Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwesobunxele: Umzalwane uboshelwa ukushumayela e-Eindhoven, eNetherlands, ngo-1945; kwesokudla: Ingabe lapho uhlala khona umthetho uyalivikela ilungelo lakho lokushumayela?

INGXENYE 4

Ukunqoba KoMbuso—Ukumisa Izindaba Ezinhle Ngokomthetho

Ukunqoba KoMbuso—Ukumisa Izindaba Ezinhle Ngokomthetho

NJENGOBA nishumayela endlini ngendlu, nizwa inhlabamkhosi kude. Umsindo wayo uya usondela. Njengoba uqala ukukhuluma nomninikhaya, oshumayela naye uyaphazamiseka lapho kuma imoto yamaphoyisa. Elinye iphoyisa liyehla liqonde kini, libuze: “Nina nobabili, yinina laba enihamba indlu ngendlu nikhuluma ngeBhayibheli? Besilokhu sithola izikhalazo kubantu!” Niphendula ngenhlonipho, nichaze ukuthi ningoFakazi BakaJehova. Yini ezolandela?

Ngokwezinga elikhulu, ukuthi kuzolandelani kuxhomeke emlandweni. Eminyakeni edlule, uhulumeni wezwe lakini uye wasebenzelana kanjani noFakazi BakaJehova? Ikhona yini inkululeko engokwenkolo? Uma kunjalo, cishe lokho kuhlobene nendlela abafowenu nodadewenu abangokomoya abaye bazikhandla ngayo phakathi namashumi eminyaka ‘ekuvikeleni nasekumiseni ngokomthetho izindaba ezinhle.’ (Fil. 1:7) Nomaphi lapho uhlala khona, ukuzindla ngomlando wamacala aye anqotshwa oFakazi BakaJehova ezinkantolo kungaluqinisa kakhulu ukholo. Kule ngxenye, sizohlola omunye waleyo milando ephawulekayo. Ukunqoba kwethu kunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uMbuso ungokoqobo, ngoba besingeke sikwazi ukufinyelela izinto eziningi kangaka ngamandla ethu!

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 13

Abashumayeli BoMbuso Bayisa Udaba Lwabo Enkantolo

Abahluleli kwezinye izinkantolo ezinkulu zamanje banombono womfundisi woMthetho wasendulo uGamaliyeli.

ISAHLUKO 14

Ukusekela Ngobuqotho Uhulumeni KaNkulunkulu Kuphela

“Umfula” woshushiso olwalethwa phezu koFakazi BakaJehova ngenxa yokungathathi kwabo uhlangothi kwezombangazwe wagwinywa umthombo ongalindelekile.

ISAHLUKO 15

Ukulwela Inkululeko Yokukhulekela

Abantu bakaNkulunkulu baye balwela ilungelo lokulalela umthetho—umthetho woMbuso kaNkulunkulu.