Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 17

Ukuqeqesha Izikhonzi ZoMbuso

Ukuqeqesha Izikhonzi ZoMbuso

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

Izikole ezingokwasezulwini zizilungiselela kanjani izikhonzi zoMbuso ukuba zifeze izabelo zazo?

1-3. UJesu wawandisa kanjani umsebenzi wokushumayela, okuphakamisa miphi imibuzo?

KWAPHELA iminyaka emibili uJesu eshumayela kulo lonke elaseGalile. (Funda uMathewu 9:35-38.) Wahambela imizi nemizana eminingi, efundisa emasinagogeni futhi eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Nomaphi lapho ayeshumayela khona, izixuku zazithutheleka kuye. Wathi: “Ukuvuna kukhulu” futhi kwakudingeka izisebenzi ezengeziwe.

2 UJesu wahlela ukwandisa umsebenzi wokushumayela. Kanjani? Ngokuthuma abaphostoli bakhe abangu-12 “ukuba bashumayele umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:1, 2) Kungenzeka ukuthi abaphostoli baba nemibuzo ngokuthi babezowufeza kanjani lo msebenzi. Ngaphambi kokubathuma, ngothando wabanika okuthile uYise wasezulwini ayemnike kona—ukuqeqeshwa.

3 Kuphakama imibuzo eminingi manje: UJesu wathola kuphi ukuqeqeshwa kuYise? UJesu wabanika kuphi ukuqeqeshwa abaphostoli bakhe? Kuthiwani namuhla—ingabe iNkosi EnguMesiya isibaqeqeshile abalandeli bayo ukuba bafeze inkonzo yabo? Uma kunjalo, ibaqeqeshe kanjani?

‘Ngikhuluma Njengoba Nje UBaba Angifundisa’

4. UJehova wamfundisa nini uJesu futhi emfundisela kuphi?

4 UJesu wavuma ukuthi wayefundiswe uYise. Phakathi nenkonzo yakhe, wathi: “Lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.” (Joh. 8:28) UJesu wafundiswa nini futhi wafundiselwa kuphi? Kusobala ukuthi ukuqeqeshwa kwakhe kwaqala ngemva nje kokuba yena—iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo—edaliwe. (Kol. 1:15) Iseceleni kukaYise emazulwini, le Ndodana yachitha iminyaka eminingi ilalela futhi ibukela “uMfundisi Omkhulu.” (Isaya 30:20) Umphumela waba ukuthi iNdodana yathola imfundo engenakuqhathaniswa lapho ifunda ngezimfanelo, umsebenzi, nezinjongo zikaYise.

5. Isiphi isiqondiso uBaba asinika iNdodana ngenkonzo eyayiyoyifeza emhlabeni?

5 Ngesikhathi esifanele, uJehova wafundisa iNdodana yakhe ngenkonzo eyayiyoyifeza emhlabeni. Cabanga ngesiprofetho esichaza ubuhlobo phakathi koMfundisi Omkhulu neNdodana yakhe eyizibulo. (Funda u-Isaya 50:4, 5.) Lesi siprofetho sithi uJehova wayevusa iNdodana yakhe “njalo ekuseni.” Lowo mfanekiso udlulisela umqondo kathisha ovusa umfundi ekuseni kakhulu ukuze amfundise. Enye incwadi echaza iBhayibheli ithi: “Kunjengokungathi uJehova umyisa esikoleni njengomfundi, abese emfundisa ukuthi kufanele ashumayele ngani futhi kanjani.” Kuleso “sikole” sasezulwini uJehova wafundisa iNdodana yakhe ‘okumelwe ikusho nokuthi yini okumelwe ikukhulume.’ (Joh. 12:49) UBaba waphinde wanika iNdodana yakhe iziqondiso zokuthi kufanele ifundise kanjani. * Ngesikhathi esesemhlabeni, uJesu wakusebenzisa ngokunenzuzo ukuqeqeshwa kwakhe hhayi nje ngokufeza inkonzo yakhe kuphela kodwa nangokuqeqesha abalandeli bakhe ukuba bafeze eyabo inkonzo.

6, 7. (a) UJesu wabaqeqeshela muphi umsebenzi abaphostoli bakhe, okwabahlomisela ukuba benzeni? (b) UJesu ubaqeqeshele ukwenza muphi umsebenzi abalandeli bakhe esikhathini sethu?

