Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 13

Abashumayeli BoMbuso Bayisa Udaba Lwabo Enkantolo

Abashumayeli BoMbuso Bayisa Udaba Lwabo Enkantolo

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

Njengoba uJesu abikezela, abantu bakhe babhekana nokuphikiswa komsebenzi wabo wokushumayela yingalo yomthetho

1, 2. (a) Yini abaholi benkolo abaphumelela ukuyenza emsebenzini wokushumayela, kodwa abaphostoli basabela kanjani? (b) Kungani abaphostoli benqaba ukulalela umyalo owawubavimbela ukuba bashumayele?

KUNGEMVA nje kwePhentekoste lika-33 C.E. Ibandla lobuKristu eJerusalema linamasonto ambalwa nje limisiwe. Kusobala ukuthi uSathane ubheka lokhu njengethuba elihle lokugadla. Ufuna ukuliqothula lingakakhuli laqina. Uqondisa izinto ngokushesha ngendlela eyenza ukuba abaholi benkolo bavimbele umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Kepha abaphostoli bayaqhubeka beshumayela ngesibindi, futhi amadoda nabesifazane abaningi “bakholwa yiNkosi.”IzE. 4:18, 33; 5:14.

Abaphostoli bajabula “ngoba bebalwe njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama lakhe”

2 Bethukutheliswe yilokhu, abaphikisi bayagadla futhi—kulokhu bavalela bonke abaphostoli etilongweni. Kepha ebusuku ingelosi kaJehova ivula iminyango yetilongo, emini abaphostoli sebeyashumayela futhi! Baphinde baboshwe bayiswe phambi kwababusi, abababeka icala lokweqa umyalo wokuba bangashumayeli. Abaphostoli baphendula ngesibindi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” Ababusi bacasuka kangangokuthi bafuna “ukubabulala” abaphostoli. Kuwo lowo mnyama, uGamaliyeli, umfundisi woMthetho ohlonishwayo uveza uvo lwakhe, axwayise ababusi: “Ziqapheleni . . . Ningabaphazamisi laba bantu, kodwa bayekeni.” Ngokumangalisayo, ababusi bayasamukela iseluleko sakhe babadedele abaphostoli. Abe esenzani la madoda athembekile? Lokhu akuwatheni amandla, ayaqhubeka ‘ngaphandle kokuyekethisa efundisa futhi ememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.’IzE. 5:17-21, 27-42; IzAga 21:1, 30.

3, 4. (a) Iyiphi indlela osekuyisikhathi eside uSathane eyisebenzisa ngokuphumelelayo ekuhlaseleni abantu bakaNkulunkulu? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sahluko nakwezimbili ezilandelayo?

3 Lelo cala lasenkantolo elaqulwa emuva le ngo-33 C.E. laliyisigameko sokuqala sokuphikiswa ngokomthetho kwebandla lobuKristu, kodwa lalingesona neze esokugcina. (IzE. 4:5-8; 16:20; 17:6, 7) Esikhathini sethu, uSathane usagqugquzela abaphikisi bokukhulekela kweqiniso ukuba benze iziphathimandla zivimbele umsebenzi wethu wokushumayela. Abaphikisi baye bamangalela abantu bakaNkulunkulu ngamacala ahlukahlukene. Elinye elokuthi siphazamisa ukuhleleka komphakathi—siphehla udweshu. Elinye elokuthi sivukela umbuso; kanti elinye elokuthi siyadayisa—sidayisa izincwadi. Ngezikhathi ezifanele, abafowethu baye baya ezinkantolo beyobonisa ukuthi lezi zimangalo zingamanga. Ube yini umphumela wala macala? Izinqumo ezakhishwa izinkantolo emashumini eminyaka adlule zikuthinta kanjani wena namuhla? Ake sihlole amacala ambalwa ukuze sibone indlela aye asiza ngayo “ekuvikeleni nasekumiseni ngokomthetho izindaba ezinhle.”Fil. 1:7.

4 Kulesi sahluko sizogxila endleleni esiye salivikela ngayo ilungelo lethu lokuba nenkululeko yokushumayela. Izahluko ezimbili ezilandelayo zizohlola amanye amacala aye alwiwa ezinkantolo emzamweni wethu wokuhlale singeyona ingxenye yezwe futhi siphila ngezindinganiso zoMbuso.

Ingabe Siphehla Udweshu Noma Simelela UMbuso KaNkulunkulu Ngobuqotho?

5. Ngasekupheleni kwawo-1930, kungani abashumayeli boMbuso baboshwa, futhi isiphi isinyathelo labo ababehola abacabangela ukusithatha?

