Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 12

Sihlelelwe Ukukhonza “UNkulunkulu Wokuthula”

Sihlelelwe Ukukhonza “UNkulunkulu Wokuthula”

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

UJehova wenza abantu bakhe bahleleke kancane kancane

1, 2. Yashintsha kanjani i-Zion’s Watch Tower ngo-January 1895, futhi abazalwane basabela kanjani?

LAPHO umFundi WeBhayibheli oshisekayo uJohn A. Bohnet ethola ikhophi ye-Zion’s Watch Tower ka-January 1895, kwamjabulisa akubona. Lo magazini wawunesembozo esisha esigqamile—kunomfanekiso we-lighthouse ephakeme olwandle olugubhayo, ikhanyise isibhakabhaka esimnyama. Isimemezelo esiphathelene nalesi sembozo esisha sasinesihloko esithi “Isembozo Sethu Esisha.”

2 Ehlabeke umxhwele, uMfoweth’ uBohnet wathumela incwadi kuMfoweth’ uRussell. Wabhala: “Ngiyajabula ukubona INQABAYOKULINDA iyinhle kangaka.” Omunye futhi umFundi WeBhayibheli othembekile, uJohn H. Brown, wabhala ngalesi sembozo: “Asive sikhanga. Yeka indlela esiqine ngayo isisekelo senqaba, kuyilapho sishaywa amagagasi neziphepho.” Leso sembozo esisha sasiwushintsho lokuqala abafowethu abalubona ngalowo nyaka—kodwa kwakungelona olokugcina. Ngo-November bezwa ngolunye futhi ushintsho olukhulu. Okuthakazelisayo ukuthi nalolu lwaluhilela ulwandle olugubhayo.

3, 4. Iyiphi inkinga okwakhulunywa ngayo kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1895, futhi yiluphi ushintsho olukhulu olwamenyezelwa?

3 Isihloko esasikhuluma ngamaphuzu amaningi kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1895 sayiveza obala inkinga: Izinkinga ezifana namagagasi esiphepho zaziphazamisa ukuthula enhlanganweni yabaFundi BeBhayibheli. Abazalwane babeqhubeka bebanga ukuthi ubani okufanele abe umholi ebandleni lendawo. Ukuze kusizwe abazalwane babone okwakudingeka ukuze kulungiswe lowo moya wokubanga ohlukanisayo, lesi sihloko safanisa inhlangano nomkhumbi. Sabe sesivuma ukuthi ababehola babehlulekile ukwenza inhlangano enjengomkhumbi ikwazi ukumelana neziphepho. Yini okwakudingeka yenziwe?

4 Lesi sihloko saphawula ukuthi ukaputeni okhuthele uyaqikelela ukuthi izinto zokusindisa ukuphila zikhona emkhunjini, nokuthi amatilosi akulungele ukubhekana nesimo esiyingozi lapho kuqhamuka isiphepho. Ngokufanayo, labo ababehola enhlanganweni kwakudingeka baqiniseke ukuthi wonke amabandla akulungele ukusingatha izimo ezifana nesiphepho. Ukuze akwenze lokhu, lesi sihloko samemezela ushintsho olukhulu. Sathi kusukela ngaleso sikhathi, “kuwo wonke amabandla kumelwe kukhethwe abadala ‘babe ababonisi’ bomhlambi.”IzE. 20:28.

5. (a) Kungani ilungiselelo labadala lokuqala laliyisinyathelo esifike ngesikhathi? (b) Iyiphi imibuzo esizoyicabangela?

5 Lelo lungiselelo labadala lokuqala laba yisinyathelo esifike ngesikhathi ekwakheni amabandla aqinile. Lasiza abafowethu bakwazi ukuhamba emagagasini anolaka ayequbuke ngeMpi Yezwe I. Emashumini eminyaka alandela, okunye ukuthuthukiswa kwezinto eziphathelene nenhlangano kwasiza abantu bakaNkulunkulu ukuba bakuhlomele kangcono ukukhonza uJehova. Yisiphi isiprofetho seBhayibheli esabikezela lokhu? Yiziphi izinguquko eziphathelene nenhlangano ozibonile? Zikuzuzise kanjani?

