Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 15

Ukulwela Inkululeko Yokukhulekela

Ukulwela Inkululeko Yokukhulekela

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

Indlela uKristu aye wasiza ngayo abalandeli bakhe ukuba balwele ukuqashelwa ngokomthetho nelungelo lokulalela imiyalo kaNkulunkulu

1, 2. (a) Ibuphi ubufakazi bokuthi uyisakhamuzi soMbuso kaNkulunkulu? (b) Kungani kuye kwadingeka ukuba oFakazi BakaJehova ngezinye izikhathi balwele inkululeko engokwenkolo?

INGABE uyisakhamuzi soMbuso kaNkulunkulu? Ngokuqinisekile uyiso uma ungomunye woFakazi BakaJehova! Ibuphi ubufakazi bokuthi uyiso? Akuyona incwadi yokungena kwelinye izwe noma incwadi ethile kahulumeni. Kunalokho, ubufakazi busendleleni okhulekela ngayo uJehova uNkulunkulu. Ukukhulekela kweqiniso kuhilela okungaphezu kwalokho okukholelwayo. Kuhilela nalokho okwenzayo—ukulalela kwakho imithetho yoMbuso kaNkulunkulu. Kithina sonke, ukukhulekela kwethu kuthinta zonke izici zokuphila, kuhlanganise nendlela esikhulisa ngayo izingane zethu ngisho nendlela esenza ngayo lapho kuphakama izinkinga ezithile zempilo.

2 Izwe esiphila kulo lona alilihloniphi njalo leli lungelo esilazisa kakhulu kangaka lokuba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu noma lokho okudingekayo ukuze ube yiso. Abanye ohulumeni baye bazama ukubekela ukukhulekela kwethu imingcele noma ukukuqeda nya. Ngezinye izikhathi kuye kwadingeka ukuba izikhonzi zikaKristu zilwele inkululeko yokuphila ngemithetho yeNkosi EnguMesiya. Kuyasimangaza yini lokho? Lutho neze! Abantu bakaJehova ezikhathini zeBhayibheli nabo kwakuye kudingeke bayilwele inkululeko yokukhulekela uJehova.

3. Osukwini lweNdlovukazi u-Esteri, iyiphi impi abantu bakaNkulunkulu ababhekana nayo?

3 Ngokwesibonelo, ezinsukwini zeNdlovukazi u-Esteri, abantu bakaNkulunkulu kwadingeka balwele ukuqhubeka bephila. Ngani? UNdunankulu omubi uHamani wasikisela eNkosini yasePheresiya u-Ahashiveroshi ukuba wonke amaJuda ahlala endaweni ebuswa yile nkosi abulawe ngoba ‘imithetho yawo yayehlukile kweyazo zonke ezinye izizwe.’ (Est. 3:8, 9, 13) Ingabe uJehova wazilahla izinceku zakhe? Cha, wabusisa imizamo ka-Esteri noMoridekayi lapho benxusa inkosi yasePheresiya ukuba ivikele abantu bakaNkulunkulu.Est. 9:20-22.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sahluko?

4 Kuthiwani ngezikhathi zanamuhla? Njengoba sibonile esahlukweni esandulele, ngezinye izikhathi imibuso yezwe iye yabaphikisa oFakazi BakaJehova. Kulesi sahluko, sizoxoxa ngezinye zezindlela leyo mibuso eye yazama ngazo ukusibekela imingcele endleleni esikhulekela ngayo. Sizogxila ezicini ezintathu: (1) ilungelo lethu lokuqhubeka sikhona njengenhlangano nelokukhulekela ngendlela esithanda ngayo, (2) ilungelo lokukhetha ukwelashwa ngendlela evumelana nezimiso zeBhayibheli (3) nelungelo labazali lokukhulisa izingane ngezindinganiso zikaJehova. Esicini ngasinye, sizobona indlela izakhamuzi eziqotho zoMbuso KaMesiya eziye zalwa ngayo ngesibindi ukuze zivikele ilungelo lazo eliyigugu lokuba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu nendlela imizamo yazo eye yabusiswa ngayo.

Ukulwela Ukuqashelwa Ngokomthetho Nezinhlobo Zenkululeko Eyisisekelo

5. Ukuqashelwa ngokomthetho kuwanika ziphi izinzuzo amaKristu eqiniso?

5 Ingabe kudingeka siqashelwe ngokomthetho ohulumeni babantu ukuze sikhulekele uJehova? Cha, kodwa ukuqashelwa ngokomthetho kwenza kube lula ukuba siqhube ukukhulekela kwethu—ngokwesibonelo, ukuhlangana ngokukhululekile emaHholo ethu OMbuso nawoMhlangano, ukunyathelisa nokuthola izincwadi zeBhayibheli ezivela kwamanye amazwe nokuhlanganyela izindaba ezinhle nomakhelwane bethu obala ngaphandle kwesithiyo. Emazweni amaningi oFakazi BakaJehova babhaliswe ngokomthetho futhi banenkululeko efanayo netholwa abalandeli bezinye izinkolo eziqashelwa ngokomthetho. Kepha yini eye yenzeka lapho ohulumeni benqaba ukusiqaphela ngokomthetho noma bezama ukubekela izinhlobo zenkululeko eyisisekelo imingcele?