5 Ngasekupheleni kwawo-1930, amadolobha nezifundazwe kulo lonke elase-United States of America afuna ukuphoqa oFakazi BakaJehova ukuba bathole imvume ethile esemthethweni noma incwadi ebagunyaza ukuba benze inkonzo yabo. Kodwa abafowethu abazange bazifake izicelo zalezo zincwadi. Incwadi yemvume ingahoxiswa, kanti bakholelwa ukuthi awukho uhulumeni onegunya lokugxambukela emyalweni uJesu awunika amaKristu wokushumayela isigijimi soMbuso. (Marku 13:10) Lokho kwaholela ekuboshweni kwabashumayeli boMbuso abaningi. Ukuze babhekane nalesi simo, abaholayo enhlanganweni bacabangela ukuyisa lolu daba enkantolo. Babenethemba lokubonisa ukuthi yayingahambisani nomthetho imingcele yoMbuso eyayephula ilungelo loFakazi lokuqhuba inkolo yabo ngokukhululekile. Ngo-1938, kwaba nesigigaba esaholela ecaleni elaba umhlahlandlela. Kwenzekani?

6, 7. Kwenzekani emkhayeni wakwaCantwell?

6 NgoLwesibili ekuseni, ngo-April 26, 1938, uNewton Cantwell, owayeneminyaka engu-60; umkakhe u-Esther namadodana abo uHenry, uRussell noJesse—bobahlanu babengamaphayona akhethekile—baphuma ekuseni beyoshumayela edolobheni laseNew Haven, eConnecticut. Empeleni babekulungele ukuthi babengase bangabuyi ngalolo suku. Kungani? Base beke baboshwa kaningana, ngakho baqaphela ukuthi babengase baboshwe futhi. Noma kunjalo, ukucabanga ngalokho akuzange kusiqede isifiso sabakwaCantwell sokuyoshumayela isigijimi soMbuso. Bafika eNew Haven behamba ngezimoto ezimbili. UNewton wayeshayela imoto enkulu igcwele izincwadi zeBhayibheli namagilamafomu, uHenry owayeneminyaka engu-22 eshayela imoto enombhobho. Nebala, ngemva nje kwamahora ambalwa bamiswa amaphoyisa.

7 Kwaqale kwaboshwa uRussell owayeneminyaka engu-18, kwabe sekuboshwa uNewton no-Esther. UJesse owayeneminyaka engu-16 wayebukele ebuqamama lapho abazali bakhe nomfowabo bethathwa amaphoyisa. UHenry wayeshumayela kwenye ingxenye yedolobha, ngakho uJesse owayesemncane wasala yedwa. Noma kunjalo wathatha igilamafomu waqhubeka nokushumayela. Amadoda amabili angamaKatolika avumela uJesse ukuba awadlalele inkulumo kaMfoweth’ uRutherford eqoshiwe, enesihloko esithi “Izitha.” Kodwa njengoba eyilalele, athukuthela angqangqa asho ukumshaya uJesse. Akazange atatazele, wamane wasuka kuwo, kodwa ngokushesha ngemva kwalokho, wamiswa iphoyisa. Ngakho noJesse wazithola esesesitokisini. Amaphoyisa awazange ambeke icala uDade Cantwell, kodwa abeka uMfoweth’ uCantwell namadodana akhe icala. Nokho badedelwa ngebheyili ngalo lolo suku.

8. Kungani inkantolo yathola uJesse Cantwell enecala lokuphehla udweshu?

8 Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngo-September 1938, umkhaya wakwaCantwell wavela phambi kwenkantolo encane yaseNew Haven. UNewton, uRussell noJesse balahlwa ngecala lokucela iminikelo ngaphandle kwemvume. Naphezu kokudluliselwa kwalawo macala eNkantolo Ephakeme YaseConnecticut, uJesse watholakala enecala lokwenza into engaphazamisa ukuthula—ukuphehla udweshu. Kungani? Kungoba amadoda amabili angamaKatolika ayelalele leya nkulumo eqoshiwe ayeye afakaza enkantolo athi inkulumo yayihlambalaza inkolo yawo futhi yayiwacasulile. Bengahambisani nalezo zinqumo ezazilahla abakwaCantwell ngecala, abazalwane abaholayo enhlanganweni badlulisela lawo macala eNkantolo Ephakeme Yase-United States—inkantolo enkulu kunazo zonke ezweni.

9, 10. (a) INkantolo Ephakeme Yase-United States yakhipha siphi isinqumo ngokuphathelene nomkhaya wakwaCantwell? (b) Sisazuza kanjani thina kuleso sinqumo?

