Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 19

Umsebenzi Wokwakha Odumisa UJehova

Umsebenzi Wokwakha Odumisa UJehova

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

Umsebenzi wokwakha womhlaba wonke ufeza izithakazelo zoMbuso

1, 2. (a) Yini izinceku zikaJehova ebezilokhu zijabulela ukuyenza? (b) Yini uJehova ayazisayo?

IZINCEKU zikaJehova ezithembekile bezilokhu zikujabulela ukwakha izakhiwo eziletha udumo egameni lakhe. Ngokwesibonelo, ama-Israyeli ahlanganyela ngentshiseko ekwakhiweni kwetabernakele futhi avula izandla kakhulu aletha izinto zokulakha.Eks. 35:30-35; 36:1, 4-7.

2 UJehova akabheki izinto zokwakha njengokuyizona ngokuyinhloko ezimlethela udumo, zingezona nezinto azazisa kakhulu. (Math. 23:16, 17) Okuyigugu kuJehova, isipho esimdumisa ngaphezu kwanoma yini enye, ukukhulekela kwezinceku zakhe kuhlanganise nomoya wazo ovumayo nomsebenzi wazo wentshiseko. (Eks. 35:21; Marku 12:41-44; 1 Thim. 6:17-19) Lelo qiniso libalulekile. Ngani? Ngoba izakhiwo azihlali zikhona njalo. Ngokwesibonelo, itabernakele nethempeli akusekho manje. Nakuba lezo zakhiwo zingasekho, kodwa uJehova akakukhohliwe ukupha nokushikashikeka kwezinceku zakhe eziqotho ezasekela ukwakhiwa kwazo.Funda eyoku-1 Korinte 15:58; Hebheru 6:10.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sahluko?

3 Izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla nazo ziye zasebenza kanzima zakha izindawo zokukhulekela. Futhi kuyamangalisa ngempela lokho esikufezile ngaphansi kokuqondisa kweNkosi yethu uJesu Kristu! Ngokusobala, uJehova uyibusisile imizamo yethu. (IHu. 127:1) Kulesi sahluko sizoxoxa ngeminye yemisebenzi eye yenziwa kanye nendlela elethe ngayo udumo kuJehova. Sizophinde sizwe okuye kwashiwo abanye ababe nesandla ekufezeni lo msebenzi.

Ukwakha AmaHholo OMbuso

4. (a) Kungani sidinga izindawo zokukhulekela ezengeziwe? (b) Kungani amahhovisi amagatsha ahlukahlukene eye ahlanganiswa? (Bheka ibhokisi elithi “ Ukwakhiwa Kwamagatsha—Ushintsho Ngenxa Yezidingo Ezishintshayo.”)

4 Njengoba sixoxile eSahlukweni 16, uJehova ufuna sihlangane ndawonye ukuze simkhulekele. (Heb. 10:25) Imihlangano yethu ayigcini nje ngokuqinisa ukholo lwethu kodwa futhi yandisa nentshiseko esinayo ngomsebenzi wokushumayela. Njengoba singena sijula ezinsukwini zokugcina, uJehova uyaqhubeka ewusheshisa lo msebenzi. Umphumela uba ukuthi abantu abangamakhulu ezinkulungwane bathutheleka enhlanganweni yakhe unyaka ngamunye. (Isaya 60:22) Njengoba inani lezikhonzi zoMbuso landa, siyakhula nesidingo sezindawo zokunyathelisa ukuze kukhiqizwe izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Sidinga nezindawo zokukhulekela ezengeziwe.

5. Kungani lifaneleka igama elithi iHholo LoMbuso? (Bheka nebhokisi elithi “ Ibandla Lokukhanya Okusha.”)

5 Ekuqaleni komlando wanamuhla wabantu bakaJehova, abaFundi BeBhayibheli baqala ukuqaphela isidingo sokuba nezabo izindawo zokukhulekela. Kubonakala sengathi enye yezindawo zokuqala zokukhulekela ezakhiwa yayiseWest Virginia, e-U.S.A., ngo-1890. Ngawo-1930, abantu bakaJehova base bakhe noma bavuselela amahholo amaningana impela, kodwa lezo zindawo zokukhulekela zazingakethiwa igama elizichazayo. Ngo-1935 uMfoweth’ uRutherford wavakashela eHawaii, lapho kwakwakhiwa khona ihholo nehhovisi legatsha elisha. Lapho ebuzwa ukuthi lesi sakhiwo sizobizwa ngokuthini, uMfoweth’ uRutherford waphendula: “Kunganjani sisibize ngokuthi ‘iHholo LoMbuso,’ ngoba yilokho esikwenzayo, sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso?” (Math. 24:14) Lelo gama elifanelekayo lalingeke nje kube elalelo hholo kuphela kodwa futhi lalizobizwa ngalo iningi lezindawo zokuhlangana ezisetshenziswa amabandla abantu bakaJehova emhlabeni wonke.