6. OFakazi BakaJehova e-Australia babhekana nayiphi inselele ekuqaleni kwawo-1940?

6 E-Australia. Ngasekuqaleni kwawo-1940, umbusi wase-Australia wabheka izinkolelo zethu ‘njengezikhinyabeza’ imizamo yempi. OFakazi bavinjelwa. Babengakwazi ukuhlangana noma ukushumayela obala, iBethel yavalwa namaHholo OMbuso athathwa. Ukuba nje nezincwadi zethu zeBhayibheli kwakwenqatshelwe. Ngemva kokusebenza ngomshoshaphansi iminyaka eminingana, oFakazi base-Australia bagcina beyitholile impumuzo. Ngo-June 14, 1943, iNkantolo Ephakeme Yase-Australia yawesula umthetho owawubavimbela.

7, 8. Chaza impi yokulwela inkululeko yokukhulekela abafowethu baseRussia osekuyiminyaka beyilwa.

7 ERussia. OFakazi BakaJehova bachitha amashumi eminyaka bevinjelwe umbuso wamaKhomanisi, kodwa bagcina bebhalisiwe ngo-1991. Ngemva kokuhlukana kwamazwe ayeyiSoviet Union, uMbuso WaseRussia wasiqaphela ngokomthetho ngo-1992. Kodwa akuphelanga sikhathi, abanye babaphikisi—ikakhulu labo beSonto Lobu-Orthodox LaseRussia—bethuswa ukwanda kwethu ngokushesha. Bamangalela oFakazi BakaJehova ngamacala amahlanu phakathi kuka-1995 no-1998. Isikhathi ngasinye umshushisi wayengabutholi ubufakazi bokuthi babenze okuphambene nomthetho. Ngo-1998 laba baphikisi abangadeli bafaka icala lokuthi umphakathi uyakhalaza. OFakazi baqale banqoba, kodwa abaphikisi baphikisana nesinqumo, balidlulisa icala futhi oFakazi balahlwa icala ngo-May 2001. Ukuqulwa kwalo kabusha kwaqala ngo-October wangalowo nyaka, kwaholela esinqumweni esakhishwa ngo-2004 sokuvala nokuvimbela imisebenzi yenhlangano engokomthetho eyayisetshenziswa oFakazi eMoscow.

8 Kwalandela ushushiso olukhulu. (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:12.) OFakazi bahlukunyezwa futhi bahlaselwa. Izincwadi zabo zenkolo zathathwa; ukuqasha noma ukwakha izindlu zokukhulekela kwabekelwa imingcele eqine kakhulu. Cabanga indlela abafowethu nodadewethu ababezizwa ngayo njengoba bebhekene nalobo bunzima! OFakazi babedlulisele icala eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR) ngo-2001 futhi banikeza le Nkantolo ukwaziswa okwengeziwe ngo-2004. Ngo-2010, i-ECHR yafinyelela isinqumo. Yabona ngokucacile ukuthi ukungazibekezeleli ezinye izinkolo okwenza iRussia yavimbela oFakazi, yiyisikhipha isinqumo esithi sasingekho isizathu sokuvumelana nezinqumo zezinkantolo ezincane, ngoba babungekho ubufakazi bokuthi kukhona uFakazi owayenze okuphambene nomthetho. Le Nkantolo yaqhubeka yathi lo myalo ovimbela oFakazi wawuklanyelwe ukubephuca amalungelo abo angokomthetho. Isinqumo sale Nkantolo saqinisekisa ilungelo loFakazi lenkululeko engokwenkolo. Nakuba iziphathimandla ezihlukahlukene zaseRussia ziye zahudula izinyawo ekwenzeni ngokuvumelana nesinqumo se-ECHR, lokhu kunqoba kuye kwabanikeza esikhulu isibindi abantu bakaNkulunkulu bakuleli zwe.

UTitos Manoussakis (Bheka isigaba 9)

9-11. Abantu bakaJehova baye bayilwela kanjani inkululeko yokukhulekela ndawonye eGreece, futhi kube namiphi imiphumela?