9 Kusukela ngo-March 29, 1940 uMahluleli Omkhulu uCharles E. Hughes nabanye abahluleli ayekanye nabo abangu-8 balalela izizathu eziphikisayo ezethulwa uMfoweth’ uHayden Covington, owayengummeli woFakazi BakaJehova. * Lapho ummeli wesifundazwe saseConnecticut eveza ezakhe izizathu eziphikisayo, ezama ukubonisa ukuthi oFakazi babephehla udweshu, omunye umahluleli wabuza: “Akulona yini iqiniso ukuthi isigijimi uKristu Jesu ayesishumayela sasingathandeki ngosuku lwakhe?” Ummeli wesifundazwe waphendula: “Kunjalo, futhi uma ngikukhumbula kahle okushiwo iBhayibheli lami, lisho nalokho okwenzeka kuJesu ngenxa yokushumayela leso sigijimi.” Yeka amazwi ayemdalula! Engahlosile, lo mmeli wabopha oFakazi ngabhande linye noJesu wayesebopha isifundazwe ngabhande linye nalabo abalahla uJesu ngecala. Ngo-May 20, 1940, iNkantolo yakhipha isinqumo esivuna oFakazi.

UHayden Covington (phambili, phakathi nendawo), uGlen How (kwesobunxele) nabanye baphuma enkantolo ngemva kokunqoba ecaleni

10 Sasibaluleke ngani leso sinqumo seNkantolo? Sagcizelela ukuvikelwa kwelungelo lomuntu lokuqhuba inkolo yakhe ngokukhululekile ukuze kungabikho nhlangano, sifundazwe nahulumeni wendawo ongabekela inkululeko yokukhulekela umngcele ngokusemthethweni. Ngaphezu kwalokho, iNkantolo yathola isenzo sikaJesse “singakusongeli neze ukuthula nokuhleleka komphakathi.” Ngakho, leso sinqumo sakuveza ngokucacile ukuthi oFakazi BakaJehova abakuphazamisi ukuhleleka komphakathi. Yeka ukunqoba okubalulekile kwezinceku zikaNkulunkulu! Sisazuza kanjani thina kukho? Ummeli onguFakazi uyaphawula: “Ilungelo lokuqhuba inkolo yethu ngokukhululekile ngaphandle kokwesaba ukubekelwa imingcele engenabulungisa lenza thina njengoFakazi namuhla sikwazi ukuxoxa ngesigijimi sethemba nabanye emiphakathini esiphila kuyo.”

Abavukeli BoMbuso—Noma Abamemezeli Beqiniso?

Quebec’s Burning Hate for God and Christ and Freedom Is the Shame of All Canada

11. Abafowethu eCanada benza muphi umkhankaso, futhi ngani?

11 Phakathi nawo-1940, oFakazi BakaJehova eCanada babhekana nokuphikiswa okunonya. Ngakho, ukuze benze umhlaba wazi ukuthi uMbuso WaseCanada wawulishaya indiva ilungelo lokukhulekela, ngo-1946 abafowethu balapho baba nomkhankaso wezinsuku ezingu-16 wokusakaza ipheshana elalinesihloko esithi Quebec’s Burning Hate for God and Christ and Freedom Is the Shame of All Canada. Leli pheshana elalinamakhasi amane layidalula ngokuningiliziwe imibhikisho eyayigqugquzelwe abefundisi, isihluku samaphoyisa nokuhlaselwa yizixuku kwabafowethu esifundazweni saseQuebec. Leli pheshana lathi: “Ukuboshwa ngokungemthetho koFakazi BakaJehova kuyaqhubeka. EGreater Montreal kuvulwe amacala angaba ngu-800 kumangalelwa oFakazi BakaJehova.”

12. (a) Abaphikisi basabela kanjani emkhankasweni wepheshana? (b) Abafowethu babekwa liphi icala? (Bheka nombhalo waphansi.)

12 UNdunankulu waseQuebec uMaurice Duplessis, esebenzisana noKhadinali wamaRoma Katolika uVilleneuve wasabela kulelo pheshana ngokumemezela ukuthi wayezokulwa “impi eyayingeke ibe nesihe” noFakazi. Amacala aqulwa yinkantolo anda ngokushesha aphindeka kabili esuka kwangu-800 aya kwangu-1 600. Udade oyiphayona wathi: “Amaphoyisa asibopha kaningi kangangokuthi sasigcina singasazi ukuthi sesiboshwe kangaki.” OFakazi ababebanjwa besakaza leli pheshana babemangalelwa ngecala lokusakaza “ipheshana elivukela umbuso.” *

