukholo lwalabo abasakaza izindaba ezinhle ezinsukwini zokuqala.

Ukufinyelela Abantu Abaningi Kakhulu

3. Yini eyenza izitha zeqiniso zajabha ngokusebenzisa kwethu amaphephandaba?

3 Amaphephandaba. UMfoweth’ uRussell nabangane bakhe babenyathelise INqabayokulinda kusukela ngo-1879, behambisa isigijimi soMbuso kubantu abaningi. Kepha eshumini leminyaka ngaphambi kuka-1914 kwabonakala sengathi uKristu wayeshintshe izinto ukuze izindaba ezinhle zifinyelele kubantu abaningi ngisho nakakhulu. Izinto zaqala ngo-1903. Ngalowo nyaka, uDkt. E. L. Eaton, umkhulumeli weqembu labefundisi abangamaProtestani ePennsylvania, waphonsela uCharles Taze Russell inselele wathi ababe nezinkulumo-mpikiswano ngezimfundiso zeBhayibheli. Encwadini ayibhalela uRussell, u-Eaton wathi: “Ngicabange ukuthi ukuba nenkulumo-mpikiswano yasobala ngeminye yemibuzo esingaboni ngaso linye kuyo . . . kuzowuthakazelisa kakhulu umphakathi.” URussell nabangane bakhe nabo bacabanga ukuthi kuzowuthakazelisa umphakathi lokhu, ngakho bahlela ukuba izinkulumo-mpikiswano zabo zibhalwe ephepheni elikhulu, i-Pittsburgh Gazette. Lezi zihloko zamaphephandaba zathandwa kakhulu, nencazelo ecacile kaRussell yamaqiniso eBhayibheli yayinamandla kangangokuba abephephandaba bazicelela ukunyathelisa izinkulumo zikaRussell njalo ngesonto. Yeka indlela okumelwe ukuba lokho kwazijabhisa ngayo izitha zeqiniso!

Ngo-1914, amaphephandaba angaphezu kuka-2 000 ayenyathelisa izintshumayelo zikaRussell

4, 5. Iyiphi imfanelo eyaboniswa nguRussell, futhi abantu abasezikhundleni zemithwalo yemfanelo bangasilingisa kanjani isibonelo sakhe?

4 Ngokushesha amaphephandaba engeziwe afuna ukunyathelisa izinkulumo zikaRussell. Ngo-1908, INqabayokulinda yabika ukuthi izintshumayelo zazinyatheliswa “emaphephandabeni angu-11 njalo.” Noma kunjalo, abafowethu ababejwayelene nomsebenzi wamaphephandaba beluleka uRussell ngokuthi uma amahhovisi eNhlangano engasuka ePittsburgh aye edolobheni elidumile, maningi amaphephandaba ayenganyathelisa izihloko ezisekelwe eBhayibhelini. Ngemva kokucabangisisa ngaleso seluleko nezinye izici, uRussell wathutha amahhovisi aya eBrooklyn, eNew York, ngo-1909. Waba yini umphumela? Ngemva nje kwezinyangana kuthuthiwe, amaphephandaba abalelwa ku-400 anyathelisa lezi zinkulumo, kanti namanye athi azozinyathelisa. Ngesikhathi kumiswa uMbuso ngo-1914, ayesengaphezu kuka-2 000 amaphephandaba ayenyathelisa izintshumayelo nezihloko zikaRussell!

5 Yisiphi isifundo esibalulekile esisithola kulesi senzakalo? Labo abanesilinganiso esithile segunya enhlanganweni kaNkulunkulu namuhla kuhle balingise ukuthobeka kukaRussell. Kanjani? Lapho nenza izinqumo ezibalulekile, sicabangeleni iseluleko sabanye.—Funda izAga 15:22.

6. Amaqiniso anyatheliswa ezihlokweni zamaphephandaba amthinta kanjani omunye umuntu?

6 Amaqiniso oMbuso ayenyatheliswa kulezo zihloko ezazisemaphephandabeni aguqula ukuphila kwabantu. (Heb. 4:12) Ngokwesibonelo, u-Ora Hetzel, owabhapathizwa ngo-1917, ungomunye wabaningi abaqala ukuzwa iqiniso kulezo zihloko. Wathi: “Ngemva kokushada, ngavakashela umama eRochester, eMinnesota. Ngamfica esika izihloko emaphephandabeni. Kwakuyizintshumayelo zikaRussell. Umama wangichazela izinto ayezifunda kuzo.” U-Ora wawamukela amaqiniso awafunda futhi kwaze kwaphela iminyaka engaba ngu-60 engummemezeli othembekile woMbuso kaNkulunkulu.

