Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 8

Amathuluzi Okushumayela—Ukukhiqiza Izincwadi Zensimu Yomhlaba Wonke

Amathuluzi Okushumayela—Ukukhiqiza Izincwadi Zensimu Yomhlaba Wonke

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

UJehova uyaqhubeka esilungiselela amathuluzi esiwadingayo ukuze sifundise abantu bazo zonke izizwe, izinhlanga nezilimi

1, 2. (a) Ekhulwini lokuqala, yini eyasiza ekusakazeni izindaba ezinhle kuwo wonke uMbuso WaseRoma? (b) Ezikhathini zethu sinabuphi ubufakazi bokuthi uJehova uyasisekela? (Bheka ibhokisi elithi “ Izindaba Ezinhle Ngezilimi Ezevile Ku-670.”)

IZIVAKASHI zaseJerusalema zazingakukholwa ezazikuzwa. Abantu baseGalile babekhuluma izilimi zezinye izizwe ngokushelela, futhi ababekusho kwashiya izilaleli zikhexile. KwakuyiPhentekoste lika-33 C.E., abafundi babephiwe ngokuyisimangaliso isipho sokukhuluma ngezilimi ezihlukahlukene—ubufakazi bokuthi babesekelwa uNkulunkulu. (Funda izEnzo 2:1-8, 12, 15-17.) Izindaba ezinhle ababezishumayela ngalelo langa zazwiwa abantu bezizinda ezihlukahlukene futhi ngemva kwalokho zasakazekela kuwo wonke uMbuso WaseRoma.—Kol. 1:23.

2 Namuhla izinceku zikaNkulunkulu azikhulumi ngokuyisimangaliso ngezilimi ezihlukahlukene. Noma kunjalo, zihumushela isigijimi soMbuso ezilimini ezingu-670 ukuze zihlanganise izilimi eziningi kunasekhulwini lokuqala. (IzE. 2:9-11) Abantu bakaNkulunkulu bakhiqize izincwadi eziningi nangezilimi eziningi kangangokuthi isigijimi soMbuso sesifinyelele embulungeni yonke. * Nalokhu futhi kuwubufakazi obucacile bokuthi uJehova usebenzisa iNkosi uJesu Kristu ukuze aqondise umsebenzi wethu wokushumayela. (Math. 28:19, 20) Njengoba sizobe sibukeza amanye amathuluzi esiwasebenzisile ukuze sifeze lo msebenzi kule minyaka eyikhulu edlule, phawula indlela iNkosi eye yaqhubeka isiqeqesha ngayo ukuba sizihluphe ngomuntu ngamunye, yasikhuthaza nokuba sibe abafundisi beZwi likaNkulunkulu.—2 Thim. 2:2.

INkosi Ihlomisa Izinceku Zayo Ukuba Zihlwanyele Imbewu Yeqiniso

3. Kungani sisebenzisa izinhlobonhlobo zamathuluzi emsebenzini wethu wokushumayela?

3 UJesu wafanisa “izwi lombuso” nembewu, inhliziyo yomuntu wayifanisa nomhlabathi. (Math. 13:18, 19) Njengoba nje umlimi engasebenzisa amathuluzi ahlukahlukene ukuze avukuze umhlabathi ukuze ulungele ukuba kutshalwe kuwo, nabantu bakaJehova baye basebenzisa amathuluzi ahlukahlukene abasizile ukuba balungise izinhliziyo zezigidi ukuba zamukele isigijimi soMbuso. Amanye alawo mathuluzi aba usizo isikhathi esilinganiselwe. Amanye, njengezincwadi nomagazini, asaqhubeka ewusizo. Ngokungefani neningi lezindlela zokuxhumana nabantu abaningi esikhulume ngazo esahlukweni esandulele, wonke amathuluzi okukhulunywa ngawo lapha asize abamemezeli boMbuso ukuba bakhulume nabantu ubuso nobuso.IzE. 5:42; 17:2, 3.

Kwenziwa amagilamafomu nemibhobho eToronto, eCanada

4, 5. Ayesetshenziswa kanjani amagilamafomu, kodwa yiliphi ithuba ayelincisha abamemezeli?