13. Obani ababa abokuqala ukuquliswa amacala okuvukela umbuso, futhi saba yini isinqumo senkantolo?

13 Ngo-1947, uMfoweth’ u-Aimé Boucher namadodakazi akhe uGisèle, owayeneminyaka engu-18 noLucille, owayeneminyaka engu-11 baba abokuqala abaquliswa enkantolo amacala okuvukela umbuso. Babesakaze amapheshana anesihloko esithi Quebec’s Burning Hate eduze kwepulazi labo emagqumeni aseningizimu neDolobha LaseQuebec, kodwa wawungeke ubachaze ngokuthi abaphehli bodweshu abangenamthetho. UMfoweth’ uBoucher wayeyindoda ethobekile nomnene eyayinakekela ipulazi layo elincane ngokuthula futhi ngezinye izikhathi aye edolobheni egibele ingqukumbana yakhe edonswa yihhashi. Noma kunjalo, umkhaya wakhe wawuye wakhuthazelela ezinye zazo kanye izenzo zokuhlukunyezwa okukhulunywa ngazo kulelo pheshana. Umahluleli wasenkantolo encane owayezonda oFakazi wenqaba ukwamukela ubufakazi obabubonisa ukuthi abakwaBoucher abanacala. Kunalokho, wamukela okwashiwo umshushisi ukuthi lelo pheshana ligqugquzela inzondo, wayesethi abakwaBoucher kufanele batholakale benecala. Kwakufana nokuthi umbono kamahluleli uthi: Kuyicala ukukhuluma iqiniso! U-Aimé noGisèle balahlwa ngamacala okusakaza izincwadi ezivukela umbuso, ngisho noLucille owayesemncane wachitha izinsuku ezimbili ejele. Abafowethu badlulisela icala eNkantolo Ephakeme YaseCanada, inkantolo enkulu kunazo zonke ezweni, eyavuma ukulilalela leli cala.

14. Abazalwane eQuebec basabela kanjani phakathi neminyaka yokushushiswa?

14 Phakathi naleso sikhathi, abafowethu nodadewethu ababenesibindi eQuebec baqhubeka beshumayela isigijimi soMbuso naphezu kokuhlaselwa ngobudlova okwakungapheli—ngokuvamile bathole imiphumela emihle kakhulu. Phakathi neminyaka emine ngemva kokuqalwa komkhankaso wepheshana ngo-1946, inani loFakazi eQuebec landa lisuka kwabangu-300 laya kwabangu-1 000! *

15, 16. (a) INkantolo Ephakeme YaseCanada yakhipha siphi isinqumo ecaleni elalibekwe abakwaBoucher? (b) Lokhu kunqoba kwaba namuphi umphumela kubafowethu nakwabanye abantu?

15 Ngo-June 1950, iNkantolo Ephakeme YaseCanada ephelele, eyayinabahluleli abangu-9, yalalela icala lika-Aimé Boucher. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, ngo-December 18, 1950, iNkantolo yakhipha isinqumo esivuna thina. Kungani? UMfoweth’ uGlen How, owayengummeli woFakazi, wachaza ukuthi le Nkantolo yayivumelana nezizathu ezinikezwe abamangalelwa zokuthi “ukuvukela” kuhilela ukwenza abantu babe nobudlova noma benze udlame olubhekiswe kuhulumeni. Kodwa leli pheshana “lalingenazo izinkulumo ezenza abantu babe nodlame, lalimane lisebenzisa inkululeko yokukhuluma engaphambene nomthetho.” UMfoweth’ uHow wanezela: “Ngazibonela indlela uJehova anikeza ngayo ukunqoba.” *

16 Ngempela, leso sinqumo seNkantolo Ephakeme sasiwukunqoba okukhulu koMbuso kaNkulunkulu. Senza kwesulwa wonke amanye amacala angu-122 ayebekwe oFakazi ayesalindile eQuebec, amacala ababemangalelwe ngawo kuthiwa basakaza izincwadi ezigqugquzela ukuvukela. Ngaphezu kwalokho, leso sinqumo seNkantolo sasho ukuthi izakhamuzi zaseCanada nezamazwe oMfelandawonye WaseBrithani manje zase zinenkululeko yokuveza ukukhathazeka kwazo ngendlela kahulumeni yokubusa. Ngaphezu kwalokho, lokhu kunqoba kwaqeda amandla eSonto noMbuso WaseQuebec okuhlasela amalungelo oFakazi BakaJehova. *

Abadayisi Bezincwadi—Noma Abamemezeli Abashisekayo BoMbuso KaNkulunkulu?

17. Abanye ohulumeni bazama kanjani ukulawula imisebenzi yethu yokushumayela?

17 NjengamaKristu okuqala, izinceku zikaJehova namuhla ‘azibona abathengisi bezwi likaNkulunkulu.’ (Funda eyesi-2 Korinte 2:17.) Noma kunjalo, abanye ohulumeni bazama ukulawula inkonzo yethu ngokusebenzisa imithetho eqondisa ezentengiselwano. Ake sifunde ngamacala amabili okwakhishwa kuwo isinqumo ngokuthi oFakazi BakaJehova bangabadayisi yini noma bayizikhonzi.

18, 19. Iziphathimandla zaseDenmark zazama kanjani ukuvimbela umsebenzi wokushumayela?