9 EGreece. Ngo-1983, uTitos Manoussakis waqasha ikamelo eHeraklion, eCrete, ukuze iqembu elincane loFakazi BakaJehova likwazi ukuhlangana khona ngenjongo yokukhulekela. (Heb. 10:24, 25) Nokho, kungakabiphi, umpristi wobu-Orthodox wafaka isimangalo eziphathimandleni zikahulumeni, emelana nokusebenzisa koFakazi lelo kamelo ngenjongo yokukhulekela. Ngani? Ngenxa nje yokuthi izinkolelo zoFakazi zehlukile kwezeSonto Lobu-Orthodox! Iziphathimandla zamthathela izinyathelo ezingokomthetho uTitos Manoussakis nabanye oFakazi abathathu bendawo. Bahlawuliswa, bagwetshwa nezinyanga ezimbili besejele. Njengezakhamuzi eziqotho zoMbuso kaNkulunkulu, oFakazi babheka leso sahlulelo senkantolo njengesephula inkululeko yabo yokukhulekela, ngakho badlulisela icala ezinkantolo zendawo baze balidlulisela nakuyi-ECHR.

10 Ekugcineni, ngo-1996, i-ECHR yabashaya ngembibizane ebuhlungu abaphikisi bokukhulekelwa okumsulwa. Le Nkantolo yaphawula ukuthi “oFakazi BakaJehova iyabafanela nabo incazelo yomthetho waseGreece ‘yenkolo eyaziwayo’” nokuthi izinqumo zezinkantolo ezincane ziye ‘zalithinta ngokuqondile ilungelo labamangali lenkululeko yenkolo.’ INkantolo yabuye yathola nokuthi kwakungewona umsebenzi kahulumeni waseGreece “ukunquma ukufaneleka kwezinkolelo ezingokwenkolo noma izindlela ezisetshenziswayo ekuqhubeni lezo zinkolelo.” Izigwebo ezazinikezwe oFakazi zashintshwa, futhi inkululeko yabo yokukhulekela yaqinisekiswa!

11 Ingabe lokho kunqoba kwasilungisa isimo eGreece? Kuyadabukisa ukusho ukuthi akubanga njalo. Ngo-2012 kwaphela elinye icala lokuphikiswa koFakazi eKassandreia, eGreece, elase lithathe iminyaka cishe engu-12. Lona lalibaselwa umbhishobhi weSonto Lobu-Orthodox. UMkhandlu WoMbuso, inkantolo ephakeme kunazo zonke eGreece, waqeda leli cala ngesinqumo esivuna abantu bakaNkulunkulu. Leso sinqumo sabhekisela emthethweni-sisekelo wakhona eGreece owawuqinisekisa inkululeko engokwenkolo futhi sachitha icala elivame ukubekwa oFakazi BakaJehova lokuthi abayona inkolo eyaziwayo. Le Nkantolo yathi: “Izimfundiso ‘zoFakazi BakaJehova’ azifihlakele, ngakho bayinkolo eyaziwayo.” Amalungu ebandla elincane laseKassandreia ayajabula ngokuthi aseyakwazi ukuqhuba imihlangano yokukhulekela eHholo lawo LoMbuso.

12, 13. EFrance, abaphikisi baye bazama kanjani ukubiyela “inkathazo ngesinqumo somthetho,” futhi kwaba namuphi umphumela?

12 EFrance. Abanye babaphikisi babantu bakaNkulunkulu baye basebenzisa isu ‘lokubiyela inkathazo ngesinqumo somthetho.’ (Funda iHubo 94:20.) Ngokwesibonelo, maphakathi nawo-1990, izisebenzi zezentela eFrance zaqala ukubala izimali ze-Association Les Témoins de Jéhovah (ATJ), engenye yezinhlangano ezingokomthetho oFakazi BakaJehova eFrance abasebenza ngaphansi kwazo. Ungqongqoshe wezimali wembula injongo yangempela yalokhu kubalwa kwezimali: “Ukubalwa kwalezi zimali kungaholela ekuvalweni ngokomthetho noma ekuqulisweni icala [kwale nhlangano] . . . . , okungase kuphazamise imisebenzi yayo noma kuyiphoqe ukuba iyeke ukusebenza endaweni yakithi.” Nakuba ukubalwa kwalezo zimali kungavezanga lutho olungahambi kahle, izisebenzi zezentela zathi i-ATJ ayikhokhe intela emba eqolo. Ukube lelo su laphumelela, abafowethu ngabe baphoqeleka ukuba bavale ihhovisi legatsha futhi badayise izakhiwo zalo ukuze bakhokhe leyo ntela enkulu. Kwakuyigalelo elinzima kodwa abantu bakaNkulunkulu abaphelanga amandla. Bamelana ngokuqinile nalokhu kuphathwa kabi, baze bafaka icala e-ECHR ngo-2005.