“Ngiyomisa Ukuthula Kube Ababonisi Bakho”

6, 7. (a) Usho ukuthini u-Isaya 60:17? (b) Kubonisani ukubalulwa ‘kwababonisi nababi bemisebenzi’?

6 Njengoba sifundile eSahlukweni 9 u-Isaya wabikezela ukuthi uJehova wayezobusisa abantu bakhe ngokwanda. (Isaya 60:22) Nokho, uJehova wathembisa ukwenza nokwengeziwe. Kuso lesi siprofetho, wathi: “Esikhundleni sethusi ngiyoletha igolide, esikhundleni sensimbi ngiyoletha isiliva, esikhundleni sokhuni, ithusi, futhi esikhundleni samatshe, insimbi; ngiyomisa ukuthula kube ababonisi bakho nokulunga kube ngababi bemisebenzi yakho.” (Isaya 60:17) Sisho ukuthini leso siprofetho? Sisebenza kanjani kithi namuhla?

Ushintsho alusuki entweni embi luye kwenhle, kodwa lusuka kwenhle luye kwenhle kakhulu

7 Isiprofetho sika-Isaya sithi esikhundleni sento ethile kwakuyofakwa enye. Kodwa phawula ukuthi lolu shintsho alusuki entweni embi luye kwenhle, kodwa lusuka kwenhle luye kwenhle kakhulu. Ukufaka igolide esikhundleni sethusi kubonisa intuthuko, kungokufanayo nangezinye izinto ezibalwe lapha. Ngakho, ngalo mfanekiso uJehova wabikezela ukuthi isimo sabantu bakhe sasiyothuthuka kancane kancane. Iyiphi le ntuthuko esikhuluma ngayo lesi siprofetho? Ngokubalula ‘ababonisi nababi bemisebenzi,’ uJehova wayebonisa ukuthi indlela abantu bakhe abanakekelwa futhi bahlelwe ngayo yayiyothuthuka kancane kancane.

8. (a) Ubani obangela intuthuko echazwe esiprofethweni sika-Isaya? (b) Sizuza kanjani kule ntuthuko? (Bheka nebhokisi elithi “ Wakwamukela Ngokuthobeka Ukulungiswa.”)

8 Ubani obangela le ntuthuko? UJehova uthi: “Ngiyoletha igolide, . . . ngiyoletha isiliva, . . . ngiyomisa ukuthula.” Ngempela, intuthuko ekuhlelekeni kwamabandla ayilethwanga imizamo yabantu kodwa uJehova uqobo lwakhe. Futhi kusukela uJesu amiswa njengeNkosi, uJehova uye wenza lezi zinguquko esebenzisa iNdodana yakhe. Sizuza kanjani kulezi zinguquko? Wona lo mBhalo uthi umphumela walezi zinguquko uyoba ‘ukuthula nokulunga.’ Lapho samukela isiqondiso sikaNkulunkulu futhi senza izinguquko, ukuthula kuyavama phakathi kwethu, uthando nokulunga kusishukumisela ukuba sikhonze uJehova, lowo umphostoli uPawulu amchaza ngokuthi “uNkulunkulu wokuthula.”Fil. 4:9.