18 EDenmark. Ngo-October 1, 1932, kwashaywa umthetho owawenza kungabi semthethweni ukudayisa izinto ezinyathelisiwe uma ungenayo ilayisense yokudayisa. Abafowethu abazange basifake isicelo saleyo layisense. Ngakusasa, abamemezeli abahlanu bachitha usuku beshumayela eRoskilde, idolobha eliqhele ngamakhilomitha angaphezu kwangu-30 entshonalanga yeCopenhagen, inhloko-dolobha. Lapho kuphela usuku, baqaphela ukuthi omunye wabo wayengekho, u-August Lehmann. Wayeboshelwe ukudayisa ngaphandle kwelayisense.

19 Ngo-December 19, 1932, u-August Lehmann wavela enkantolo. Wafakaza ukuthi wayeye wahambela abantu ebanikeza izincwadi zeBhayibheli, kodwa wenqaba ukuthi wayedayisa. Inkantolo encane eyayiqula icala lakhe yavumelana naye. Yathi: “Ummangalelwa . . . uyakwazi ukuzisekela ngokwezimali futhi akazange athole nzuzo eyimali noma ahlose ukuthola inzuzo enjalo, kunalokho imisebenzi yakhe iye yamlahlekisela izimali.” Inkantolo yama noFakazi, yakhipha isinqumo sokuthi umsebenzi kaLehmann “awunakubhekwa ngokuthi uwukuhweba.” Nokho, izitha zabantu bakaNkulunkulu zazizimisele ukuvimbela umsebenzi wokushumayela ezweni lonke. (IHu. 94:20) Umshushisi womphakathi walidlulisa icala, laze layofika naseNkantolo Ephakeme yezwe. Basabela kanjani abafowethu?

20. INkantolo Ephakeme YaseDenmark yakhipha siphi isinqumo, futhi abafowethu basabela kanjani?

20 Ngesonto langaphambi kokulalelwa kwecala yiNkantolo Ephakeme, oFakazi kulo lonke elaseDenmark benza imisebenzi yabo yokushumayela ngomfutho owengeziwe. NgoLwesibili, ngo-October 3, 1933, iNkantolo Ephakeme yakhipha isinqumo. Yavumelana nenkantolo encane ukuthi u-August Lehmann wayengaphulanga mthetho. Lesi sinqumo sasho ukuthi oFakazi babengaqhubeka beshumayela ngokukhululekile. Ukuze babonise ukubonga kwabo kuJehova ngokubenza balinqobe leli cala, abafowethu nodadewethu bayandisa ngisho nakakhulu imisebenzi yabo yokushumayela. Kusukela kwaphuma leso sinqumo, abafowethu eDenmark baye bakwazi ukufeza inkonzo yabo ngaphandle kokugxambukela kukahulumeni.

OFakazi abanesibindi eDenmark ngawo-1930

21, 22. Saba yini isinqumo seNkantolo Ephakeme Yase-United States ecaleni elalibekwe uMfoweth’ uMurdock?

21 E-United States. NgeSonto, ngo-February 25, 1940, uRobert Murdock, Jr., owayeyiphayona, nabanye oFakazi abangu-7 baboshwa ngesikhathi beshumayela eJeannette, idolobha eliseduze kwasePittsburgh, esifundazweni sasePennsylvania. Balahlwa ngecala lokungayithengi ilayisense yokuhambisa izincwadi. Lapho belidlulisa icala, iNkantolo Ephakeme Yase-United States yavuma ukulilalela.

22 Ngo-May 3, 1943, iNkantolo Ephakeme yakhipha isinqumo esavikela oFakazi. INkantolo yayihlaba imfuneko yokuthola ilayisense ngoba lokho kwakusho ukuthi umuntu “kumelwe akhokhe ukuze abe nelungelo alinikezwa uMthetho-sisekelo WoMbuso.” INkantolo yawuchitha lo myalo wedolobha yathi “ulinganisela inkululeko yokunyathelisa futhi uvimbela abantu ukuba baqhube inkolo ngokukhululekile.” Lapho ekhipha isinqumo seningi labahluleli eNkantolo, uMahluleli uWilliam O. Douglas wathi umsebenzi woFakazi BakaJehova “awukona nje kuphela ukushumayela; awukona nje kuphela ukuhambisa izincwadi zenkolo. Uyinhlanganisela yakho kokubili.” Wanezela: “Umsebenzi wenkolo walolu hlobo unesithunzi esiphakeme esifanayo . . . nesokukhulekela okwenziwa emasontweni nokushumayela okwenziwa emapulpiti.”