6, 7. Yini efezwe uhlelo olusheshayo lokwakha amaHholo OMbuso?

6 Ngawo-1970 isidingo samaHholo OMbuso sasanda ngokushesha. Ngenxa yalokhu, abafowethu e-United States basungula indlela esheshayo yokwakha izakhiwo ezinhle, ezisebenzisekayo ngezinsuku ezimbalwa nje. Ngo-1983, kwase kwakhiwe amaHholo OMbuso anjalo angaba ngu-200 e-United States naseCanada. Ukuze bafeze lo msebenzi, abazalwane basungula amakomiti okwakha ezifunda. Le ndlela yasebenza kahle kakhulu kangangokuthi ngo-1986, iNdikimba Ebusayo yenza leli lungiselelo laba semthethweni, kwathi ngo-1987 kwase kunamaKomiti Okwakha Ezifunda angu-60 e-United States. * Ngo-1992 la makomiti ayesemisiwe nase-Argentina, e-Australia, eFrance, eJalimane, eJapane, eMexico, eNingizimu Afrika naseSpain. Kuyafaneleka ukuba sibasekele abazalwane abazikhandlayo bakhe amaHholo OMbuso nawoMhlangano, ngoba umsebenzi abawenzayo uyingxenye yenkonzo engcwele.

7 La maHholo OMbuso akhiwe ngokushesha anikeza ubufakazi obuhle emiphakathini akhiwa kuyo. Ngokwesibonelo, iphephandaba laseSpain lalinesihloko esikhulu esithi “Ukholo Lugudluza Izintaba.” Liphawula ngokwakhiwa kweHholo LoMbuso elinjalo edolobheni laseMartos, leli phephandaba labuza: “Kwenzeka kanjani ukuba kuleli zwe lanamuhla elibuswa ubugovu, kube nezisebenzi zokuzithandela ezivela ezindaweni ezihlukahlukene [zaseSpain] ezithatha uhambo lokuya eMartos ziyokwakha isakhiwo esiqophe umlando ngokusheshe siphele, ngobuhle nangokuhleleka?” Labe seliphendula ngokucaphuna amazwi omunye woFakazi abayizisebenzi zokuzithandela: “Konke lokhu kubangelwa ukuthi singabantu abafundiswa uJehova.”

Ukwakha Emazweni Antulayo

8. Ngo-1999, yiluphi uhlelo olusha olwagunyazwa iNdikimba Ebusayo, futhi ngani?

8 Njengoba ikhulu lama-20 lalifinyelela esiphelweni salo, abantu basemazweni antulayo babethutheleka enhlanganweni kaJehova. Amabandla endawo enza okusemandleni ukuba akhe izindawo zokuhlangana. Kodwa kwamanye amazwe, kwadingeka bakhuthazelele ukugconwa nokucwaswa ngoba amaHholo abo OMbuso ayemane nje engamadlangala uma eqhathaniswa nezinye izindawo zokukhulekela. Kodwa kusukela ngo-1999, iNdikimba Ebusayo yagunyaza uhlelo lokusheshisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso emazweni asathuthuka. Kwanikelwa izimali ezivela emazweni acebile ukuze kube khona “ukulingana.” (Funda eyesi-2 Korinte 8:13-15.) Futhi abazalwane nodade abavela kwamanye amazwe bahlanganyela ngokuzithandela kulowo msebenzi.

9. Yimuphi umsebenzi owawubonakala ungaphezu kwamandla, kodwa yini eyafezwa?

9 Ekuqaleni, umsebenzi wabonakala ungaphezu kwamandla. Umbiko wango-2001 wabonisa ukuthi kwakudingeka amaHholo OMbuso angaphezu kuka-18 300 emazweni angu-88 asathuthuka. Kodwa-ke, ngokusekela komoya kaNkulunkulu neNkosi yethu uJesu Kristu, awukho umsebenzi ongenakufezwa. (Math. 19:26) Ngeminyaka ecishe ibe ngu-15, kusukela ngo-1999 kuya ku-2013, abantu bakaNkulunkulu base bakhe amaHholo OMbuso angu-26 849 njengengxenye yalolu hlelo. * UJehova uyaqhubeka ebusisa umsebenzi wokushumayela kangangokuthi ngo-2013 kwakusenesidingo samaHholo OMbuso angaba ngu-6 500 kulawo mazwe, kanti sikhuluma nje kudingeka amanye angamakhulu amaningi unyaka ngamunye.