9. Yisiphi isisekelo esifanelekile sokuhleleka nobunye ebandleni, futhi ngani?

9 Ngokuqondene noJehova, uPawulu wabuye wabhala: “UNkulunkulu unguNkulunkulu wokuthula akayena owesiyaluyalu.” (1 Kor. 14:33) Phawula ukuthi uPawulu akaqhathanisanga isiyaluyalu nokuhleleka, kodwa wasiqhathanisa nokuthula. Kungani? Cabanga ngalokhu: Ukuhleleka kukodwa akusho ukuthi nakanjani kuyozala izimo ezinokuthula. Ngokwesibonelo, iqembu lamasosha lingase limashe ngokuhleleka libheke ekhaleni lempi, kodwa lokho kumasha kwalo ngokuhleleka kuzala impi, hhayi ukuthula. Ngakho, njengamaKristu, nali iphuzu eliyisihluthulelo esifuna ukulikhumbula: Noma yiliphi iqembu elihlelekile kodwa lingenaso isisekelo esiwukuthula, liyoqumbeka phansi. Ngokuphambene nalokho, ukuthula kukaNkulunkulu kwenza kube khona uhlobo lokuhleleka okuhlala njalo. Asive sibonga ngokuthi inhlangano yethu iqondiswa futhi ilungiswe “uNkulunkulu onika ukuthula!” (Roma 15:33) Ukuthula okuvela kuNkulunkulu kwakha isisekelo sokuhleleka okuzuzisayo nobunye obuqotho esibujabulelayo nesikwazisa kakhulu kangaka emabandleni ethu emhlabeni wonke.IHu. 29:11.

10. (a) Iyiphi intuthuko eyenzeka enhlanganweni yethu eminyakeni yokuqala? (Bheka ibhokisi elithi “ Indlela Ethuthukiswe Ngayo Indlela Yokwengamela.”) (b) Yimiphi imibuzo esizoyicabangela manje?

10 Ibhokisi elithi “ Indlela Ethuthukiswe Ngayo Indlela Yokwengamela” lisichazela ngezinguquko eziwusizo nezibonisa ukuhleleka ezenzeka enhlanganweni yethu eminyakeni yokuqala. Kodwa yiluphi ushintsho olusuka ‘ethusini luya egolideni’ uJehova alwenzile muva nje ngeNkosi yethu? Lezo zinguquko endleleni yokwengamela zikuqinise kanjani ukuthula nobunye emabandleni emhlabeni wonke? Zikusiza kanjani wena ukuba ukhonze “uNkulunkulu wokuthula”?

Indlela UKristu Ahola Ngayo Ibandla

11. (a) Yikuphi ukuqonda okwashintsha ngenxa yokutadisha imiBhalo? (b) Abazalwane bendikimba ebusayo babezimisele ukwenzani?

11 Kusukela ngo-1964 kuya ku-1971, indikimba ebusayo yaqondisa umsebenzi omkhulu wokutadisha iBhayibheli ngenjongo yokuhlola, phakathi kwezinye izinto, indlela ibandla lobuKristu lekhulu lokuqala elalisebenza ngayo. * Ngokwendlela izinto ezazihlelwe ngayo, kwatholakala ukuthi amabandla ekhulu lokuqala ayenganyelwa indikimba yabadala esikhundleni sokuba kube umdala noma umbonisi oyedwa. (Funda eyabaseFilipi 1:1; 1 Thimothewu 4:14.) Lapho seliqondwa kahle lelo phuzu, indikimba ebusayo yaqaphela ukuthi iNkosi yayo, uJesu, yayibaqondisa ekuthuthukiseni indlela inhlangano yabantu bakaNkulunkulu eyayenza ngayo izinto—futhi abazalwane bendikimba ebusayo babezimisele ukulandela isiqondiso seNkosi. Benza izinguquko ngokushesha ukuze inhlangano ihambisane ngokugcwele nelungiselelo labadala elichazwe emiBhalweni. Yiziphi ezinye zezinguquko ezenziwa ekuqaleni kwawo-1970?

12. (a) Yiluphi ushintsho olwenziwa endikimbeni ebusayo? (b) Chaza indlela ehlelwe ngayo manje iNdikimba Ebusayo. (Bheka ibhokisi elithi “ Indlela INdikimba Ebusayo Enakekela Ngayo Izithakazelo ZoMbuso” ekhasini 130.)