4 Izinkulumo eziqoshiwe. Ngawo-1930 kuze kube ngo-1940, abamemezeli babesebenzisa izinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe ababezidlala kumagilamafomu aphathwayo. Inkulumo ngayinye eqoshiwe yayidlala imizuzu engaphansi kwemihlanu. Ngezinye izikhathi izinkulumo zaziba nezihloko ezimfushane ezinjengezithi “UZiqu-zintathu,” “Isihlanzo” noma “uMbuso.” Ayesetshenziswa kanjani lawo marekhodi? UMfoweth’ uClayton Woodworth, Jr., owabhapathizwa ngo-1930 e-United States, wathi: “Ngangiphatha igilamafomu elincane elimise okwesudikesi, ngangiliwayinda kusengaphambili, linenaliti okwakumelwe ngiyibeke ngendlela efanele phezu kwerekhodi ukuze lidlale kahle. Ngaphambi kokuba ngifike esicabheni, ngangivula igilamafomu, ngibeke inaliti endaweni efanele, bese ngiyangqongqoza. Lapho umninikhaya evula, ngangithi: ‘Nginesigijimi esibalulekile engithanda usizwe.’” Babesabela kanjani? “Ezikhathini eziningi umuntu wayevuma ukulalela. Ngezinye izikhathi abantu babevele bavale izicabha. Kwakwenzeka bacabange nokuthi ngidayisa wona la magilamafomu,” kusho uMfoweth’ uWoodworth.

Ngo-1940, kwase kukhona izinkulumo eziqoshiwe ezingaphezu kuka-90, sekwenziwe namarekhodi angaphezu kwesigidi.

5 Ngo-1940, kwase kunezinkulumo eziqoshiwe ezingaphezu kuka-90, sekwenziwe namarekhodi angaphezu kwesigidi. UJohn E. Barr, owayephayona eBrithani ngaleso sikhathi, kamuva wakhonza eNdikimbeni Ebusayo, wathi: “Phakathi kuka-1936 no-1945, ngangingahlukani negilamafomu. Empeleni, ngalezo zinsuku ngangivele ngixakeke nje uma ngingaliphethe. Ukuzwa izwi likaMfoweth’ uRutherford emnyango womuntu kwakukhuthaza kakhulu; kwakungathi ula eduze kwakho. Nokho, ukusebenzisa amagilamafomu kwakuncisha umuntu ithuba lokufundisa ensimini, kungalakhi ikhono lokuthinta izinhliziyo zabantu.”

6, 7. (a) Zaziyini izinzuzo nokulinganiselwa kwamakhadi okunikeza ubufakazi? (b) UJehova ‘ufaké amazwi akhe emlonyeni wethu’ ngamuphi umqondo?

6 Amakhadi okunikeza ubufakazi. Kusukela ngo-1933 abamemezeli bakhuthazwa ukuba basebenzise amakhadi okunikeza ubufakazi enkonzweni yabo yendlu ngendlu. Lalingamasentimitha angu-7,6 ububanzi nangu-12,7 ubude. Lalibhalwe isigijimi seBhayibheli esifushane nencazelo yencwadi esekelwe eBhayibhelini umninikhaya ayengayithola. Ummemezeli wayevele anike umninikhaya ikhadi amcele ukuba alifunde. “Ngangikujabulela ukusebenzisa la makhadi,” kusho uLilian Kammerud, owagcina eseyisithunywa sevangeli ePuerto Rico nase-Argentina. Kungani ayekujabulela? Uthi: “Akuthina sonke esasikwazi ukunikeza intshumayelo emnandi. Lalingisiza ngijwayele ukusukela abantu ngikhulume nabo.”

Ikhadi (lesiNtaliyane) lokunikeza ubufakazi

7 UMfoweth’ uDavid Reusch, owabhapathizwa ngo-1918, uthi: “Amakhadi okunikeza ubufakazi ayebasiza abafowethu ngoba bambalwa kakhulu ababenomuzwa wokuthi babekwazi ukusho into efanele.” Kepha leli thuluzi lalinazo izinkinga. “Ngezinye izikhathi sasithola abantu ababecabanga ukuthi asikwazi ukukhuluma. Ngomqondo othile, abaningi kithi babengakwazi vele ukukhuluma. Kodwa uJehova wayesilungiselela ukuba sikwazi ukuxoxa nomphakathi njengezikhonzi zakhe. Ngokushesha wayezofaka amazwi akhe emlonyeni wethu ngokusifundisa ukusebenzisa imiBhalo ezindlini zabantu. Lokhu wakufeza ngeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini esaqala ngawo-1940.”Funda uJeremiya 1:6-9.