13 Le Nkantolo yakhipha isahlulelo ngo-June 30, 2011. Yabonisa ukuthi inkululeko engokwenkolo kufanele ivimbele uMbuso, ngaphandle kwasezimweni ezeqisa kakhulu, ekucubunguleni ukufaneleka kwezinkolelo ezingokwenkolo noma indlela eziqhutshwa ngayo. INkantolo yaqhubeka yathi: “Ukukhokhiswa intela . . . kwaba nomphumela wokunqamula izimali le nhlangano ezidinga kakhulu, ngenxa yalokho kwayivimbela ukuba iqinisekise ukuthi abalandeli bayo bakhulekela ngokukhululekile.” Le Nkantolo yakhipha ngazwi linye isinqumo esivuna oFakazi BakaJehova! Okwathokozisa abantu bakaJehova ukuthi uhulumeni waseFrance wagcina uyibuyisile intela owawuyikhokhise i-ATJ isihambisana nenzalo, futhi ngokuvumelana nomyalo weNkantolo, wayiqeda nemibandela owawuyibekile yokudla isakhiwo segatsha njengesibambiso.

Ungabathandazela njalo abafowenu nodadewenu abangokomoya abahluphekayo kwamanje ngenxa yokungabi nabulungisa kwezomthetho

14. Ungaba kanjani neqhaza ekulweleni inkululeko yokukhulekela?

14 Njengo-Esteri noMoridekayi bamandulo, abantu bakaJehova namuhla bayayilwela inkululeko yokumkhulekela ngendlela ayale ngayo. (Est. 4:13-16) Ungakwazi yini ukuba neqhaza kulokhu? Yebo. Ungabathandazela njalo abafowenu nodadewenu kwamanje abahlushwa imithetho engenabulungisa. Imithandazo enjalo ingaba usizo olunamandla kubafowethu nodadewethu abasebunzimeni nabashushiswayo. (Funda uJakobe 5:16.) Ingabe uJehova uyayiphendula imithandazo enjalo? Ukunqoba kwethu amacala ezinkantolo kubonisa ukuthi impela uyayiphendula!Heb. 13:18, 19.

Inkululeko Yokukhetha Ukwelashwa Okuvumelana Nezinkolelo Zethu

15. Iziphi izici abantu bakaNkulunkulu abazicabangelayo ngokuphathelene nokusetshenziswa kwegazi?

15 Njengoba siphawulile eSahlukweni 11, izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu ziye zathola isiqondiso esicacile esingokomBhalo sokugwema ukusebenzisa kabi igazi osekuvame kakhulu namuhla. (Gen. 9:5, 6; Lev. 17:11; funda izEnzo 15:28, 29.) Nakuba singavumi ukumpontshelwa igazi, sifuna ukuba thina nabathandekayo bethu selashwe ngendlela engcono kakhulu, inqobo nje uma lokho kwelashwa kungangqubuzani nemithetho kaNkulunkulu. Izinkantolo eziphakeme zamazwe amaningi ziye zaqaphela ukuthi abantu banelungelo lokukhetha noma lokwenqaba ukwelashwa okuthile kuye ngokwalokho okufunwa unembeza wabo noma izinkolelo zabo ezingokwenkolo. Kepha kwamanye amazwe abantu bakaNkulunkulu baye babhekana nezinselele ezinkulu kule ndaba. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa.

16, 17. Ikuphi ukwelashwa udade waseJapane akuthola okwamshaqisa, futhi imithandazo yakhe yaphendulwa kanjani?

16 EJapane. UMisae Takeda, uDade ozihlalela ekhaya oneminyaka engu-63 kwakudingeka ahlinzwe. Njengesakhamuzi esiqotho soMbuso kaNkulunkulu, wamchazela ngokucacile udokotela wakhe ukuthi ufuna ukwelashwa ngaphandle kwegazi. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva washaqeka lapho ezwa ukuthi wayempontshelwe igazi ngesikhathi ehlinzwa. Enomuzwa wokuthi wayoniwe futhi ekhohlisiwe, uDade Takeda wamangalela odokotela kanye nesibhedlela ngo-June 1993. Lo Dade othobekile nokhuluma ngezwi eliphansi wayenokholo olungenakunyakaziswa. Wanikeza ubufakazi ngesibindi phambi kwenkantolo egcwele phama, wathatha isikhathi esingaphezu kwehora esendaweni yabanikeza ubufakazi nakuba impilo yakhe yayibuthaka. Wavela okokugcina phambi kwenkantolo sekusele inyanga ngaphambi kokuba ashone. Asisazisi yini isibindi nokholo lwakhe? UDade Takeda wathi wayemcela njalo uJehova ukuba ambusise kuleli cala ayelilwa. Wayeqiniseka ukuthi imithandazo yakhe iyophendulwa. Ingabe yaphendulwa?

17 Ngemva kweminyaka emithathu uDade Takeda eshonile, iNkantolo Ephakeme YaseJapane yakhipha isinqumo esimvunayo—ivuma ukuthi kwakube yiphutha ukumpompela igazi engathandi. Isinqumo esakhishwa ngo-February 29, 2000, sathi “ilungelo lokunquma” ezindabeni ezinjalo “kumelwe lihlonishwe njengelingamalungelo omuntu.” Ngenxa yokuzimisela kukaDade Takeda ukulwela inkululeko yakhe yokukhetha ukwelashwa okuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli, oFakazi baseJapane manje bayakwazi ukwelashwa ngaphandle kokwesaba ukuthi bangase bampontshelwe igazi ngempoqo.

