Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 9

Ukhulela ENazaretha

Ukhulela ENazaretha

MATHEWU 13:55, 56 MARKU 6:3

  • UYANDA UMNDENI KAJOSEFA NOMARIYA

  • UJESU UFUNDA UMSEBENZI WEKHONO

UJesu ukhulela eNazaretha, idolobha elincane nelingabalulekile kangako. Leli dolobha lisenyakatho yeJudiya endaweni ephakeme eseGalile, ngasentshonalanga yechibi elikhulu okuthiwa uLwandle LwaseGalile.

Cishe lapho eneminyaka emibili, uJesu nabazali bakhe uJosefa noMariya bathuthela kule ndawo, besuka eGibhithe. Kubonakala sengathi ngalesi sikhathi, uJesu wayewukuphela kwengane yabo. Nokho, kamuva kuzalwa abanye abafowabo bakaJesu, uJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda. UJosefa noMariya babuye bathole nezingane zamantombazane, odadewabo bakaJesu. Ngakho uJesu ulanywa ezinye izingane ezingaba yisithupha.

UJesu unazo nezinye izihlobo. Sesiyazi ngo-Elizabethe nendodana yakhe uJohane. Bahlala eJudiya eseningizimu, eqhele ngamakhilomitha amaningi ukusuka eGalile. EGalile kukhona esinye isihlobo sabo, uSalome, okungenzeka ukuthi ungudadewabo kaMariya omncane okumenza abe ngumamncane kaJesu. Umyeni kaSalome nguZebediya. Banamadodana amabili, uJakobe noJohane. Asazi noma laba bafana bachitha isikhathi ndawonye yini noJesu njengoba bekhula, kodwa kamuva baba abangane nabaphostoli bakaJesu.

UJosefa uyazikhandla ukuze anakekele umndeni wakhe owandayo. Ungumbazi. Ukhulisa uJesu njengendodana yakhe ayizalayo, ngakho uJesu waziwa ngokuthi “indodana yombazi.” (Mathewu 13:55). UJosefa ufundisa uJesu ukubaza, futhi uJesu uwenza kahle lo msebenzi. Empeleni, kamuva abantu baze bathi ngoJesu: “Lona umbazi.”—Marku 6:3.

Ukuphila komndeni kaJosefa kugxile ekukhonzeni uJehova. Njengoba uMthetho kaNkulunkulu usho, uJosefa noMariya bafundisa izingane zabo ngoNkulunkulu lapho ‘behleli endlini yabo nalapho behamba endleleni nalapho belala nalapho bevuka.’ (Duteronomi 6:6-9) Kukhona isinagoge eNazaretha. Singaqiniseka ukuthi uJosefa uhlale eya khona nomndeni wakhe ukuze bakhonze uNkulunkulu. Kamuva, kuthiwa ‘kwakuyinqubo kaJesu ukuya esinagogeni ngosuku lweSabatha.’ (Luka 4:16) Lo mndeni uyalujabulela nohambo ovame ukuluthatha uya ethempelini likaJehova eliseJerusalema.