7. Kungani abaholayo baphinde bakubhekisisa ukusebenzisa amaphephandaba?

7 Ngo-1916, izenzakalo ezimbili eziyinhloko zenza ababehola baphinde bakubhekisisa ukusakaza izindaba ezinhle ngamaphephandaba. Esokuqala, iMpi Enkulu eyayiviva ngaleso sikhathi yenza kwaba lukhuni ukuthola izinto zokunyathelisa. Ngo-1916, umbiko womnyango wethu wamaphephandaba eBrithani waqokomisa le nselele, wathi: “Angaphezudlwana nje kuka-30 amaphephandaba anyathelisa lezi ziNtshumayelo njengamanje. Kungenzeka leli nani linciphe kakhulu maduze ngenxa yokwenyuka kwemali yokuthenga iphepha.” Isenzakalo sesibili kwakuwukushona kukaMfoweth’ uRussell ngo-October 31, 1916. Ngakho, INqabayokulinda ka-December 15, 1916, yakhipha lesi saziso: “Njengoba uMfoweth’ uRussell eseshonile, izintshumayelo [zasemaphephandabeni] ngeke zisaba khona.” Nakuba le ndlela yokushumayela yayekwa, ezinye izindlela, njenge-“Photo-Drama of Creation,” zaqhubeka ziphumelela kakhulu.

8. Kwakuhilelani ukwenza i-“Photo-Drama of Creation”?

8 Ukushumayela ngezithombe. URussell nabangane bakhe basebenza iminyaka engaba mithathu benza i-“Photo-Drama of Creation” eyakhululwa ngo-1914. (IzAga 21:5) Le Drama, njengoba yayibizwa kanjalo, yayihlanganisa izithombe ezinyakazayo, umsindo nama-slide anombala. Abantu abaningi baba nengxenye ekudlaleni izigcawu zaseBhayibhelini ezabe sezithwetshulwa ukuze kwenziwe ifilimu. Kwakukhona ngisho nezilwane. Umbiko ka-1913 wathi: “Kwalethwa inqwabanqwaba yezilwane ukuze zisetshenziselwe ukwenza izithombe ezikhulumayo ezibonisa isikhathi sikaNowa.” Izingcweti zaseLondon, eNew York, eParis nasePhiladelphia zawufaka ngesandla umbala kulezi zinqwaba zama-slide ezazisetshenziswa kule filimu.

9. Kungani kwachithwa isikhathi nemali eningi kangaka kwenziwa i-“Photo-Drama”?

9 Kungani kwachithwa isikhathi nezimali eziningi kangaka kwenziwa i-“Photo-Drama”? Izwi lesinqumo elathathwa ochungechungeni lwemihlangano yango-1913 liyachaza: “Ukuphumelela kwamaphephandaba aseMelika ukwakha umbono wabantu esebenzisa opopayi nemifanekiso ezindabeni nakomagazini, kanye nokuthandwa nokuhambisana nesikhathi kwezithombe ezinyakazayo, kuye kwabonisa ukuthi kuyafaneleka ukuba zisetshenziswe lezi zinto, futhi sikholelwa ukuthi, njengabashumayeli abathuthukayo nabafundisi beBhayibheli, sinezizathu zokuba sizamukele ngokugcwele izithombe ezinyakazayo nama-slide njengendlela ephumelelayo nethandwayo yokuhambisa ivangeli nokufundisa.”

Phezulu: Ama-slide e-“Photo-Drama”; phansi: Lapho kwakubukiswa khona i-“Photo-Drama”

10. Yabukiswa ezindaweni eziningi kangakanani i-“Photo-Drama”?

10 Ngo-1914, i-“Photo-Drama” yayibukiswa emadolobheni angu-80 ngosuku. Bacishe babe yizigidi ezingu-8 abantu abayibukela e-United States naseCanada. Ngawo lowo nyaka, yabukiswa e-Australia, eBrithani, eDenmark, eFinland, eJalimane, eNew Zealand, eNorway, eSweden naseSwitzerland. Kwenziwa uhlobo olulula lwale filimu, olwalungenazo izithombe ezinyakazayo futhi lwabukiswa emadolobheni amancane. Lolo hlelo—i-“Eureka Drama”—kwakushibhile ukulwenza kulula nokuluthwala. Ngo-1916, i-“Photo-Drama” noma i-“Eureka Drama” yayisihunyushelwe olimini lwesi-Armenia, isiDano-Norway, isiFulentshi, isiJalimane, isiGreki, isiNtaliyane, isiPolish, iSpanishi nesiSweden.