12 Inguquko yokuqala yasebenza kuyo kanye indikimba ebusayo. Kuze kube yileso sikhathi, lelo qembu labafowethu abagcotshiwe lalakhiwa amalungu angu-7 ebhodi labaqondisi be-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Kodwa ngo-1971 amalungu endikimba ebusayo andiswa asuka kwangu-7 aya kwangu-11 futhi ayengasabhekwa njengebhodi labaqondisi. La malungu ayezibheka njengalinganayo futhi kwaqala ukuba osihlalo bayo bashintshane njalo ngonyaka kuye ngokulandelana kwezinhlamvu zamagama abo.

13. (a) Yiliphi ilungiselelo elasebenza iminyaka engu-40? (b) Yini iNdikimba Ebusayo eyayenza ngo-1972?

13 Inguquko eyalandela yathinta ibandla ngalinye. Ngayiphi indlela? Kusukela ngo-1932 kuya ku-1972, ibandla lalenganyelwa ngokuyinhloko umzalwane oyedwa. Lowo mzalwane omisiwe wayebizwa ngokuthi umqondisi wenkonzo kwaze kwaba ngu-1936. Ngemva kwalokho leli gama lashintshwa, wabizwa ngokuthi i-company servant, wabuye waba inceku yebandla, ekugcineni kwathiwa umbonisi webandla. Labo bazalwane ababemisiwe bayinakekela ngentshiseko inhlalakahle engokomoya yomhlambi. Umbonisi webandla wayevame ukwenza izinqumo ezithinta ibandla ngaphandle kokuthinta ezinye izinceku ebandleni. Kodwa ngonyaka ka-1972, iNdikimba Ebusayo yavula indlela yokuba kwenziwe ushintsho olwaqopha umlando. Lwaluhilelani lolo shintsho?

14. (a) Yiliphi ilungiselelo elisha elaqala ukusebenza ngo-October 1, 1972? (b) Umxhumanisi wendikimba yabadala usisebenzisa kanjani iseluleko esikweyabaseFilipi 2:3?

14 Esikhundleni sokuba kube umzalwane oyedwa okhonza njengombonisi ebandleni ngalinye, nabanye abazalwane ababefaneleka ngokomBhalo manje base bezomiswa ngokwasezulwini ukuba bakhonze njengabadala abangamaKristu. Bebonke babezokwakha indikimba yabadala eyayizokwengamela ibandla lendawo. Lelo lungiselelo labadala laqala ukusebenza ngo-October 1, 1972. Namuhla umxhumanisi wendikimba yabadala akazibheki njengobalulekile kunabanye, kodwa uzibheka “njengomncane.” (Luka 9:48) Yeka isibusiso abayiso laba bazalwane abathobekile ebuzalwaneni bomhlaba wonke!Fil. 2:3.

Ngokusobala, ngokuhlakanipha iNkosi yethu inike abalandeli bayo abelusi abadingekayo ngesikhathi esifanele

15. (a) Ilungiselelo lokuba amabandla abe nendikimba yabadala libe naziphi izinzuzo? (b) Yini ebonisa ukuthi iNkosi yethu yenza ngokuhlakanipha?

15 Ilungiselelo lokuba amalungu ezindikimba zabadala abambisane ekunakekeleni imithwalo yemfanelo yebandla liye laba intuthuko enkulu. Cabanga ngalezi zinzuzo ezintathu: Eyokuqala, leli lungiselelo lisiza bonke abadala—kungakhathaliseki ukuthi isinda kangakanani imithwalo yabo yemfanelo—ukuba baqaphele ukuthi uJesu uyiNhloko yebandla. (Efe. 5:23) Eyesibili, njengoba izAga 11:14 zisho: “Ngobuningi babeluleki kukhona insindiso.” Njengoba abadala befakana imilomo mayelana nezindaba ezithinta inhlalakahle engokomoya yebandla futhi becabangela ukusikisela komunye nomunye, bayasizakala bakwazi ukufinyelela izinqumo ezivumelana nezimiso zeBhayibheli. (IzAga 27:17) UJehova uyazibusisa izinqumo ezinjalo futhi ziholela empumelelweni. Eyesithathu, ngokuba nabazalwane abengeziwe abafanelekayo abakhonza njengabadala, inhlangano iye yakwazi ukuhlangabezana nesidingo esikhulayo sokwengamela nokwalusa amabandla. (Isaya 60:3-5) Cabanga nje—inani lamabandla emhlabeni wonke landa lisuka kwangaphezu kuka-27 000 ngo-1971 laya kwangaphezu kuka-113 000 ngo-2013! Ngokusobala, ngokuhlakanipha iNkosi yethu iye yanika abalandeli bayo abelusi abadingekayo ngesikhathi esifanele.Mika 5:5.