UPablo Albarracini (Bheka izigaba 18-20)

18-20. (a) Inkantolo okudluliselwa kuyo amacala e-Argentina yaliqinisekisa kanjani ilungelo lomuntu lokwenqaba ukumpontshelwa igazi esebenzisa ikhadi lesiqondiso sezokwelapha? (b) Ngokuphathelene nokusetshenziswa kabi kwegazi, singakubonisa kanjani ukuzithoba ekuholeni kukaKristu?

18 E-Argentina. Izakhamuzi zoMbuso zingenza kanjani ukuze zihlale zilungele isimo okuyodingeka zenze kuso isinqumo sezokwelapha ngenkathi ziqulekile? Singahlale siphethe ikhadi elingokomthetho elizosikhulumela, njengoba kwenza uPablo Albarracini. Ngo-May 2012, izigebengu zazama ukumbamba inkunzi zamdubula amahlandla amaningi. Wangeniswa esibhedlela equlekile, engeke akwazi ukuchaza isimo sakhe mayelana nokumpontshelwa igazi. Nokho, wayenekhadi lesiqondiso sezokwelapha eligcwaliswe kahle ayelisayine eminyakeni emine ngaphambili. Nakuba isimo sakhe sasibucayi futhi abanye odokotela benomuzwa wokuthi kwakudingeka ampontshelwe igazi ukuze kusindiswe ukuphila kwakhe, izisebenzi zezokwelapha zazikulungele ukuhlonipha izifiso zakhe. Noma kunjalo, uyise, owayengeyena uFakazi KaJehova, wathola umyalo wenkantolo wokushintsha izifiso zendodana yakhe.

19 Masinyane ummeli kamkaPablo wafaka isicelo esiphikisa lowo myalo. Inkantolo yokudluliselwa kwamacala yawushintsha kungakapheli namahora amangaki lowo myalo futhi yakhipha isinqumo esithi izifiso zesiguli ezibhalwe kulelo khadi kufanelwe zihlonishwe. Uyise wadlulisela icala eNkantolo Ephakeme Yase-Argentina. Le Nkantolo ayizitholanga “izizathu zokungabaza ukuthi [ikhadi lesiqondiso sezokwelapha likaPablo elithi uyakwenqaba ukumpontshelwa igazi] lalenziwe ngokuqonda, ngenhloso nangokukhululekile.” Le Nkantolo yathi: “Wonke umuntu osengakwazi ukwenza izinqumo nosekhulile unelungelo lokunikeza iziqondiso ezimayelana nempilo [yakhe] kusengaphambili, futhi angazamukela noma azenqabe izindlela ezithile zokwelapha . . . Udokotela omelaphayo kumelwe azamukele lezi ziqondiso.”

Uligcwalisile yini ikhadi lakho lesiqondiso sezokwelapha?

20 UMfoweth’ u-Albarracini useluleme manje. Yena nomkakhe bayabonga ngokuthi wayeligcwalisile ikhadi lesiqondiso sezokwelapha. Ngokuthatha leso sinyathelo esilula—kodwa esibalulekile—wabonisa ukuthi uyazithoba eMbusweni kaNkulunkulu ophethwe uKristu. Ingabe wena nomkhaya wakho niwagcwalisile awenu amakhadi?

U-April Cadoreth (Bheka izigaba 21-24)

21-24. (a) Kwenzeka kanjani ukuba iNkantolo Ephakeme YaseCanada yenze isinqumo esiphawulekayo ngokuphathelene nezingane ezisengaphansi kwabazali nokusetshenziswa kwegazi? (b) Leli cala lingazikhuthaza kanjani izinceku zikaJehova ezisencane?

21 ECanada. Ngokuvamile izinkantolo ziyawaqaphela amalungelo abazali okunquma ukuthi iyiphi indlela enhle kakhulu yokwelapha izingane zabo. Ngezinye izikhathi, izinkantolo ziye zanquma ngisho nokuba ingane esengaphansi kwabazali kodwa enomqondo ovuthiwe ihlonishwe endabeni yokwenza izinqumo zendlela ezokwelashwa ngayo. Kwaba njalo ngo-April Cadoreth. Ngesikhathi eneminyaka engu-14, walaliswa esibhedlela opha kakhulu ngaphakathi. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili wayegcwalise ikhadi legazi i-Advance Medical Directive elineziqondiso ezithi akufanele ampontshelwe igazi ngisho nasesimweni esiphuthumayo. Udokotela owayemnakekela wakhetha ukuzishaya indiva izifiso zika-April ayezisho ngokucacile futhi wafuna umyalo wenkantolo wokumfaka igazi. Wafakwa ngenkani amabhodlela amathathu amangqamuzana abomvu egazi. Kamuva u-April wafanisa lokho nokudlwengulwa.