6 UJesu wabaqeqeshela muphi umsebenzi abaphostoli bakhe, njengoba kuboniswe ekuqaleni? NgokukaMathewu isahluko 10, wabanika iziqondiso ezikhethekile zenkonzo yasensimini, kuhlanganise nalezi ezilandelayo: lapho kwakufanele bashumayele khona (amavesi 5, 6), isigijimi okwakumelwe basitshele abanye (ivesi 7), isidingo sokuba bathembele kuJehova (amavesi 9, 10), indlela okwakufanele bazethule ngayo kubaninikhaya (amavesi 11-13) indlela yokusingatha ukungamukelwa (amavesi 14, 15) nendlela yokusabela lapho beshushiswa (amavesi 16-23). * Ukuqeqeshwa okucacile uJesu akunika abaphostoli bakhe kwabahlomisela ukuba bahole emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle ekhulwini lokuqala C.E.

7 Kuthiwani ngosuku lwethu? UJesu, iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, unike abalandeli bakhe isabelo esibaluleke kakhulu sokuba bashumayele “lezi zindaba ezinhle zombuso . . . emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:14) Ingabe iNkosi isiqeqeshele ukwenza wonke lo msebenzi obalulekile? Ngempela isiqeqeshile! Isezulwini, iye yaqiniseka ukuthi abalandeli bayo bathola ukuqeqeshwa endleleni yokushumayela ngaphandle kwebandla nasekufezeni imithwalo yemfanelo ekhethekile ebandleni.

Ukuqeqesha Izikhonzi Ukuba Zibe Abavangeli

8, 9. (a) Yayiyini injongo eyinhloko yeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini? (b) Umhlangano waphakathi nesonto ukusize kanjani ukuba uphumelele kakhudlwana enkonzweni yakho?

8 Sekuphele isikhathi eside inhlangano kaJehova isebenzisa imihlangano emincane nemikhulu neyebandla—njengoMhlangano Wenkonzo—ukuba iqeqeshele abantu bakaNkulunkulu inkonzo. Nokho, kusukela ngawo-1940, abazalwane abaholayo endlunkulu baqala ukuhlela ukuba abazalwane baqeqeshwe ngezikole ezihlukahlukene.

9 Isikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Njengoba sibonile esihlokweni esedlule, lesi sikole saqala ukuqhutshwa ngo-1943. Ingabe injongo yaso kwakuwukuqeqesha nje abafundi ukuba banikeze izinkulumo eziphumelelayo emihlanganweni yebandla? Cha. Injongo eyinhloko yaso kwakuwukuqeqesha abantu bakaNkulunkulu ukuba basebenzise isipho sabo sokukhuluma ukuze badumise uJehova enkonzweni. (IHu. 150:6) Lesi sikole sahlomisa bonke abazalwane nodade ababebhalise kuso ukuba babe abamemezeli boMbuso abaphumelelayo. Manje ukuqeqeshwa okunjalo kutholakala emhlanganweni waphakathi nesonto.

10, 11. Obani manje asebemenyelwa eSikoleni SaseGileyadi, futhi iyini injongo yemfundo yalesi sikole?

10 I-Watchtower Bible School of Gilead. Lesi sikole esibizwa ngokuthi i-Watchtower Bible School of Gilead saqala ngoMsombuluko ka-February 1, 1943. Injongo yaso ekuqaleni kwakuwukuqeqesha amaphayona nezikhonzi zesikhathi esigcwele ukuba babe izithunywa zevangeli ezindaweni ezithile ensimini yezwe. Kodwa kusukela ngo-October 2011, sekubhaliswa kuphela abantu kakade abasohlotsheni oluthile lwenkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele—amaphayona akhethekile, ababonisi abajikelezayo nomkabo, izikhonzi zaseBethel nezithunywa zevangeli ezisensimini ezingakaze ziye kulesi sikole.

11 Iyini injongo yemfundo yeSikole SaseGileyadi? Omunye osefundise khona isikhathi eside uyaphendula: “Ukuqinisa ukholo lwabafundi ngokubasiza batadishisise iZwi likaNkulunkulu futhi babe nezimfanelo ezingokomoya ezidingekile ukuze babhekane ngokuphumelelayo nezinselele zezabelo zabo. Enye injongo eyinhloko yale mfundo, ukugxilisa kubafundi isifiso esijule nakakhulu sokuhlanganyela emsebenzini wobuvangeli.”Efe. 4:11.

12, 13. ISikole SaseGileyadi sibe naliphi igalelo emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke? Nikeza isibonelo.

