Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 21

ESinagogeni ENazaretha

ESinagogeni ENazaretha

LUKA 4:16-31

  • UJESU UFUNDA EMQULWINI KA-ISAYA

  • ABANTU BASENAZARETHA BAZAMA UKUBULALA UJESU

Kubonakala kunesasasa eNazaretha. UJesu wayewumbazi kule ndawo, ngaphambi kokuba ahambe ayobhapathizwa uJohane esikhathini esingaphezudlwana konyaka. Kodwa manje, usaziwa njengendoda eyenza izimangaliso. Izakhamuzi zendawo zilangazelela ukumbona enza ezinye zalezi zimangaliso endaweni yakubo.

Isasasa labo liyakhula njengoba uJesu eya esinagogeni lendawo ngokwenqubo yakhe. Lapho kuyathandazwa kufundwe nezincwadi zikaMose, njengoba nje kwenziwa “emasinagogeni ngawo wonke amasabatha.” (IzEnzo 15:21) Kufundwa nezincwadi zesiprofetho. Lapho uJesu esukuma ukuze afunde, cishe ubona abantu abaningi abaziyo ngenxa yokuthi sekuyiminyaka eminingi eza kuleli sinagoge. Bamnika umqulu womprofethi u-Isaya. Uthola indawo ekhuluma ngaLowo ogcotshwe ngomoya kaJehova, namuhla etholakala ku-Isaya 61:1, 2.

UJesu ufunda ngendlela Lowo owayebikezelwe ayezomemezela ngayo inkululeko kulabo abathunjiwe, ukuvulwa kwamehlo ezimpumputhe nokuza konyaka owamukelekayo kaJehova. UJesu ubuyisela umqulu esikhonzini, bese ehlala phansi. Amehlo abo bonke athe njo kuye. Ngemva kwalokho ube esekhuluma cishe isikhathi eside, futhi akushoyo kuhlanganisa nala mazwi aphawulekayo: “Namuhla lo mbhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.”—Luka 4:21.

bayamangala ‘ngamazwi amnandi aphuma emlonyeni wakhe,’ bese bekhuluma bodwa bethi: “Akuyona yini indodana kaJosefa lena?” Kodwa eqaphela ukuthi bafuna ukumbona enza izimangaliso ezifana nalezo ababezwe ngazo, uJesu uyaqhubeka: “Ngokungangabazeki niyosebenzisa le nkulumo kimi, ‘Dokotela, zelaphe. Izinto esizwe ukuthi ziye zenzeka eKapernawume zenze nalapha endaweni yakini.’” (Luka 4:22, 23) Laba bantu ababengomakhelwane bakaJesu cishe banomuzwa wokuthi izimangaliso ezenziwa uJesu kufanele ziqale endaweni yakubo, ukuze kuzuze abantu bakubo. Ngakho kungenzeka bacabanga ukuthi uJesu akababoni bebalulekile.

Eqaphela indlela abacabanga ngayo, uJesu ube esekhuluma ngezenzakalo ezithile emlandweni ka-Israyeli. Uveza ukuthi kwakunabafelokazi abaningi kwa-Israyeli ezinsukwini zika-Eliya, kodwa u-Eliya akathunyelwanga nakoyedwa wabo. Kunalokho, u-Eliya waya kumfelokazi ongeyena umIsrayeli waseZarefati, idolobha eliseduze kwaseSidoni, lapho enza khona isimangaliso esasindisa ukuphila. (1 AmaKhosi 17:8-16) Ngosuku luka-Elisha, kwakunabantu abaningi kwa-Israyeli ababenochoko, kodwa lo mprofethi welapha uNahamani umSiriya kuphela.—2 AmaKhosi 5:1, 8-14.

Laba bantu basedolobheni lakubo kaJesu basabela kanjani kulokho abangase bakubheke njengokuqhathanisa okungekuhle, okwembula ukuthi bazicabangela bona futhi bantula ukholo? Labo abasesinagogeni bayathukuthela, basukume, bese bekhiphela uJesu ngaphandle kwedolobha. Baya naye esiqongweni sentaba okwakhiwe kuyo iNazaretha, bese bezama ukumphonsa eweni. Kodwa uJesu uyaphunyuka abaleke. UJesu ube esehlela eKapernawume, esogwini olusenyakatho-ntshonalanga yoLwandle LwaseGalile.