Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwesobunxele: Umhlangano webandla oqhutshelwa eshashalazini eLondon, eNgilandi ngo-1945; kwesokudla: Umhlangano okhethekile wosuku olulodwa eMalawi, e-Afrika, ngo-2012

INGXENYE 5

Imfundo YoMbuso—Ukuqeqesha Izinceku ZeNkosi

Imfundo YoMbuso—Ukuqeqesha Izinceku ZeNkosi

UMOYIZELELA isikhulumi esisesiteji ngendlela ekhuthazayo. Singumzalwane osemncane wasebandleni lakini, futhi sinikeza inkulumo yaso yokuqala esimisweni somhlangano omkhulu. Njengoba ulalele inkulumo yaso, uvele umangaliswe ukuqeqeshwa abantu bakaNkulunkulu abakutholayo. Ukhumbula imizamo yale nsizwa yokuqala esiteji—bheka ukuthi isikuphi namuhla! Yathuthuka kakhulu ngemva kokuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona. Muva nje, yona nomkayo bebeseSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Njengoba ushaya izandla ubonga inkulumo enhle kakhulu yalo mzalwane, uyaqalaza ucabange ngemfundo etholwa yibo bonke abantu bakaNkulunkulu.

IBhayibheli labikezela isikhathi bonke abantu bakaNkulunkulu ‘abayofundiswa’ ngaso “uJehova.” (Isaya 54:13) Siphila kuleso sikhathi. Asifundiswa ngezincwadi zethu kuphela kodwa nangemihlangano yethu yebandla, yesifunda neyesigodi nezikole ezihlukahlukene eziklanyelwe ukusilungiselela izabelo ezithile enhlanganweni kaJehova. Kule ngxenye, sizoxoxa ngokuthi yonke le mfundo ibunikeza kanjani ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa namuhla.

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 16

Ukuhlangana Ndawonye Ngenjongo Yokukhulekela

Singazuza kanjani ngokugcwele emihlanganweni yokukhulekela uJehova?

ISAHLUKO 17

Ukuqeqesha Izikhonzi ZoMbuso

Izikole ezingokwasezulwini ziye zazilungiselela kanjani izikhonzi zoMbuso ukuba zifeze izabelo zazo?