Ukwakha amaHholo OMbuso emazweni antulayo kunezinselele ezingavamile

10-12. Ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso kululethe kanjani udumo egameni likaJehova?

10 Ukwakhiwa kwalawo maHholo OMbuso kululethe kanjani udumo egameni likaJehova? Umbiko ovela ehhovisi legatsha laseZimbabwe wathi: “Ngenyanga yokuqala nje iHholo LoMbuso lakhiwe, kuvame ukuba baphindwe kabili ababa khona ezifundweni.” Emazweni amaningi, kubonakala sengathi abantu baba mathintanyawo ukuzihlanganisa nathi kuze kube yilapho sekunendawo yokukhulekela efanelekayo. Lithi nje lingakhiwa iHholo LoMbuso, ligcwale masinyane bese kudingeka elinye. Nokho, akukhona nje ukubukeka kwesakhiwo okudonsela abantu kuJehova. Uthando lobuKristu olungenabuzenzisi oluboniswa abantu abakha la mahholo, nalo luyayithonya indlela abantu ababheka ngayo inhlangano yakhe. Awuzwe izibonelo ezimbalwa.

11 E-Indonesia. Lapho indoda eyayilokhu ibukele iHholo LoMbuso lakhiwa ithola ukuthi zonke lezo zisebenzi azikhokhelwa, yathi: “Angiyikholwa le nto! Ngiyibonile indlela ngamunye wenu asebenza ngayo ngokuzikhandla nangenjabulo, nakuba ningatholi nendibilishi. Ngicabanga ukuthi alikho isonto elinjengelenu!”

12 E-Ukraine. Owesifazane owayedlula ngasesakhiweni seHholo LoMbuso zonke izinsuku waphetha ngokuthi izisebenzi zingoFakazi BakaJehova nokuthi isakhiwo kumelwe ukuba sizoba yiHholo LoMbuso. Wathi: “Udadewethu onguFakazi KaJehova wayeke wangixoxela ngani. Njengoba ngibuka lo msebenzi wokwakha, nginqume ukuthi nami ngifuna ukuba yilungu lale nkolo. Ngizibonele mathupha uthando lapha.” Lo mama wamukela isifundo seBhayibheli futhi wabhapathizwa ngo-2010.

13, 14. (a) Yini oyifundile endleleni indoda nomkayo abasabela ngayo ngemva kokubukela umsebenzi wokwakha iHholo LoMbuso? (b) Yini ongayenza ukuze uqikelele ukuthi indawo yakini yokukhulekela iletha udumo egameni likaJehova?

13 E-Argentina. Indoda nomkayo baya kumzalwane oweyengamele indawo okwakwakhiwa kuyo iHholo LoMbuso. Umyeni wathi: “Besilokhu siwubhekile umsebenzi wenu wokwakha futhi sinqume ukuthi sifuna ukufunda ngoNkulunkulu kuyo le ndawo.” Wabe esebuza: “Yini okumelwe siyenze ukuze sifaneleke ukuza emihlanganweni eba lapha?” Le ndoda nomkayo basamukela isifundo seBhayibheli, kodwa babeka umbandela wokuthi wonke amalungu omkhaya wabo ahlanganyele kuso. Abazalwane bakwamukela ngenjabulo lokhu.

14 Kungenzeka awuzange ube nelungelo lokufaka isandla ekwakhiweni kweHholo LoMbuso ohlanganyela kulo, kodwa kusekuningi ongakwenza ukuze usize ukuba indawo yakini yokukhulekela ilethe udumo egameni likaJehova. Ngokwesibonelo, ungase ukhuthalele ukumema obafundelayo, izimpindelo nabanye abantu ukuba babe khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Unalo futhi ithuba lokuhlanza nokunakekela indawo yakini yokukhulekela. Uma ukuhlelele kahle, ungase ukwazi ukunikelela ukunakekelwa kweHholo LoMbuso ohlanganyela kulo noma unikelele ukwakhiwa kwalezi zindawo zokukhulekela kwezinye izingxenye zomhlaba. (Funda eyoku-1 Korinte 16:2.) Yonke le misebenzi yenezela udumo egameni likaJehova.

Izisebenzi ‘Ezizinikela Ngokuzithandela’

15-17. (a) Ubani ofeza indima enkulu emsebenzini wokwakha? (b) Yini oyifundile kulokho okushiwo yimibhangqwana eye yenza imisebenzi yokwakha yomhlaba wonke?