“Ukuba Yizibonelo Emhlambini”

16. (a) Abadala banamuphi umthwalo wemfanelo? (b) AbaFundi BeBhayibheli basibheka kanjani isiyalo sikaJesu sokuba ‘beluse izimvu’?

16 Emuva ezinsukwini zokuqala zabaFundi BeBhayibheli, abadala base beqonda ukuthi banomsebenzi wokusiza amanye amakholwa ukuba aqhubeke eyizinceku zikaNkulunkulu. (Funda eyabaseGalathiya 6:10.) Ngo-1908, isihloko se-Nqabayokulinda sakhuluma ngesiyalo sikaJesu: “Yalusa amawundlu ami.” (Joh. 21:15-17) Lesi sihloko satshela abadala: “Kubaluleke kakhulu ukuba umsebenzi weNkosi ophathelene nomhlambi ube sendaweni yokuqala ezinhliziyweni zethu ukuze sikwazise njengokuyilungelo elikhulu ukondla nokunakekela abalandeli beNkosi.” Ngo-1925, INqabayokulinda yaphinde yagcizelela ukubaluleka kokukhonza njengabelusi ngokukhumbuza abadala: “Ibandla likaNkulunkulu ngelakhe, . . .  futhi bonke uyothi abalandise ngelungelo abanalo lokukhonza abafowabo.”

17. Ababonisi basizwe kanjani ukuba babe abelusi abakhuthele?

17 Inhlangano kaJehova ibasize kanjani abadala ukuba bashintshe amakhono abo okwalusa abe ‘yisiliva’ angabi ‘yithusi’? Ngokubaqeqesha. Ngo-1959 kwaba neSikole Senkonzo SoMbuso sokuqala sababonisi. Kwelinye ikilasi kwafundwa ngesihloko esithi “Ukunaka Abamemezeli.” Labo bazalwane abanemithwalo yemfanelo bakhuthazwa ukuba “benze isimiso sokuvakashela abamemezeli emizini yabo.” Kwanikezwa izindlela eziningi abelusi abangenza ngazo lezo zikhathi zokuvakasha zibakhe abamemezeli. Ngo-1966, kwaqala iSikole Senkonzo SoMbuso esithuthukisiwe. Kwaba nesihloko esithi “Ukubaluleka Komsebenzi Wokwalusa.” Lalithini iphuzu eliyinhloko laleso sihloko? Labo abaholayo “kufanele bahlanganyele ekunikezeni umhlambi kaNkulunkulu ukukhathalela kothando, ngesikhathi esifanayo bangayeki ukunaka eyabo imikhaya nenkonzo yasensimini.” Eminyakeni yamuva, kuye kwaqhutshwa izikole zabadala ezengeziwe. Ube yini umphumela wokuqeqesha okuqhubekayo kwenhlangano kaJehova? Namuhla ibandla lobuKristu linezinkulungwane zabazalwane abafanelekayo abakhonza njengabelusi abangokomoya.

ISikole Senkonzo SoMbuso ePhilippines ngo-1966

18. (a) Yimuphi umsebenzi osindayo abadala abaphathiswe wona? (b) Kungani uJehova noJesu bebathanda abadala abakhuthele?