12 ISikole SaseGileyadi sibe naliphi ithonya emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke? Kusukela ngo-1943, kuqeqeshwe abantu abangaphezu kuka-8 500 kulesi sikole, * futhi izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi ziye zakhonza emazweni angaphezu kuka-170 emhlabeni wonke. Izithunywa zevangeli zikusebenzisa ngokunenzuzo ukuqeqeshwa kwazo, zibeka isibonelo sokushiseka enkozweni futhi ziqeqesha abanye ukuba benze okufanayo. Ezimweni eziningi, izithunywa zevangeli ziye zahola ezindaweni ezazinabamemezeli boMbuso abambalwa uma kuwukuthi babekhona.

13 Cabanga ngalokho okwenzeka eJapane ngesikhathi ukushumayela kwasobala okuhleliwe kuma nse phakathi neMpi Yezwe II. Ngo-August 1949, babengaphansi kweshumi abamemezeli eJapane. Nokho, ngasekupheleni kwalowo nyaka kwase kunezithunywa zevangeli ezingu-13 eziqeqeshwe eGileyadi ezazimatasa zishumayela. Kwalandela izithunywa zevangeli eziningi ngemva kwalokho. Ekuqaleni, zazishumayela kakhulu emadolobheni amakhulu; kamuva zaya nakwamanye. Ngenjabulo zakhuthaza abantu ezazibafundela nabanye ukuba babe amaphayona. Imizamo yazo yenkuthalo yathela izithelo ezinhle. Manje kunabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-216 000 eJapane, futhi cishe abangamaphesenti angu-40 abo bangamaphayona! *

14. Izikole ezingokwasezulwini ziwubufakazi obuqand’ ikhanda bani? (Bheka nebhokisi elithi “ IZikole Eziqeqesha Izikhonzi ZoMbuso,” ikhasi 188.)

14 Ezinye izikole ezingokwasezulwini. ISikole Senkonzo Samaphayona, iSikole SeBhayibheli Semibhangqwana EngamaKristu neSikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile ziye zasiza abamenyelwe kuzo ukuba bakhule ngokomoya futhi bahole ngentshiseko emsebenzini wokushumayela. * Zonke lezi zikole ziwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi iNkosi yethu iye yabahlomisa ngokugcwele abalandeli bayo ukuba bafeze inkonzo yabo.2 Thim. 4:5.

Ukuqeqesha Abazalwane Ukuba Basingathe Izabelo Ezikhethekile

15. Amadoda asezikhundleni zemithwalo yemfanelo angamlingisa ngayiphi indlela uJesu?

15 Khumbula isiprofetho sika-Isaya esikhuluma ngoJesu njengofundiswe uNkulunkulu. Kuleso “sikole” sasezulwini, iNdodana yafunda indlela ‘yokuphendula okhathele ngezwi.’ (Isaya 50:4) UJesu wakusebenzisa lokho akufunda; ngesikhathi esemhlabeni waqabula ‘abakhandlekayo nabasindwayo.’ (Math. 11:28-30) Elingisa uJesu, amadoda asezikhundleni zemithwalo yemfanelo afuna ukuba umthombo wokuqabuleka kubafowabo nodadewabo. Ukuze kube njalo, kuye kwamiswa izikole eziningana ukuze kusizwe abazalwane abafanelekayo bakhonze abafowabo ngokuphumelelayo.

16, 17. Iyini injongo yeSikole Senkonzo SoMbuso? (Bheka nombhalo waphansi.)

16 ISikole Senkonzo SoMbuso. Ikilasi lokuqala lalesi sikole laba ngo-March 9, 1959, eSouth Lansing, eNew York. Kwamenywa ababonisi abajikelezayo nezinceku zamabandla kulesi sikole esadonsa inyanga yonke. Kamuva izifundo zahunyushelwa kwezinye izilimi zisuselwa esiNgisini futhi kancane kancane saqala ukuqeqesha abazalwane emhlabeni wonke. *

UMfoweth’ uLloyd Barry ufundisa eSikoleni Senkonzo SoMbuso eJapane ngo-1970

17 Ngokuphathelene nenjongo yeSikole Senkonzo SoMbuso, INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1962 yathi: “Kuleli lizwe elimatasa kakhulu, umbonisi webandla loFakazi BakaJehova kumelwe abe indoda ekwazi ukuhlela ukuphila kwayo ukuze ikwazi ukunakisisa bonke abasebandleni futhi ibe isibusiso kubo. Ngesikhathi esifanayo akakwazi ukungawunaki umkhaya wakhe ngenxa yebandla, kodwa kumelwe asebenzise ukuhluzeka kwengqondo. Yeka ithuba eliyingqayizivele eliye lanikwa izinceku zamabandla emhlabeni wonke lokuba zibe ndawonye eSikoleni Senkonzo SoMbuso ukuze zithole ukuqeqeshwa okuyozisiza zenze lokho kanye iBhayibheli elithi umbonisi kufanele akwazi ukukufeza!”1 Thim. 3:1-7; Thithu 1:5-9.