23. Kungani amacala anqotshwa enkantolo ngo-1943 ebalulekile kithi namuhla?

23 Lesi sinqumo seNkantolo Ephakeme saba ukunqoba okukhulu kwabantu bakaNkulunkulu. Saqinisekisa lokho esiyikho ngempela—izikhonzi ezingamaKristu, hhayi abadayisi bezentengiselwano. Ngalo lolo suku olungasoze lulibaleke ngo-1943, oFakazi BakaJehova banqoba amacala angu-12 kwangu-13 ababemangalelwe ngawo eNkantolo Ephakeme, kuhlanganise nesinqumo esakhishwa ecaleni lika-Murdock. Lezi zinqumo ziye zaba umhlahlandlela onamandla emacaleni asenkantolo amuva okuthe kuwo abaphikisi baphinde balibekela inselele ilungelo lethu lokushumayela isigijimi soMbuso obala nasendlini ngendlu.

“Kumelwe Silalele UNkulunkulu Njengombusi Kunabantu”

24. Sisabela kanjani lapho uhulumeni uvimbela umsebenzi wethu wokushumayela?

24 Njengezinceku zikaJehova, sikwazisa kakhulu lapho ohulumeni besinika ilungelo elingokomthetho lokushumayela isigijimi soMbuso ngokukhululekile. Kodwa lapho uhulumeni uvimbela umsebenzi wethu wokushumayela, simane sishintshe izindlela zethu, siqhubeke nomsebenzi nganoma iyiphi indlela esingenza ngayo. Njengabaphostoli, “kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzE. 5:29; Math. 28:19, 20) Ngesikhathi esifanayo, sinxusa izinkantolo ukuba zisuse imithetho evimbela imisebenzi yethu. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili.

25, 26. Iziphi izenzakalo eNicaragua ezaholela ecaleni eladluliselwa eNkantolo Ephakeme yakhona, futhi waba yini umphumela?

25 ENicaragua. Ngo-November 19, 1952, uDonovan Munsterman owayeyisithunywa sevangeli nenceku yegatsha wangena eHhovisi Lomnyango Wabavela Kwamanye Amazwe enhloko-dolobha iManagua. Wayeyalwe ukuba ayovela phambi kukaKaputeni u-Arnoldo García, owayephethe lelo hhovisi. Lo kaputeni watshela uDonovan ukuthi bonke oFakazi BakaJehova eNicaragua “babenqatshelwe ukuqhubeka beshumayela izimfundiso zabo nokukhuthaza imisebenzi yabo yenkolo.” Lapho ebuzwa ukuthi kungani, uKaputeni García wachaza ukuthi oFakazi babengenayo imvume evela kungqongqoshe kahulumeni yokwenza inkonzo yabo nokuthi babemangalelwa ngokuthi bangamakhomanisi. Obani ababesimangalela? Abefundisi bamaRoma Katolika.

Abafowethu eNicaragua ngesikhathi umsebenzi uvinjelwe

26 UMfoweth’ uMunsterman wadlulisela lolu daba ngokushesha eMnyango KaHulumeni Nezinkolo nakuMongameli u-Anastasio Somoza García, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ngakho abazalwane bashintsha izindlela zabo zokushumayela. Bavala iHholo LoMbuso, bahlanganyela ngamaqembu amancane bayeka nokufakaza emgwaqweni, kodwa baqhubeka beshumayela isigijimi soMbuso. Ngesikhathi esifanayo, bafaka isicelo sokuba iNkantolo Ephakeme YaseNicaragua ingenele, bayicela nokuba ichithe lokhu kuvinjelwa. Amaphephandaba akusakaza kabanzi ukuthi sivinjelwe nokwakuqukethwe yileso sicelo, futhi iNkantolo Ephakeme yavuma ukulilalela leli cala. Kwaba namuphi umphumela? Ngo-June 19, 1953, iNkantolo Ephakeme yakhipha isinqumo eyayivumelene ngazwi linye kuso esasivuna oFakazi. Yathola ukuthi lokho kuvinjelwa kwakwephula iziqinisekiso zomthetho-sisekelo zenkululeko yokukhuluma, kanembeza neyokubonakalisa komuntu izinkolelo zakhe. Yayala nokuba uhulumeni waseNicaragua ubuyisele ubuhlobo owawunabo ngaphambili noFakazi.

27. Kungani isinqumo seNkantolo sabamangaza abantu baseNicaragua, futhi abafowethu bakubheka kanjani lokhu kunqoba?

27 Abantu baseNicaragua bamangala lapho iNkantolo Ephakeme ima noFakazi. Ngaphambi kokuba kukhishwe lesi sinqumo, ithonya labefundisi lalinamandla kakhulu kangangokuthi iNkantolo yayikugwema ukuhilizisana nabo. Ngaphezu kwalokho, amandla ezikhulu zikahulumeni ayemakhulu kangangokuthi kwakuqabukela iNkantolo yenza okuphambene nezinqumo zazo. Abafowethu babeqiniseka ukuthi bathola lokhu kunqoba ngoba bevikelwe iNkosi yabo futhi beye baqhubeka beshumayela.IzE. 1:8.

