Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 5

Ukuzalwa KukaJesu​—⁠Kuphi, Nini?

Ukuzalwa KukaJesu​—⁠Kuphi, Nini?

LUKA 2:1-20

  • UJESU UZALELWA EBHETLEHEMA

  • ABELUSI BAYOBONA USANA OLUNGUJESU

UKhesari Awugustu, umbusi waseRoma, ukhiphe umyalo wokuba wonke umuntu abhaliswe. Ngakho uJosefa noMariya kufanele bahambe baye eBhetlehema, idolobha uJosefa azalelwa kulo eliseningizimu yeJerusalema.

Baningi abantu abeze eBhetlehema ukuze babhaliswe. Okuwukuphela kwendawo uJosefa noMariya abayitholayo abangahlala kuyo isitebela, indawo okuvalelwa kuyo izimbongolo nezinye izilwane. Yilapho uJesu azalelwa khona. UMariya umsonga ngezindwangu ambeke emkhombeni, indawo okuphakelwa kuyo izilwane.

Kumelwe ukuba nguNkulunkulu owenze uKhesari Awugustu wakhipha umthetho wokuba abantu babhaliswe. Kungani? Ngoba lo myalo ubangele ukuba uJesu azalelwe eBhetlehema, okuyidolobha likakhokho wakhe iNkosi uDavide. ImiBhalo yayibikezele kudala ukuthi leli yidolobha okwakuzozalelwa kulo uMbusi owayethenjisiwe.—Mika 5:2.

Lobu ubusuku obubaluleke ngempela! Ngaphandle emadlelweni, abelusi babona ukukhanya okukhulu okungavamile. Yinkazimulo kaJehova! Enye yezingelosi zikaNkulunkulu ithi kubelusi: “Ningesabi, ngoba bhekani! Ngimemezela kini izindaba ezinhle ezizolethela bonke abantu injabulo enkulu. Ngoba namuhla nizalelwe umsindisi, onguKristu iNkosi, edolobheni likaDavide. Nakhu enizombona ngakho: Nizothola usana lusongwe ngezindwangu lulele emkhombeni.” Kungazelelwe, kubonakala ezinye izingelosi eziningi zithi: “Dumisani uNkulunkulu osezulwini, abantu uNkulunkulu ababonisa umusa emhlabeni bayoba nokuthula.”—Luka 2:10-14.

Ngemva kokuhamba kwezingelosi, abelusi bakhuluma bodwa bathi: “Masihambe siye eBhetlehema siyobona okwenzekile, lokho uJehova asazise kona.” (Luka 2:15) Bayaphuthuma baye khona, nangempela bafice usana olunguJesu njengoba nje ingelosi ibishilo. Lapho abelusi bexoxa ngalokho ingelosi ebatshele kona, bonke abalalele bayamangala. Kumthinta inhliziyo uMariya lokho akuzwayo futhi uyacabangisisa ngokuthi kusho ukuthini.

Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi uJesu wazalwa ngoDisemba 25. Nokho ngenyanga kaDisemba kusuke kunezimvula futhi kubanda eBhetlehema. Ngezinye izikhathi liyakhithika. Kwakungelula ukuba abelusi babe semadlelweni ebusuku nemfuyo yabo ngaleso sikhathi sonyaka. Ngaphezu kwalokho, mancane amathuba okuba uMbusi waseRoma wayengayala abantu ababethanda ukuvukela, ukuba bathathe uhambo olude ebusika obubandayo ukuze bayobhalisa. Kubonakala sengathi uJesu wazalwa ngo-Okthoba.