22 U-April nabazali bakhe baya ezinkantolo befuna ukuba kwenziwe ubulungisa. Ngemva kweminyaka emibili, leli cala lethulwa ezithebeni zeNkantolo Ephakeme YaseCanada. Nakuba u-April engaphumelelanga ukuba kushintshwe okushiwo umthetho-sisekelo, iNkantolo yazikhokhela izindleko zecala futhi yakhipha isinqumo esimvunayo yena nazo zonke ezinye izingane ezisengaphansi kwabazali kodwa ezinomqondo ovuthiwe ezifuna ukuzinqumela ezindabeni zezokwelapha. INkantolo yathi: “Endabeni yezokwelapha, intsha eneminyaka engaphansi kuka-16 ubudala kufanele ivunyelwe ukuba izame ukubonisa ukuthi imibono yayo ngesinqumo esithile sokwelashwa ibonisa ukuvuthwa nokuthi iyakwazi ukuzicabangela ngokwezinga elamukelekayo.”

23 Leli cala libalulekile ngoba iNkantolo Ephakeme yadingida amalungelo omthetho-sisekelo ezingane ezincane kodwa ezivuthiwe. Ngaphambi kwalesi sinqumo, noma iyiphi inkantolo yaseCanada yayikwazi ukugunyaza ukwelashwa kwengane engaphansi kweminyaka engu-16 uma nje inkantolo inomuzwa wokuthi lokho kwelashwa kuzoyizuzisa ingane. Kodwa ngemva kwalesi sinqumo, inkantolo ayisakwazi ukugunyaza noma ikuphi ukwelashwa okungahambisani nesifiso sentsha eneminyaka engaphansi kwengu-16 ingazange iqale ngokuyinika ithuba lokubonisa ukuthi ivuthwe ngokwanele ukuba izenzele izinqumo.

“Ukwazi ukuthi ngibe nengxenye encane ekuzameni ukukhazimulisa igama likaNkulunkulu nasekuboniseni ukuthi uSathane ungumqambimanga kungijabulise ngempela”

24 Ingabe le mpi eyathatha iminyaka emithathu yaba nomphumela omuhle? U-April uthi: “Yebo!” Nakhu akushoyo manje njengoba eseyiphayona elivamile futhi ephile saka: “Ukwazi ukuthi ngibe nengxenye encane ekuzameni ukukhazimulisa igama likaNkulunkulu nasekuboniseni uSathane ukuthi ungumqambimanga kungijabulise ngempela.” Okwenzeka ku-April kubonisa ukuthi intsha yethu ingakwazi ukuma iqine, izibonakalise ukuthi iyizakhamuzi zangempela zoMbuso kaNkulunkulu.—Math. 21:16.

Inkululeko Yokukhulisa Izingane Ngezindinganiso ZikaJehova

25, 26. Isiphi isimo esiye sivele ngemva kwesehlukaniso?

25 UJehova uphathisa abazali umthwalo wemfanelo wokukhulisa izingane ngezindinganiso zakhe. (Dut. 6:6-8; Efe. 6:4) Akusona isabelo esilula lesi, kodwa singaba nzima nakakhulu uma kuba nesehlukaniso. Imibono ngokukhuliswa kwezingane ingase yehluke kakhulu. Ngokwesibonelo, umzali onguFakazi unomuzwa oqinile wokuthi ingane kufanele ikhuliswe ngezindinganiso zobuKristu, kanti umzali ongeyena uFakazi angase angavumelani nalokho. Yebo, umzali onguFakazi kufanele ngenhlonipho aqaphele ukuthi nakuba isehlukaniso siqeda ubuhlobo bomshado, ubuhlobo bomzali nengane bona abuphazamiseki.

26 Umzali ongeyena uFakazi angase acele inkantolo ukuba imnike ilungelo lokugcina ingane noma izingane ukuze akwazi ukulawula indlela ezikhuliswa ngayo ngokwenkolo. Abanye bathi ukukhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova kuyingozi. Bangase bagomele ngokuthi izingane ziyoncishwa injabulo yokugubha izinsuku zokuzalwa, injabulo yokugubha amaholidi nokuthi uma kwenzeka kuba nesimo esiphuthumayo sezempilo, zizonqatshelwa ukumpontshelwa igazi okuthiwa kusindisa ukuphila. Kuyajabulisa ukuthi izinkantolo eziningi azahluleli ukuthi inkolo yomunye umzali iyingozi yini, kunalokho zicabangela lokho okuyoyizuzisa kangcono ingane. Ake sibone izibonelo ezimbalwa.

27, 28. INkantolo Ephakeme Yase-Ohio yasabela kanjani ecaleni lokuthi ukukhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova kuyingozi enganeni?

