Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 24

Wandisa Inkonzo Yakhe EGalile

Wandisa Inkonzo Yakhe EGalile

MATHEWU 4:23-25 MARKU 1:35-39 LUKA 4:42, 43

  • UJESU UHAMBA INDAWO YASEGALILE NABAFUNDI BAKHE ABANE

  • UKUSHUMAYELA KWAKHE NEMISEBENZI YAKHE KWAZIWA KABANZI

UJesu nabafundi bakhe abane bebenosuku olumatasa eKapernawume. Kusihlwa abantu baseKapernawume bamlethela izihlobo zabo ezigulayo ukuze azelaphe. UJesu akakasitholi isikhathi esanele sokuba yedwa.

Ekuseni ngosuku olulandelayo kusesemnyama, uJesu uyavuka aye ngaphandle eyedwa. Uthola indawo engenamuntu lapho engathandaza khona kuYise. Kodwa usheshe aphazamiseke. Lapho beqaphela ukuthi uJesu akekho “uSimoni nalabo ababekanye naye” bayamfuna. Kungenzeka ukuthi uPetru ohamba phambili ngoba uJesu ubehleli emzini wakhe.—Marku 1:36; Luka 4:38.

Lapho bemthola uJesu, uPetru uthi: “Wonke umuntu uyakufuna.” (Marku 1:37) Siyaqondakala isizathu esenza abantu beseKapernawume bafune uJesu ahlale. Bayakwazisa ngempela lokho asekwenzile, ngakho bazama ‘ukumbamba ukuze angasuki kubo.’ (Luka 4:42) Nokho ingabe uJesu weza emhlabeni ukuze nje elaphe abantu ngokuyisimangaliso? Ingabe imisebenzi yakhe kumelwe ayenze kule ndawo nje kuphela? Uthini yena ngalokhu?

UJesu uphendula abafundi bakhe: “Masiye kwenye indawo emadolobheni aseduze ukuze ngishumayele nakhona, ngoba ngizele lokho.” Empeleni, uJesu uze atshele nalabo abafuna ahlale: “Nakwamanye amadolobha kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ngoba ngathunyelwa lokho.”—Marku 1:38; Luka 4:43.

Ngempela, isizathu esikhulu sokuba uJesu eze emhlabeni ukuba ashumayele ngoMbuso kaNkulunkulu. Lowo Mbuso uzongcwelisa igama likaYise, uxazulule nezinkinga zabantu phakade. UJesu unikeza ubufakazi bokuthi uthunywe nguNkulunkulu ngokwelapha abantu ngokuyisimangaliso. Ngendlela efanayo, emakhulwini eminyaka ngaphambili, uMose wenza imisebenzi emangalisayo ukuze abonise ukuthi wayethunywe nguNkulunkulu.—Eksodusi 4:1-9, 30, 31.

Ngakho uJesu uyasuka eKapernawume ukuze ayoshumayela kwamanye amadolobha ehamba nabafundi bakhe abane. Laba bafundi abane, uPetru nomfowabo u-Andreya kanye noJohane nomfowabo uJakobe. Esontweni elandulele, uJesu wayebamemile ukuba babe abokuqala ababezosebenza naye emsebenzini wokushumayela.

Uhambo lukaJesu lokushumayela eGalile nalaba bafundi abane lube yimpumelelo enkulu! Empeleni, imibiko ephathelene noJesu ifinyelela kude. “Umbiko ngaye wasakazeka kulo lonke elaseSiriya,” endaweni enamadolobha ayishumi abizwa ngokuthi iDekapholi, nangaphesheya koMfula iJordani. (Mathewu 4:24, 25) Izixuku ezivela kulezo zindawo naseJudiya zilandela uJesu nabafundi bakhe. Abaningi bamlethela abantu abadinga ukwelashwa. UJesu akabadumazi—welapha abagulayo, axoshe nemimoya emibi kulabo abanamademoni.