8. Ungamvumela kanjani uKristu akuqeqeshe?

8 Izincwadi. Kusukela ngo-1914, abantu bakaJehova bakhiqize izincwadi ezingaphezu kwekhulu ezikhuluma ngezihloko zeBhayibheli. Ezinye zazo zaziklanywe ngokukhethekile ukuba ziqeqeshe abamemezeli babe izikhonzi eziphumelelayo. U-Anna Larsen waseDenmark, oseneminyaka engu-70 engummemezeli, uthi: “UJehova wasisiza saba abamemezeli abaphumelela ngokwengeziwe ngeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nangezincwadi ezihlobene naso esazithola. Ngikhumbula ukuthi eyokuqala yalezo zincwadi yayithi Theocratic Aid to Kingdom Publishers, yakhululwa ngo-1945. Yalandelwa ethi “Equipped for Every Good Work,” eyakhishwa ngo-1946. Manje sinethi Zuza ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, eyakhululwa ngo-2001.” Ngokuqinisekile, iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nezincwadi zaso kuye kwafeza indima ebalulekile ngoba uJehova uye wasenza “sakufanelekela ngokwanele ukuba yizikhonzi.” (2 Kor. 3:5, 6) Ubhalisile wena eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini? Uyayiphatha nje incwadi ethi Zuza ESikoleni Senkonzo esifundweni isonto ngalinye futhi uyibheke lapho umbonisi wesikole ebhekisela kuyo? Uma ukwenza lokho, uyobe uvumela uKristu akuqeqeshe ube umfundisi omuhle.2 Kor. 9:6; 2 Thim. 2:15.

9, 10. Izincwadi zifeze yiphi indima ekuhlwanyeleni nasekuniseleni imbewu yeqiniso?

9 UJehova uye wasisiza nangokwenza inhlangano yakhe isilungiselele izincwadi ezisiza abamemezeli bachaze izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade yaphumelela ngendlela ekhethekile. Yanyatheliswa okokuqala ngo-1968 futhi yadla ubhedu zisuka nje. INkonzo YoMbuso ka-November 1968 yathi: “Incwadi ethi IQiniso ifunwa ubuthaphuthaphu kangangokuthi ngo-September ifektri yeNhlangano eBrooklyn yathi makusetshenzwe nasebusuku.” Lesi sihloko saqhubeka sachaza: “Ngo-August kuke kwafunwa izincwadi ezithi IQiniso ezingaphezulu ngesigidi nesigamu kwezazikhona!” Ngo-1982, kwase kunyatheliswe ezingaphezu kwezigidi eziyikhulu ngezilimi ezingu-116. Eminyakeni engu-14 kusukela ngo-1968 kuya ku-1982, incwadi IQiniso yasiza yenezela abamemezeli abangaphezu kwesigidi ezinhlwini zabamemezeli boMbuso. *

10 Ngo-2005, kwakhululwa enye insiza-kufunda yeBhayibheli enhle kakhulu ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Sekunyatheliswe ezibalelwa ezigidini ezingu-200 ngezilimi ezingu-256! Ube yini umphumela? Eminyakeni engu-7 nje kuphela, kusukela ngo-2005 kuya ku-2012, abantu abangaba yizigidi ezingu-1,2 baba abamemezeli bezindaba ezinhle. Ngaso leso sikhathi, inani labantu ababefundelwa lenyuka lasuka kwabayizigidi eziyisithupha laba ngaphezu kwezigidi ezingu-8,7. Akuthandabuzwa, uJehova uyayibusisa imizamo yethu yokuhlwanyela nokunisela imbewu eyiqiniso loMbuso.Funda eyoku-1 Korinte 3:6, 7.

11, 12. Ngokuvumelana nemiBhalo ekhonjiwe, omagazini bethu babeklanyelwe obani?