27 E-United States. Ngo-1992, iNkantolo Ephakeme Yase-Ohio yadingida icala elalihilela uyise wengane ongeyena uFakazi owayethi kuyoba ingozi ukuba indodana yakhe ikhuliswe njengomunye woFakazi BakaJehova. Inkantolo encane yayivumelane naye, yamnika ilungelo lokugcina ingane. Unina wengane, uJennifer Pater, wanikezwa amalungelo okuyivakashela, kodwa wayalwa ukuba ‘angayifundisi noma ayichaye nangayiphi indlela kunoma iziphi izinkolelo zoFakazi BakaJehova.’ Lo myalo wenkantolo encane wawubanzi kakhulu kangangokuthi wawungase uchazwe ngokuthi uDade Pater wayengenakuxoxa nendodana yakhe uBobby ngisho nangeBhayibheli noma ngezimiso zalo zokuziphatha! Ungayicabanga indlela ayezizwa ngayo? UJennifer waphatheka kabi kakhulu, kodwa uthi wafunda ukuba nesineke alindele uJehova ukuba athathe isinyathelo. Uyakhumbula: “UJehova wayelokhu engisekela njalo.” Ummeli wakhe wasizwa inhlangano kaJehova wadlulisela icala eNkantolo Ephakeme Yase-Ohio.

28 Le nkantolo ayivumelananga nesinqumo senkantolo encane, yathi “abazali banelungelo eliyisisekelo lokufundisa izingane zabo, okuhlanganisa nelungelo lokuzinika izimiso zabo zokuziphatha nezingokwenkolo.” Le nkantolo yathi ngaphandle uma ingase iboniswe ukuthi izimiso zoFakazi BakaJehova ziyoyilimaza ingane emzimbeni nasengqondweni, inkantolo ayinalo ilungelo lokwenqabela umzali amalungelo okugcina ingane ngenxa yenkolo. Inkantolo ayibutholanga ubufakazi bokuthi izinkolelo zoFakazi ziyoyilimaza impilo yengane engokwengqondo nengokomzimba.

Izinkantolo eziningi ziye zakhipha izinqumo ezivuna abazali abangamaKristu ngokuphathelene nelungelo lokugcina izingane

29-31. Kungani udade waseDenmark alahlekelwa ilungelo lokugcina indodakazi yakhe, futhi iNkantolo Ephakeme YaseDenmark yakhipha siphi isinqumo kule ndaba?

29 EDenmark. U-Anita Hansen wazithola ebhekene nenselele efanayo lapho indoda ayekade eshade nayo iya enkantolo iyofuna ilungelo lokugcina ingane yabo eneminyaka engu-7, u-Amanda. Nakuba inkantolo yesifunda yalinika uDade Hansen ilungelo lokugcina ingane ngo-2000, uyise wengane wadlulisela icala enkantolo ephakeme, eyafike yasishintsha isinqumo senkantolo yesifunda yamnika lelo lungelo lokugcina ingane. Leyo nkantolo yathi ngenxa yokuthi abazali banemibono engqubuzanayo ngokuphila ngenxa yezinkolelo zabo ezingokwenkolo, uyise wengane wayezoba sesimweni esingcono kakhulu sokuxazulula lokho kungaboni ngaso linye. Ngokuyinhloko, uDade Hansen walahlekelwa ilungelo lokugcina u-Amanda ngoba nje engomunye woFakazi BakaJehova!

30 Phakathi nalesi sikhathi esinzima, uDade Hansen ngezinye izinsuku wayekhathazeka kangangokuba wayengazi nokuthi athandaze athini. Uyalandisa: “Amazwi akweyabaseRoma 8:26 no-27 ayeyinduduzo enkulu. Nganginomuzwa wokuthi uJehova uyakuqonda engangikusho. Iso lakhe lalingiqaphile futhi enami ngaso sonke isikhathi.”—Funda iHubo 32:8; Isaya 41:10.

31 UDade Hansen wadlulisela icala eNkantolo Ephakeme YaseDenmark. Esinqumweni sayo, le Nkantolo yathi: “Indaba ephathelene nelungelo lokugcina ingane izonqunywa ngemva kokuhlolwa kwezici ezithile zalokho okuyoyizuzisa kangcono ingane.” Ngaphezu kwalokho, iNkantolo yabambelela kwelokuthi isinqumo ngelungelo lokugcina ingane kufanele sisekelwe endleleni umzali ngamunye asingatha ngayo izingxabano, singasekelwa “ezimfundisweni” zoFakazi BakaJehova “nasekumeni” kwabo. UDade Hansen wajabula kakhulu lapho iNkantolo iqaphela ukuthi wayekufanelekela ukuba umzali futhi ilibuyisela kuye ilungelo lokugcina u-Amanda.

32. INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu yabavikela kanjani abazali abangoFakazi ekubandlululweni?

32 Amazwe ahlukahlukene eYurophu. Kwezinye izimo, izimpikiswano ezingokomthetho ngokuphathelene nelungelo lokugcina izingane ziye zadlulela ngale kwezinkantolo eziphakeme kakhulu zakulawo mazwe. INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR) nayo seyake yalusingatha lolu daba. Emacaleni amabili, i-ECHR yavuma ukuthi izinkantolo ezincane zamazwe zazenze izinqumo ezithinta abazali abangoFakazi nabangebona oFakazi ngesisekelo senkolo kuphela. I-ECHR yathi leso senzo siyabandlulula, yanquma nokuthi “ukuqhathanisa okusekelwe ngokuyinhloko emehlukweni ongokwenkolo kuphela akwamukeleki.” Omunye umama onguFakazi owazuza esinqumweni esinjalo se-ECHR waveza injabulo yakhe: “Kwakubuhlungu kakhulu ukubekwa icala lokulimaza izingane zami, kuyilapho ngangizama ukwenza engangicabanga ukuthi kungcono kakhulu—ukuzikhulisa ngendlela yobuKristu.”

33. Abazali abangoFakazi bangasisebenzisa kanjani isimiso esikweyabaseFilipi 4:5?

33 Yebo, abazali abangoFakazi ababhekene nezinselele ezingokomthetho ngokuphathelene nelungelo labo lokugxilisa izindinganiso zeBhayibheli ezinhliziyweni zabantwana babo bazama ukubonisa umoya wokucabangela. (Funda eyabaseFilipi 4:5.) Njengoba nje belazisa ilungelo lokuqeqesha izingane zabo ngendlela kaNkulunkulu, bayaqaphela nokuthi umzali ongeyena uFakazi unelungelo lokuhlanganyela emithwalweni yemfanelo yobuzali uma ethanda. Umzali onguFakazi uwubheka njengobaluleke kangakanani umthwalo wokuqeqesha ingane?

34. Abazali abangamaKristu namuhla bangazuza kanjani esibonelweni samaJuda osuku lukaNehemiya?

34 Isibonelo sangosuku lukaNehemiya sisifundisa okuthile. AmaJuda asebenza kanzima elungisa futhi akha kabusha izindonga zaseJerusalema. Ayazi ukuthi ukwenza kanjalo kwakuyowavikela wona nemikhaya yawo ezizweni eziyizitha ezaziwazungezile. Ngenxa yalokho, uNehemiya wawakhuthaza: “Nilwele abafowenu, amadodana namadodakazi enu, omkenu nemizi yenu.” (Neh. 4:14) Kulawo maJuda, lokho kulwa kwakuwufanele ngempela umzamo! Nanamuhla, abazali abangoFakazi BakaJehova bayazikhandla ukuze bakhulise izingane zabo ngendlela yeqiniso. Bayazi ukuthi izingane zihlohlwa amathonya amabi esikoleni nasendaweni ezihlala kuyo. Amathonya anjalo angase angene ngisho nasekhaya ngemithombo yezindaba. Bazali, ningalokothi nikhohlwe ukuthi kuwufanele wonke umzamo ukulwela izingane zenu ukuze zibe nendawo elondekile eziyoqhakaza kuyo ngokomoya.

Qiniseka Ukuthi UJehova Uyokusekela Ukukhulekela Kweqiniso

35, 36. Iziphi izinzuzo oFakazi BakaJehova abaye bazithola ngenxa yokulwela amalungelo ethu angokomthetho, futhi yini wena ozimisele ukuyenza?

35 Ngokuqinisekile uJehova uye wayibusisa imizamo yenhlangano yakhe yanamuhla yokulwela ilungelo lokukhulekela ngokukhululekile. Lapho belwela lawo malungelo angokomthetho, abantu bakaNkulunkulu ngokuvamile baye bakwazi ukunikeza ubufakazi obunamandla ezinkantolo nasemphakathini. (Roma 1:8) Enye inzuzo eye yatholakala ngokunqoba kwabo amacala amaningi ezinkantolo ukuthi baye baqinisekisa amalungelo ezakhamuzi eziningi ezingebona oFakazi. Kepha njengabantu bakaNkulunkulu, asizona izishoshovu ezilwela izinguquko zezenhlalo; futhi asifune nakuziveza silungile. Ngaphezu kwakho konke, oFakazi BakaJehova baye balwela amalungelo abo angokomthetho ezinkantolo ngoba befuna ukumisa nokuqhubekisela phambili ukukhulekela okumsulwa.Funda eyabaseFilipi 1:7.

36 Kwangathi singelokothe sizithathe kalula izifundo zokholo esingazifunda kulabo abaye balwela inkululeko yokukhulekela uJehova! Nathi masihlale sithembekile, siqiniseka ukuthi uJehova uyawusekela umsebenzi wethu futhi uyaqhubeka esinika amandla okwenza intando yakhe.—Isaya 54:17.