28, 29. Maphakathi nawo-1980, iziphi izenzakalo ezingalindelekile ezenzeka eZaire?

28 EZaire. Maphakathi nawo-1980, kwakunoFakazi abangaba ngu-35 000 eZaire, manje esiyaziwa ngokuthi iDemocratic Republic of Congo. Ngaleso sikhathi igatsha lalakha izakhiwo ezintsha ukuze lihlangabezane nokwanda kwemisebenzi yoMbuso okwakulokhu kuqhubeka. Ngo-December 1985, kwaba nomhlangano wezizwe enhloko-dolobha, iKinshasa futhi izihambeli ezingu-32 000 ezazivela ezingxenyeni eziningi zomhlaba zagcwala enkundleni yakuleli dolobha. Kodwa izimo zaqala ukuzishintshela izinceku zikaJehova. Kwenzekani?

29 UMfoweth’ uMarcel Filteau, owayeyisithunywa sevangeli esivela eQuebec, eCanada, esasiye sashushiswa umbuso kaDuplessis, wayekhonza eZaire ngaleso sikhathi. Walandisa okwenzeka: “Ngo-March 12, 1986, abaholayo banikezwa incwadi eyayithi inhlangano yoFakazi BakaJehova eZaire yayingekho ngokomthetho.” Le ncwadi yayisayinwe umongameli wezwe uMobutu Sese Seko.

30. IKomiti Yegatsha kwadingeka yenze siphi isinqumo esinqala, futhi yanquma ukwenzani?

30 Ngakusasa isiteshi somsakazo wesizwe samemezela: “Ngeke siphinde sizwe kukhulunywa ngoFakazi BakaJehova [eZaire].” Ngaso leso sikhathi kwaqubuka ushushiso. AmaHholo OMbuso acekelwa phansi, abafowethu baphangwa, baboshwa, bagqunywa emajele futhi bashaywa. Ngisho nezingane zoFakazi zagqunywa emajele. Ngo-October 12, 1988, uhulumeni waphuca inhlangano impahla yayo, uphiko lwempi okuthiwa iCivil Guard lwangena ngodlí ezakhiweni zegatsha. Abazalwane abaholayo badlulisela lolu daba kuMongameli uMobutu, kodwa lutho impendulo. Ngaleso sikhathi iKomiti Yegatsha yazithola kumelwe yenze isinqumo esinqala, “Silidlulisele yini icala eNkantolo Ephakeme noma silinde?” UTimothy Holmes, owayeyisithunywa sevangeli nomxhumanisi weKomiti Yegatsha yakulelo zwe ngaleso sikhathi, uyakhumbula: “Sacela uJehova ukuba asinike ukuhlakanipha nesiqondiso.” Ngemva kokucabangela lolo daba ngomthandazo, ikomiti yaba nomuzwa wokuthi kwakungesona isikhathi esihle sokuthatha isinyathelo esingokomthetho. Kunalokho, yagxila ekunakekeleni abazalwane nasekutholeni izindlela zokuqhubeka nomsebenzi wokushumayela.

“Njengoba sasigqigqa ezinkantolo, sabona indlela uJehova angaziguqula ngayo izinto”

31, 32. Isiphi isinqumo esiphawulekayo esenziwa iNkantolo Ephakeme YaseZaire, futhi sabathinta kanjani abafowethu?

31 Kwadlula iminyaka eminingi. Ukucindezelwa koFakazi kwancipha, kwanda ukuhlonishwa kwamalungelo abantu ezweni. IKomiti Yegatsha yaphetha ngokuthi kwase kuyisikhathi sokuphikisa ukuvinjelwa komsebenzi wethu ngokudlulisela icala eNkantolo Ephakeme Yobulungisa YaseZaire. Kuyaphawuleka ukuthi iNkantolo Ephakeme yavuma ukululalela lolu daba. Kwathi ngo-January 8, 1993, cishe ngemva kweminyaka engu-7 umongameli akhipha umthetho ovimbela umsebenzi wethu, iNkantolo yanquma ukuthi isinyathelo sikahulumeni sokuvimbela oFakazi sasingahambisani nomthetho, ngakho ukuvinjelwa kwaqedwa. Cabanga nje ukuthi kwakusho ukuthini lokho! Abahluleli babefake ukuphila kwabo engozini ngokuchitha isinqumo sikamongameli wezwe! UMfoweth’ uHolmes uthi: “Njengoba sasigqigqa ezinkantolo, sabona indlela uJehova angaziguqula ngayo izinto.” (Dan. 2:21) Lokhu kunqoba kwaluqinisa ukholo lwabafowethu. Baba nomuzwa wokuthi iNkosi uJesu yayiqondise abantu bayo ukuba bazi ukuthi basithathe nini futhi kanjani isinyathelo.