Ngo-1914, i-“Photo-Drama” yayibukiswa emahholo agcwele nswi

11, 12. I-“Photo-Drama” yayithinta kanjani insizwa ethile, futhi yabeka siphi isibonelo?

11 Inguqulo yesiFulentshi ye-“Photo-Drama” yamthinta kakhulu uCharles Rohner owayeneminyaka engu-18. Uthi: “Yayibukiswa edolobheni lakithi—eColmar, e-Alsace, eFrance. Yathi iqala nje, angihlaba umxhwele amaqiniso eBhayibheli ayethulwa kuyo.”

12 Ngenxa yalokho, uCharles wabhapathizwa, ngo-1922 wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Esinye sezabelo zakhe zokuqala kwaba ukusiza ekudlaleleni abantu baseFrance i-“Photo-Drama.” Echaza lo msebenzi, uCharles uthi: “Nganikwa imisebenzi eminingana—ukudlala i-violin, ukuba inceku yezimali nokuba inceku yezincwadi. Ngacelwa nokuba ngithulise abantu umsindo ngaphambi kokuba ifilimu iqale. Ngesikhathi sekhefu, sasibanika izincwadi. Umzalwane noma udade ngamunye wabelwa ingxenye yakhe yehholo. Ngamunye wayegodla inqwaba yezincwadi bese eya kumuntu ngamunye osengxenyeni yakhe yehholo. Ngaphezu kwalokho, emnyango ongena ehholo sasibeke amatafula agcwele izincwadi.” Ngo-1925, uCharles wamenywa ukuba akhonze eBethel yaseBrooklyn, eNew York. Wabelwa ukuba abhidise iqembu labadlali bezinsimbi zomculo elalizodlala esiteshini somsakazo i-WBBR. Ngemva kokucabanga ngesibonelo sikaMfoweth’ uRohner, singazibuza: ‘Ngizimisele yini ukwamukela noma yisiphi isabelo engisinikwayo esizosiza ekusakazeni isigijimi soMbuso?’Funda u-Isaya 6:8.

13, 14. Umsakazo wasetshenziswa kanjani ekusakazeni izindaba ezinhle? (Bheka nebhokisi elithi “ Izinhlelo Ze-WBBR” nelithi “ Umhlangano Oyingqopha-mlando.”)

13 Umsakazo. Ngawo-1920, ukusetshenziswa kwe-“Photo-Drama” kwaqala ukuncishiswa, kwabe sekuqhamuka umsakazo waba indlela ebalulekile yokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso. Ngo-April 16, 1922, uMfoweth’ uRutherford wanikeza inkulumo yakhe yokuqala emsakazweni eMetropolitan Opera House ePhiladelphia, ePennsylvania. Balinganiselwa ku-50 000 abantu abezwa inkulumo ethi “Izigidi Eziphilayo Manje Azisoze Zafa.” Kwathi ngo-1923 kwasakazwa isimiso somhlangano okokuqala. Ngaphandle kokusebenzisa iziteshi zomsakazo ezikhokhelwayo, abaholayo banquma ukuthi kuzoba ukuhlakanipha ukuzakhela esethu isiteshi esakhiwa eStaten Island, eNew York, sabizwa ngokuthi i-WBBR. Saqala ukusebenza ngo-February 24, 1924.

Balinganiselwa ku-50 000 abantu abalalela inkulumo ethi “Izigidi Eziphilayo Manje Azisoze Zafa” emsakazweni ngo-1922

14 Ichaza injongo ye-WBBR, INqabayokulinda ka-December 1, 1924, yathi: “Sikholelwa ukuthi umsakazo uyindlela eyongayo nephumelela kunazo zonke ezike zasetshenziswa yokusakaza isigijimi seqiniso.” Yabe seyenezela: “Uma iNkosi ibona kufaneleka ukwakha ezinye iziteshi zomsakazo ukuze zisakaze iqiniso, iyosinika imali ngendlela yayo efanele.” (IHu. 127:1) Ngo-1926, abantu bakaJehova base beneziteshi zomsakazo eziyisithupha. Ezimbili zazise-United States—i-WBBR eNew York neWORD eduze kwaseChicago. Ezinye ezine zaziseCanada, e-Alberta, eBritish Columbia, e-Ontario naseSaskatchewan.