18 Abadala abangamaKristu bamiswe uJehova ngeNkosi yethu, uJesu, ukuba benze umsebenzi osindayo. Yimuphi lowo msebenzi? Ukuhola izimvu zikaNkulunkulu kulesi sikhathi esibucayi kunazo zonke emlandweni wabantu. (Efe. 4:11, 12; 2 Thim. 3:1) UJehova noJesu babathanda ngokujulile abadala abakhuthele ngoba balalela isiyalo esingokomBhalo: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe . . . ngokuzithandela . . . , ngokulangazela . . . , [nibe] yizibonelo emhlambini.” (1 Pet. 5:2, 3) Ake sifunde ngezindlela ezimbili kweziningi abelusi abangamaKristu abayizibonelo ngazo emhlambini nabanikela ngazo ekuthuleni nasenjabulweni ebandleni.

Izindlela Abadala Abelusa Ngazo Umhlambi KaNkulunkulu Namuhla

19. Sizizwa kanjani ngabadala abahamba nathi ensimini?

19 Eyokuqala, abadala basebenza namalungu ebandla. Umlobi weVangeli uLuka wathi ngoJesu: “Wahamba umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu. Abayishumi nambili babenaye.” (Luka 8:1) Njengoba nje uJesu ashumayela nabaphostoli bakhe, nabadala abayizibonelo namuhla basebenza namanye amakholwa emsebenzini wokushumayela. Bayaqaphela ukuthi ngokwenza kanjalo, banikela kakhulu emoyeni omuhle webandla. Amalungu ebandla azizwa kanjani ngabadala abanjalo? UJeannine, udade osezohlanganisa iminyaka engu-90, uthi: “Ukusebenza nomdala ensimini kunginika ithuba elihle lokuxoxa naye nelokumazi kangcono.” USteven, umzalwane oneminyaka engaba ngu-35, uthi: “Lapho umdala esebenza nami endlini ngendlu, ngiba nomuzwa wokuthi ufuna ukungisiza. Ukuthola usizo olunjalo kungithokozisa kakhulu.”

Njengoba nje umalusi efuna imvu elahlekile, nabadala balwela ukuthola labo abaye balahlekelana nebandla

20, 21. Abadala bangamlingisa kanjani umalusi osemfanekisweni kaJesu? Nikeza isibonelo. (Bheka nebhokisi elithi “ Ukuvakasha Kwamasonto Onke Okunezithelo.”)

20 Eyesibili, inhlangano kaJehova iye yaqeqesha abadala ukuba babonise ukubakhathalela abantu abaye balahlekelana nebandla. (Heb. 12:12) Kungani abadala kufanele basize abantu ababuthaka kanjalo ngokomoya, futhi kufanele babasize kanjani? Umfanekiso kaJesu womalusi nemvu elahlekile usinikeza izimpendulo. (Funda uLuka 15:4-7.) Lapho umalusi emfanekisweni eqaphela ukuthi kunemvu elahlekile uyayicingisisa, ungaze ufunge uthi ukuphela kwayo. Abadala abangamaKristu namuhla basilingisa kanjani isibonelo esabekwa yilowo malusi? Njengoba nje imvu elahlekile ihlale iyigugu kumalusi wayo, nalabo abalahlekelene nabantu bakaNkulunkulu bahlale beyigugu kubadala. Abadala babheka umuntu obuthaka ngokomoya njengemvu elahlekile—hhayi njengesehluleki. Ngaphezu kwalokho, njengoba nje umalusi enquma ‘ukuhamba ayofuna imvu elahlekile aze ayithole,’ nabadala bathatha isinyathelo sokuyofuna nokusiza abantu ababuthaka.

