Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwesobunxele: Umkhaya waseBethel yaseBrooklyn ugubha uKhisimusi wokugcina ngo-1926; kwesokudla: Abantu bayaphawula ukuthi oFakazi BakaJehova bahlukile

INGXENYE 3

Izindinganiso ZoMbuso—Ukufuna Ukulunga KukaNkulunkulu

Izindinganiso ZoMbuso—Ukufuna Ukulunga KukaNkulunkulu

UBINGELELA umakhelwane wakho njengoba udlula. Uphawule ukuthi muva nje uyawubhekisisa umkhaya wakho. Naye uyakubingelela bese ekuqhweba, athi: “Ngicela ukubuza. Yini eyenza nehluke kangaka nina?” “Ush’ ukuthini?” kubuza wena. Uyaphendula: “NingoFakazi BakaJehova nina angithi? Anifani nabanye abantu. Nehlukile kwezinye izinkolo—aniwagubhi amaholidi, aningeni kwezombusazwe nasezimpini. Anibhemi. Umkhaya wakho ubonakala uziphethe kahle. Yini enenza nihluke kangaka ezintweni eziningi?”

Uyazi wena ukuthi ayikho enye impendulo ngaphandle kwale: Siphila ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Njengoba uJesu eyiNkosi, uhlale esicwengisisa. Usisiza ukuba sihambe ezinyathelweni zakhe, ngaleyo ndlela sehluke kuleli zwe elibi. Kule ngxenye, sizobona indlela uMbuso KaMesiya obulokhu ucwengisisa ngayo abantu bakaNkulunkulu ngokomoya, ngokuziphatha nangokulandela izimiso ezingokwasezulwini—kube inkazimulo kuJehova.

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 10

INkosi Icwengisisa Abantu Bayo Ngokomoya

UKhisimusi nesiphambano kufana ngani?

ISAHLUKO 11

Ukulungiswa Kokuziphatha—Ukubonakalisa Ubungcwele BukaNkulunkulu

Amakamelo abaqaphi namasango asembonweni wethempeli likaHezekeli kuye kwaba nencazelo ekhethekile kubantu bakaNkulunkulu kusukela ngo-1914.

ISAHLUKO 12

Sihlelelwe Ukukhonza “UNkulunkulu Wokuthula”

IBhayibheli aliqhathanisi isiyaluyalu nokuhleleka, kodwa nokuthula. Kungani? Futhi impendulo iwathinta kanjani amaKristu namuhla?