11 Omagazini. Ekuqaleni, INqabayokulinda yayibhalelwa ngokuyinhloko “umhlambi omncane,” abantu ‘abanobizo lwasezulwini.’ (Luka 12:32; Heb. 3:1) Ngo-October 1, 1919, inhlangano kaJehova yakhulula omunye umagazini owawuklanyelwe ukukhanga umphakathi. AbaFundi BeBhayibheli kanye nomphakathi bawuthanda kakhulu lo magazini kangangokuba wawuhamba ngaphezu kwe-Nqabayokulinda. Waqale wabizwa ngokuthi i-Golden Age. Ngo-1937, igama lawo lashintshwa laba i-Consolation. Ngo-1946 wabizwa ngokuthi i-Phaphama!

12 Phakathi namashumi eminyaka edlule, iye yashintsha indlela eklanywe ngayo INqabayokulinda ne-Phaphama!, kodwa injongo yayo ayishintshanga—ukumemezela uMbuso kaNkulunkulu nokwakha ukholo eBhayibhelini. Namuhla, kune-Nqabayokulinda efundwayo neyomphakathi. Efundwayo yenzelwe “abendlu”—okusho ukuthi kokubili umhlambi omncane kanye “nezinye izimvu.” * (Math. 24:45; Joh. 10:16) Eyomphakathi ilungiselelwe ikakhulukazi abantu abangakalazi iqiniso kodwa abalihloniphayo iBhayibheli noNkulunkulu. (IzE. 13:16) I-Phaphama! yona eyalabo abanolwazi oluncane ngeBhayibheli noNkulunkulu weqiniso, uJehova.IzE. 17:22, 23.

13. Yini oyithola iphawuleka ngomagazini bethu? (Xoxani ngeshadi elithi “ Izincwadi Ezinyatheliswa Kakhulu Kunazo Zonke Emhlabeni.”)

13 Ekuqaleni kuka-2014, inyanga ngayinye kwakunyatheliswa i-Phaphama! eyizigidi ezingaphezu kuka-44 ne-Nqabayokulinda engaba yizigidi ezingu-46. I-Phaphama! yayihunyushelwa ezilimini ezingaba yikhulu, INqabayokulinda kwezingaphezu kwamakhulu amabili, okwenza lab’ omagazini baba abahunyushwa nabasakazwa ngezilimi eziningi kunabo bonke emhlabeni! Yize zinkulu kanjalo lezo zibalo, akufanele zisimangaze. Lab’ omagazini baphethe isigijimi uJesu athi siyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe.Math. 24:14.

14. Yini esiye sayikhuthaza ngentshiseko, futhi ngani?

14 IBhayibheli. Ngo-1896, uMfoweth’ uRussell nabangane bakhe bashintsha igama lenhlangano ababeyisebenzisela ukunyathelisa izincwadi ukuze libe negama elithi Bible; yayisibizwa ngokuthi i-Watch Tower Bible and Tract Society. Lolo shintsho lwalufaneleka ngoba selokhu kwathi nhlo iBhayibheli liyithuluzi eliyinhloko lokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso. (Luka 24:27) Ngokuvumelana negama elingokomthetho lenhlangano, izinceku zikaNkulunkulu ziye zakukhuthaza ngentshiseko ukusakazwa nokufundwa kweBhayibheli. Ngokwesibonelo, ngo-1926, sanyathelisa emshinini wethu i-Emphatic Diaglott, inguqulo yemiBhalo YamaKristu YesiGreki kaBenjamin Wilson. Kusukela ngo-1942, sanyathelisa futhi sasakaza amakhophi acela ku-700 000 enguqulo ka-King James. Ngemva nje kweminyaka emibili, saqala ukunyathelisa inguqulo ebizwa ngokuthi i-American Standard Version esebenzisa igama likaJehova ezindaweni ezingu-6 823. Ngo-1950, sase sisakaze amakhophi evile ku-250 000.

15, 16. (a) Yini oyazisayo nge-Nguqulo Yezwe Elisha? (Xoxani ngebhokisi elithi “ Ukusheshisa Ukuhunyushwa KweBhayibheli.”) (b) Ungamvumela kanjani uJehova ukuba athinte inhliziyo yakho?

15 Ngonyaka ka-1950 kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YesiGreki. INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele yakhululwa iwumqulu owodwa ngo-1961. Le nguqulo idumisa uJehova ngokubuyisela igama lakhe ezindaweni elalivela kuzo embhalweni wokuqala wesiHebheru. Igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingu-237 embhalweni oyinhloko wemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ukuze kuqikelelwe ukuthi INguqulo Yezwe Elisha inembile futhi iyafundeka, isibukezwe kaningana futhi isanda kubukezwa ngo-2013. Ngo-2013, kwase kunyatheliswe amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-201 e-Nguqulo Yezwe Elisha iphelele noma iyingxenye ngezilimi ezingu-121.