21 Umalusi osemfanekisweni wenzani lapho eyithola imvu? Uyifukula ngomusa, ‘ayibeke emahlombe,’ ayiphindisele emhlambini. Ngokufanayo, amazwi omdala okukhathalela asuka enhliziyweni angase, ngomqondo ongokomfanekiso, amfukule ngomusa umuntu obuthaka ngokomoya futhi amsize ukuba abuyele ebandleni. Yilokho okwenzeka kuVictor, umzalwane wase-Afrika owayeka ukuhlanganyela. Uyalandisa: “Phakathi neminyaka engu-8 ngipholile, abadala babezama ukungisiza.” Yini eyamthinta kakhulu? Uyachaza: “Ngelinye ilanga uJohn, umdala esasinaye eSikoleni Senkonzo Samaphayona, wazinika isikhathi sokungivakashela, wangitshengisa izithombe zethu sisesikoleni. Zabuyisa izinkumbulo eziningi nezimnandi kangangokuba ngalangazelela ukuthola injabulo enganginayo ngisakhonza uJehova.” Ngokushesha ngemva kokuvakashelwa uJohn, uVictor wabuyela ebandleni. Useyaphayona futhi manje. Ngempela, abadala abangamaKristu abakhathalelayo baneqhaza elikhulu enjabulweni yethu.2 Kor. 1:24. *

Ukuthuthukiswa Kwendlela Yokwengamela Kuqinisa Ubunye Babantu BakaNkulunkulu

22. Ukulunga nokuthula kubuqinisa kanjani ubunye bebandla lobuKristu? (Bheka nebhokisi elithi “ Samangala.”)

22 Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, uJehova wabikezela ukuthi ukulunga nokuthula kwakuyokwanda kancane kancane phakathi kwabantu bakhe. (Isaya 60:17) Zombili lezi zimfanelo ziqinisa ubunye bamabandla. Ngaziphi izindlela? Ngokuqondene nokulunga, “uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa.” (Dut. 6:4) Izindinganiso zakhe zokulunga ziyefana kuwo wonke amabandla, akuyi ngokuthi akuliphi izwe. Izindinganiso zakhe zokulungile nokungalungile zizodwa, futhi ziyefana “kuwo wonke amabandla abangcwele.” (1 Kor. 14:33) Ngenxa yalokho, ibandla liyochuma kuphela uma lisebenzisa izindinganiso zikaNkulunkulu. Ngokuqondene nokuthula, iNkosi yethu ifuna singagcini nje ngokuba nokuthula ebandleni kodwa futhi sibe abenzi bokuthula. Ngakho-ke, ‘siphishekela izinto ezibangela ukuthula.’ Sithatha isinyathelo sokuxazulula ukungezwani okungase kuqubuke phakathi kwethu ngezinye izikhathi. (Roma 14:19) Ngaleyo ndlela siba nesandla ekuthuleni nasebunyeni bebandla lakithi.Isaya 60:18.

23. Njengezinceku zikaJehova, yini esiyijabulelayo namuhla?

23 Ngo-November 1895, ngesikhathi INqabayokulinda imemezela ilungiselelo lokuqala labadala, abazalwane abanemithwalo yemfanelo nabo basho isifiso sabo esisuka enhliziyweni. Sasiyini? Babefisa futhi bethandazela ukuba leli lungiselelo elisha lenhlangano lisize abantu bakaNkulunkulu ukuba “masinyane bafinyelele ubunye bokholo.” Uma sibheka emuva emashumini eminyaka edlule, kuyasithokozisa ukubona ukuthi ukulungiswa kancane kancane kwendlela yokwengamela amabandla okwenziwa uJehova ngeNkosi yethu, ngempela kuye kwabuqinisa ubunye bethu ekukhulekeleni. (IHu. 99:4) Ngenxa yalokho, bonke abantu bakaJehova emhlabeni wonke namuhla bayajabula njengoba sihamba “ngomoya ofanayo,” silandela “ezinyathelweni ezifanayo,” futhi sikhonza “uNkulunkulu wokuthula” “silinganisene ihlombe nehlombe.”—2 Kor. 12:18; funda uZefaniya 3:9.

^ isig. 11 Umphumela walolo cwaningo wanyatheliswa encwadini eyisikhombo ethi Aid to Bible Understanding.