18. Abantu bakaNkulunkulu bebonke bazuza kanjani eSikoleni Senkonzo SoMbuso?

18 Bonke abantu bakaNkulunkulu baye bazuza eSikoleni Senkonzo SoMbuso. Kanjani? Lapho abadala nezinceku ezikhonzayo bekusebenzisa lokho abakufunde esikoleni, baba umthombo wokuqabuleka kubafowabo, njengoJesu. Awuwazisi yini amazwi anomusa, ukulalelwa noma ukuhanjelwa umdala noma inceku ekhonzayo ekhathalelayo? (1 Thes. 5:11) Amadoda anjalo ayisibusiso sangempela emabandleni akuwo!

19. Yiziphi ezinye izikole ezenganyelwa iKomiti Yokufundisa, futhi ziklanyelwe ukwenzani?

19 Ezinye izikole ezingokwasezulwini. IKomiti Yokufundisa YeNdikimba Ebusayo yengamela ezinye izikole eziqeqesha abazalwane abasezikhundleni zemithwalo yemfanelo enhlanganweni. Lezo zikole ziklanyelwe ukusiza labo bazalwane—abadala bamabandla, ababonisi abajikelezayo namalungu eKomiti Yegatsha—ukuba baphumelele ekufezeni izabelo zabo eziningi. Le mfundo esekelwe eBhayibhelini ikhuthaza abazalwane ukuba balondoloze ingokomoya labo nokuba basebenzise izimiso ezingokomBhalo lapho besebenzelana nezimvu eziyigugu uJehova abaphathise zona.1 Pet. 5:1-3.

Ikilasi lokuqala leSikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo eMalawi ngo-2007

20. Kungani uJesu ayengathi sonke ‘sifundiswe uJehova,’ futhi yini ozimisele ukuyenza?

20 Kusobala ukuthi iNkosi EnguMesiya iye yaqiniseka ukuthi abalandeli bayo baqeqeshwe kahle. Konke lokhu kuqeqeshwa kuvela phezulu: UJehova uqeqeshe iNdodana yakhe, iNdodana yaqeqesha abalandeli bayo. Yingakho uJesu ayengathi sonke ‘sifundiswe uJehova.’ (Joh. 6:45; Isaya 54:13) Masizimisele ukukusebenzisa ngokugcwele ukuqeqeshwa iNkosi esilungiselele kona. Masingakhohlwa ukuthi injongo eyinhloko yakho konke lokhu kuqeqeshwa ukusisiza sihlale siqinile ngokomoya ukuze siyifeze ngokugcwele inkonzo yethu.

^ isig. 5 Sazi kanjani ukuthi uBaba wafundisa iNdodana indlela yokufundisa? Cabanga ngalokhu: Ukusebenzisa kukaJesu imifanekiso eminingi lapho efundisa kwagcwalisa isiprofetho esalotshwa emakhulwini eminyaka ngaphambi kokuba azalwe. (IHu. 78:2; Math. 13:34, 35) Kusobala ukuthi uMthombo waleso siprofetho, uJehova, wanquma kusengaphambili ukuthi iNdodana yakhe yayiyofundisa ngokusebenzisa imifanekiso noma imizekeliso.—2 Thim. 3:16, 17.

^ isig. 6 Ngemva kwezinyanga ezithile, uJesu ‘wakhetha abanye abangamashumi ayisikhombisa wabathuma ngababili’ ukuba bayoshumayela. Nabo wabaqeqesha.—Luka 10:1-16.

^ isig. 12 Abanye sebeye eSikoleni SaseGileyadi isikhathi esingaphezu kwesisodwa.

^ isig. 13 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngegalelo izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi ezibe nalo ensimini yomhlaba wonke, bheka isahluko 23 sencwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu.

^ isig. 14 Esikhundleni sezikole ezimbili zokugcina, sekunesithi iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso.

^ isig. 16 Manje bonke abadala bayazuza emakilasini eSikole Senkonzo SoMbuso athatha isikhathi esingalingani naqhutshwa njalo ngemva kweminyaka embalwa. Kusukela ngo-1984 kuye kwaqeqeshwa nezinceku ezikhonzayo kulesi sikole.