15 Umsebenzi omkhulu ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso, amaHholo Omhlangano nezakhiwo zegatsha, wenziwa abazalwane nodade bendawo. Ngokuvamile basizwa abazalwane nodade abavela kwamanye amazwe abanolwazi lokwakha. Ezinye zalezo zisebenzi zokuzithandela ziye zahlela izimo zazo ukuze zikwazi ukusiza emisebenzini yokwakha kwamanye amazwe amasonto athile. Ezinye zizenze zatholakalela ukwenza le nkonzo iminyaka eminingi, zisuke kwesinye isabelo sokwakha ziye kwesinye.

UTimo noLina Lappalainen (Bheka isigaba 16)

16 Umsebenzi wokwakha kwamanye amazwe unezinselele ezingavamile kodwa futhi unemivuzo eyanelisayo. Ngokwesibonelo, uTimo noLina baye baya emazweni ase-Asia, eYurophu naseNingizimu Melika beyokwakha amaHholo OMbuso, awoMhlangano namahhovisi egatsha. UTimo uthi: “Ngokwesilinganiso, eminyakeni engu-30 edlule ngiye ngathola isabelo esisha njalo ngemva kweminyaka emibili.” ULina, owashada noTimo eminyakeni engu-25 edlule, uthi: “Ngikhonze noTimo emazweni ayishumi. Kudinga umzamo omkhulu nesikhathi ukujwayela uhlobo olusha lokudla, isimo sezulu ongasijwayele, ulimi olusha, ukushumayela ensimini entsha nokwenza abangane abasha.” * Ingabe umzamo onjalo uye wavuzwa? ULina uthi: “Izinselele ziye zasilethela izibusiso ezinkulu. Sizibonele ngawethu uthando lobuKristu nomoya wokungenisa izihambi futhi siye sakuzwa ukunakekela kukaJehova kothando. Siye sabona nokugcwaliseka kwesithembiso uJesu asinikeza abafundi bakhe, esilotshwe kuMarku 10:29, 30. Sithole abafowethu, odadewethu nomama abangokomoya abaphindwe ngekhulu.” UTimo uthi: “Kusanelisa ngokujulile ukusebenzisa amakhono ethu sisekela injongo ephakeme kunazo zonke—ukuba nesandla ekwandiseni impahla yeNkosi.”

17 UDarren noSarah, abaye basiza emisebenzini yokwakha e-Afrika, e-Asia, eMelika Ephakathi, eYurophu, eNingizimu Melika naseNingizimu yePacific, banomuzwa wokuthi bathole okungaphezu kwalokho abakunikele. Naphezu kwezinselele abazitholile, uDarren uthi: “Kube yilungelo ukusebenza nabafowethu abavela ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Ngibonile ukuthi uthando esinalo ngoJehova lunjengentambo esihlanganisa sonke emhlabeni.” USarah uthi: “Kuningi engikufunde kubafowethu nodadewethu abanezizinda ezihlukahlukene! Ukubona ukuzidela kwabo ekukhonzeni uJehova kungishukumisela ukuba ngiqhubeke ngenza konke okusemandleni ami.”

18. Sigcwaliseka kanjani isiprofetho esikumaHubo 110:1-3?

18 INkosi uDavide yaprofetha ukuthi ngisho noma izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu zazingabhekana nezinselele, ‘zaziyozinikela ngokuzithandela’ ukuze zisekele izithakazelo zoMbuso. (Funda iHubo 110:1-3.) Bonke abahileleke emsebenzini osekela uMbuso banesandla ekugcwalisekeni kwalawo mazwi ayisiprofetho. (1 Kor. 3:9) Izakhiwo eziningi zamahhovisi egatsha, amaHholo Omhlangano abalelwa emakhulwini kanye namashumi ezinkulungwane amaHholo OMbuso emhlabeni jikelele, konke kuwubufakazi obusobala bokuthi uMbuso kaNkulunkulu ungokoqobo futhi manje uyabusa. Yeka ilungelo esinalo lokukhonza iNkosi uJesu Kristu emsebenzini onikeza uJehova udumo olumfanele kangaka!

^ isig. 6 Ngo-2013, zingaphezu kuka-230 000 izisebenzi zokuzithandela ezagunyazwa ukuba zisebenze namaKomiti Okwakha Ezifunda angu-132 e-United States. Kuleli zwe, minyaka yonke la makomiti aqondisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso angaba ngu-75 futhi asiza ekuthuthukisweni noma ekulungisweni kwamahholo angaba ngu-900.

^ isig. 9 Leli nani alihlanganisi inqwaba yamaHholo OMbuso akhiwe emazweni angekho kulolu hlelo.

^ isig. 16 Izikhonzi zokuzithandela ezivela kwamanye amazwe zichitha isikhathi sazo esiningi zisebenza esakhiweni, kodwa futhi zisekela namabandla endawo emsebenzini wokushumayela ngezimpelasonto noma kusihlwa.