16 Abanye basabele kanjani lapho befunda INguqulo Yezwe Elisha ngolimi lwabo? Umlisa waseNepal wathi: “Abaningi babekuthola kunzima ukuqonda inguqulo endala yesiNepal ngoba yayisebenzisa ulimi olusezingeni eliphezulu. Kepha manje siliqonda kalula iBhayibheli ngoba libhalwe ngolimi esilusebenzisa nsuku zonke.” Lapho umama waseCentral African Republic eqala ukufunda inguqulo yesiSango, wakhala, wayesethi: “Lolu limi lukhuluma nenhliziyo yami.” Njengalo mama, ngamunye wethu angavumela uJehova athinte inhliziyo yakhe ngokufunda iZwi lakhe zonke izinsuku.IHu. 1:2; Math. 22:36, 37.

Siyabonga Ngamathuluzi Nokuqeqeshwa

17. Ungabonisa kanjani ukuthi uyawazisa amathuluzi nokuqeqesha okutholayo, futhi uyoba yini umphumela uma wenza kanjalo?

17 Uyawazisa yini amathuluzi nokuqeqeshwa esiqhubeka sikuthola eNkosini uJesu Kristu? Uyazinika yini isikhathi sokufunda izincwadi ezikhiqizwa inhlangano kaJehova, futhi ingabe uyabasiza abanye ngazo? Uma kunjalo, uzokuqonda okushiwo uDade Opal Betler, owabhapathizwa ngo-October 4, 1914. U-Opal wathi: “Mina nomyeni wami [u-Edward] sasisebenzisa igilamafomu namakhadi anikeza ubufakazi. Sasishumayela endlini ngendlu ngezincwadi, izincwajana nomagazini. Sasiya emikhankasweni nasemamashini okushumayela sihambise amapheshana. Kamuva saqeqeshelwa ukwenza izimpindelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli emizini yabantu abathakazelayo. Ukuphila kwethu bekumatasa kodwa kujabulisa.” UJesu wathembisa ukuthi izikhonzi zakhe ziyoba matasa zihlwanyela, zivuna futhi zijabula kanyekanye. Izigidi ezinjengo-Opal zingakufakazela ukuba yiqiniso kwaleso sithembiso.Funda uJohane 4:35, 36.

18. Yiliphi ilungelo esinalo?

18 Abaningi abangakabi izinceku zeNkosi bangase babheke abantu bakaNkulunkulu njengabangabantu “abangafundile nabavamile.” (IzE. 4:13) Kodwa cabanga! INkosi yenze laba bantu bayo abavamile baba yizinkunz’ malanga kwezokunyathelisa, banyathelisa izincwadi ezihunyushwa nezisakazwa ngezilimi eziningi ukwedlula ezinye izincwadi emlandweni! Okubaluleke nakakhulu, uye wasiqeqesha futhi wasifaka umdlandla wokusebenzisa la mathuluzi ukuze sisakaze izindaba ezinhle kubantu bazo zonke izizwe. Yeka ilungelo esinalo lokusebenza noKristu ekuhlwanyeleni imbewu yeqiniso nasekuvuneni isivuno esingabafundi!

^ isig. 2 Eminyakeni eyishumi edlule, abantu bakaJehova bakhiqiza izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezingaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-20. Ngaphezu kwalokho, ingosi yethu, i-jw.org, isitholwa abantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-2,7 emhlabeni abakwazi ukungena kuyi-Internet.

^ isig. 9 Ezinye izincwadi zokutadisha iBhayibheli eziye zasiza abamemezeli ukuba bafundise iqiniso leBhayibheli yi-Harp of God (eyanyatheliswa ngo-1921), “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso” (eyanyatheliswa ngo-1946), Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni (eyanyatheliswa ngo-1982) nethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okuphakade (eyanyatheliswa ngo-1995).

^ isig. 12 Bheka INqabayokulinda ka-July 15, 2013, ikhasi 23, isigaba 13, ekhuluma ngokuqonda kwethu okucacisiwe mayelana nokuthi obani abakha “abendlu.”