15, 16. (a) Abefundisi baseCanada basabela kanjani ezinkulumweni zethu zasemsakazweni? (b) Izinkulumo zasemsakazweni nomsebenzi wendlu ngendlu kwalekelelana kanjani?

15 Lokhu kusakazwa kwamaqiniso eBhayibheli emsakazweni kwaqashelwa abefundisi beLobukholwa. U-Albert Hoffman, owayejwayelene nomsebenzi owawenziwa esiteshini somsakazo eSaskatchewan, eCanada, wathi: “Abantu abengeziwe baqala ukwazi ngabaFundi BeBhayibheli [njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo]. Kwanikezwa ubufakazi obuhle kakhulu kwaze kwaba u-1928 lapho abefundisi becindezela izikhulu, ngemva kwalokho zonke iziteshi zaseCanada ezazisetshenziswa abaFundi BeBhayibheli zaphucwa amalayisense.”

16 Naphezu kokuvalwa kweziteshi zethu zomsakazo eCanada, izinkulumo zeBhayibheli zaqhubeka zisakazwa emoyeni yiziteshi ezikhokhelwayo. (Math. 10:23) Ukuze lezo zinhlelo zilalelwe abantu abaningi, kuyi-Nqabayokulinda nakuyi-Golden Age (manje ebizwa ngokuthi i-Phaphama!) kwafakwa uhlu lweziteshi zomsakazo ezikhokhelwayo ezazisakaza amaqiniso eBhayibheli ukuze abamemezeli abenza indlu ngendlu bakwazi ukukhuthaza abantu ukuba balalele izinkulumo emisakazweni yabo. Kwaba namuphi umphumela? I-Bulletin ka-January 1931 ithi: “Umsakazo ubakhuthazile ngempela abafowethu emsebenzini wabo wendlu ngendlu. Kufike imibiko eminingi ehhovisi esazisa ukuthi abantu bawulalelile umsakazo futhi ngenxa yokuzwa izinkulumo zikaMfoweth’ uRutherford, bazamukela ngesasasa izincwadi.” I-Bulletin yachaza ukushumayela ngomsakazo nomsebenzi wendlu ngendlu ngokuthi “yizindlela eziphumelela kakhulu zokushumayela enhlanganweni yeNkosi.”

17, 18. Nakuba izimo zashintsha, umsakazo waqhubeka kanjani ufeza indima ethile?

17 Phakathi nawo-1930, saphikiswa nakakhulu ngokusebenzisa iziteshi zemisakazo ezikhokhelwayo. Ngakho, ekupheleni kuka-1937, abantu bakaJehova bazivumelanisa nezimo ezazishintsha. Bahoxa ekushumayeleni ngomsakazo, bagxila nakakhulu enkonzweni yendlu ngendlu. * Noma kunjalo, umsakazo waqhubeka ufeza indima ebalulekile ekusakazeni isigijimi soMbuso ezindaweni ezithile eziqhelile noma ezizimele zodwa. Ngokwesibonelo, kusukela ngo-1951 kuya ku-1991, isiteshi saseNtshonalanga yeBerlin, eJalimane, sasizisakaza njalo izinkulumo zeBhayibheli ukuze abantu abahlala ezindaweni ezaziyiMpumalanga Jalimane bakwazi ukuzwa isigijimi soMbuso. Kusukela ngo-1961 kwaze kwaphela iminyaka engaphezu kwengu-30, isiteshi somsakazo saseSuriname, eNingizimu Melika, sasisakaza isimiso samaqiniso eBhayibheli semizuzu engu-15 masonto onke. Kusukela ngo-1969 kuya ku-1977, inhlangano yenza izinhlelo eziqoshiwe ezingaphezu kuka-350 eziwuchungechunge oluthi “Yonke ImiBhalo Iyazuzisa.” E-United States, iziteshi zomsakazo ezingu-291 ezifundazweni ezingu-48 zazisakaza lezi zinhlelo. Ngo-1996, isiteshi somsakazo sase-Apia, inhloko-dolobha yeSamoa, izwe eliseSouth Pacific, sasakaza uhlelo lwamasonto onke olunesihloko esithi “Izimpendulo Zemibuzo Yakho YeBhayibheli.”

18 Lapho ikhulu lama-20 selizophela, umsakazo awubange usafeza indima enkulu ekusakazeni izindaba ezinhle. Kwaqhamuka elinye ithuluzi lezobuchwepheshe elenza safinyelela inani labantu esingakaze silifinyelele.