OFakazi eDemocratic Republic of Congo bathokozela inkululeko yabo yokukhulekela uJehova

32 Njengoba ukuvinjelwa kwase kususiwe, ihhovisi legatsha lavunyelwa ukuba lingenise izithunywa zevangeli ezweni, lakhe izakhiwo zegatsha ezintsha futhi li-ode izincwadi zeBhayibheli ezivela kwamanye amazwe. * Yeka ukuthi izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni wonke zijabula kanjani ngokubona indlela uJehova ayivikela ngayo inhlalakahle engokomoya yabantu bakhe!Isaya 52:10.

“UJehova Ungumsizi Wami”

33. Sifundani kulokhu kubukezwa okufushane kwamacala ambalwa alwiwa ezinkantolo?

33 Ukubukeza kwethu amanye amacala aye alwiwa ezinkantolo kufakazela ukuthi uJesu uye wasifeza isithembiso sakhe: “Ngiyoninika umlomo nokuhlakanipha, bonke abaphikisi benu behlangene abangeke bakwazi ukumelana nakho noma bakuphikise.” (Funda uLuka 21:12-15.) Ngezinye izikhathi kuba sobala ukuthi uJehova uye wavusa oGamaliyeli banamuhla ukuze avikele abantu bakhe noma uye washukumisa abahluleli nabameli abanesibindi ukuba basekele ubulungisa. UJehova uye wazithuntubeza izikhali zabasiphikisayo. (Funda u-Isaya 54:17.) Ukuphikiswa akusoze kwawumisa umsebenzi kaNkulunkulu.

34. Kungani ukunqoba kwethu amacala ezinkantolo kuphawuleka kangaka, futhi kubonisani? (Bheka nebhokisi elithi “ Ukunqoba Okuphawulekayo Emacaleni Alwiwa Ezinkantolo Ezinkulu Okwathuthukisa Umsebenzi Wokushumayela NgoMbuso.”)

34 Kungani amacala esiye sawanqoba ezinkantolo ephawuleka kangaka? Cabanga ngalokhu: OFakazi BakaJehova ababona abantu abavelele noma abanethonya. Asivoti, asiyisekeli imikhankaso yezombusazwe futhi asibakhankaseli abezombusazwe. Ngaphezu kwalokho, abaningi bethu abaye babizelwa emacaleni asezinkantolo ezinkulu babhekwa “njengabantu abangafundile nabavamile.” (IzE. 4:13) Ngakho, ngokombono womuntu, akukho lutho olwenza ukuba izinkantolo zikhiphe izinqumo ezilahla abantu abasiphikisayo bezenkolo nabezombusazwe abanamandla futhi zisisize. Noma kunjalo, izinkantolo ziye zasivuna ngokuphindaphindiwe! Ukunqoba kwethu emacaleni anjalo kuwubufakazi bokuthi “sibonwa uNkulunkulu, sikanye noKristu.” (2 Kor. 2:17) Ngakho sivumelana nomphostoli uPawulu, owathi: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.”Heb. 13:6.

^ isig. 9 Leli cala elibizwa ngokuthi, Cantwell v. State of Connecticut, laba elokuqala emacaleni angu-43 ethulwa ezithebeni zeNkantolo Ephakeme Yase-United States uMfoweth’ uHayden Covington awasingatha emele abafowethu. Washona ngo-1978. Umkakhe, uDorothy, manje uneminyaka engu-90, usakhonza ngokwethembeka njengephayona.

^ isig. 12 Leli cala lalisekelwe emthethweni owashaywa ngo-1606. Wawuvumela iqembu labahluleli ukuba lilahle umuntu ngecala uma linomuzwa wokuthi lokho akushilo kugqugquzele inzondo—ngisho noma ayekushilo kuyiqiniso.

^ isig. 14 Ngo-1950, kwakunezikhonzi zesikhathi esigcwele ezingu-164 eQuebec—ezihlanganisa nabangu-63 abathweswa iziqu eGileyadi ababesamukele ngokuzithandela isabelo sabo nakuba babazi ukuthi babeyophikiswa ngonya.

^ isig. 15 UMfoweth’ uW. Glen How wayengummeli onesibindi owalwa amacala amaningi athinta oFakazi BakaJehova ngobunyoninco kusukela ngo-1943 kuya ku-2003 eCanada nakwamanye amazwe.

^ isig. 16 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngaleli cala, bheka isihloko esithi ‘Impi Akuyona Eyenu, NgekaNkulunkulu’ kuyi-Phaphama! ka-April 22, 2000, amakhasi 18-24.

^ isig. 32 Uphiko lwempi okuthiwa iCivil Guard lwagcina luphumile ezakhiweni zegatsha; kodwa izakhiwo zegatsha ezintsha zakhiwa kwenye indawo.