19, 20. Kungani abantu bakaJehova benze i-jw.org, futhi ibe namiphi imiphumela? (Bheka nebhokisi elithi “ JW.ORG.”)

19 I-Internet. Ngo-2013, abantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-2,7, abantu abacishe babe ngamaphesenti angu-40 abantu abasemhlabeni, base benayo i-Internet. Ngokwezibalo ezithile, abangaba yizigidi eziyizinkulungwane ezimbili bangena kuyo ngezinto ezinjengama-smartphone nama-tablet. Lelo nani liyaqhubeka landa embulungeni yonke, kodwa ukwanda okushesha kakhulu kwabantu abasebenzisa i-Internet kuse-Afrika, lapho kunabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-90 abasebenzisa i-Internet. Lezi zinto ziyishintshe kakhulu indlela abantu abaningi abathola ngayo ukwaziswa.

20 Kusukela ngo-1997, abantu bakaJehova bayisebenzisa le ndlela yokuxhumana nabantu abaningi. Ngo-2013, ingosi ethi jw.org yatholakala ngezilimi ezingaba ngu-300, futhi ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini kwatholakala ukuze abantu bakudawunilode ngezilimi ezingaphezu kuka-520. Usuku ngalunye bangaphezu kuka-750 000 abangena kule ngosi. Ngaphandle kokubukela ama-video, inyanga ngayinye abantu badawuniloda izincwadi ezingaphezu kwezigidi ezintathu, omagazini abayizigidi ezine nezinto ezilalelwayo eziyizigidi ezingu-22.

21. Ufundeni kokwenzeka kuSina?

21 Le ngosi isiyindlela enamandla yokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ngisho nasemazweni umsebenzi wokushumayela ovinjelwe kuwo. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kuka-2013, umlisa okuthiwa uSina wathola ingosi ethi jw.org, wayeseshayela endlunkulu e-United States ecela ukwaziswa okwengeziwe ngeBhayibheli. Yini eyenza lolu cingo lwaba olungavamile? USina ungumSulumane, uhlala edolobheni elingalodwa ezweni umsebenzi woFakazi BakaJehova obekelwe kulo imingcele eqinile. Ngenxa yokushaya kwakhe ucingo, kwahlelwa ukuba uSina afundelwe kabili ngesonto uFakazi wase-United States. Lesi sifundo sasiqhutshwa ngosizo lwe-video ye-Internet.

Ukufundisa Abantu Ngabanye

22, 23. (a) Ingabe izindlela zokufinyelela abantu abaningi zithathe isikhundla senkonzo yendlu ngendlu? (b) INkosi iyibusise kanjani imizamo yethu?

22 Kulezi zindlela esizisebenzisile ukuze sifinyelele abantu abaningi, njengamaphephandaba, i-“Photo-Drama,” izinhlelo zomsakazo, ingosi ye-Internet, ayikho neyodwa kuzo okwakuthiwa izothatha isikhundla senkonzo yendlu ngendlu. Kungani kunjalo? Kungoba abantu bakaJehova bafunda esibonelweni esabekwa uJesu. Wenza okungaphezu kokushumayeza izixuku; wagxila nasekusizeni abantu ngabanye. (Luka 19:1-5) Wabuye waqeqesha abafundi bakhe ukuba benze okufanayo, wabanika nesigijimi okwakumelwe basihambise. (Funda uLuka 10:1, 8-11.) Njengoba sifundile eSahlukweni 6, ngaso sonke isikhathi labo abaholayo baye bakhuthaza inceku kaJehova ngayinye ukuba ikhulume nabantu ubuso nobuso.IzE. 5:42; 20:20.

23 Ngemva kweminyaka eyikhulu uMbuso uzelwe, abamemezeli abangaphezu kwezigidi ezingu-7,9 bahlanganyela ekufundiseni abanye izinjongo zikaNkulunkulu. Ngaphandle kokuthandabuza, iNkosi izibusisile lezi zindlela esizisebenzisile zokumemezela uMbuso. Njengoba isahluko esilandelayo sizobonisa, isinike namathuluzi esiwadingayo ukuze sisakaze izindaba ezinhle kuzo zonke izizwe, izinhlanga nezilimi.IsAm. 14:6.

^ isig. 17 Ngo-1957, abazalwane abaholayo banquma ukuvala i-WBBR eNew York, isiteshi sethu somsakazo sokugcina.