Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 25

Welapha Onochoko Ngozwela

Welapha Onochoko Ngozwela

MATHEWU 8:1-4 MARKU 1:40-45 LUKA 5:12-16

  • UJESU WELAPHA ONOCHOKO

Njengoba uJesu nabafundi bakhe abane behambe beshumayela emasinagogeni “kulo lonke elaseGalile,” izindaba eziphathelene nezinto ezimangalisayo azenzayo zigcwala yonke indawo. (Marku 1:39) Lezi zindaba zifinyelela nasedolobheni okukhona kulo indoda enochoko. Udokotela uLuka uyichaza ngokuthi ‘igcwele uchoko.’ (Luka 5:12) Ngokuhamba kwesikhathi, lesi sifo esesabekayo, kancane kancane sikhubaza amalunga ahlukahlukene omzimba.

Ngakho lo muntu onochoko usesimweni esidabukisa kakhulu, futhi akufanele ahlale nabanye abantu. Ngaphezu kwalokho, kufanele amemeze athi “Ngingcolile, ngingcolile!” lapho kunabantu abaseduze ukuze abaxwayise bangasondeli eduze, bese beba sengozini yokungenwa yilesi sifo. (Levitikusi 13:45, 46) Kodwa yini eyenziwa yile ndoda enochoko manje? Isondela kuJesu, ifike iguqe bese iyakhothama imncenge ithi: “Nkosi, uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.”—Mathewu 8:2.

Le ndoda inokholo ngempela kuJesu! Kumelwe nokuba lesi sifo siyenza ibukeke ngendlela edabukisayo! UJesu uzokwenzenjani? Wena wawuyokwenzenjani ukube wawulapho? Eyizwela, uJesu welula isandla ayithinte le ndoda. UJesu uthi kuyo: “Ngiyathanda! Hlanzeka.” (Mathewu 8:3) Kube sekwenzeka into abaningi abangayikholwa, uchoko luyanyamalala kule ndoda.

Ubungeke yini uthande ukuba nenkosi enozwela namandla njengoJesu? Indlela aphatha ngayo le ndoda enochoko, iyasiqinisekisa ukuthi lapho uJesu eseyiNkosi emhlabeni wonke kuyogcwaliseka lesi siprofetho seBhayibheli: “Iyohawukela ophansi noswele, iyosindisa ukuphila kwabampofu.” (IHubo 72:13) Ngaleso sikhathi, uJesu uyogcwalisa isifiso sakhe sokusiza bonke abahluphekayo.

Khumbula ukuthi nangaphambi kokwelashwa kwale ndoda enochoko, inkonzo kaJesu ibisibangele isasasa elikhulu kubantu. Manje sebezozwa ngalesi senzo esimangalisayo asenzile. Nokho, uJesu akafuni abantu babe nokholo kuye ngenxa nje yemibiko abayizwile. Uyasazi isiprofetho esithi “ngeke amemeze noma aphakamise izwi lakhe nasemgwaqweni,” okungukuthi, ukuze nje abukise. (Isaya 42:1, 2) Yingakho uJesu eyala le ndoda esilaphekile: “Uqaphele ukuba ungatsheli muntu kodwa hamba uziveze kumpristi, unikele ngesipho esamiswa nguMose.”—Mathewu 8:4.

Nokho, njengoba ungase ucabange, le ndoda ijabule kakhulu kangangokuba ayikwazi ukuthula ingatsheli muntu ngalokhu okusanda kwenzeka. Iyahamba ixoxe ngale ndaba yonke indawo. Lokhu kulikhulisa nakakhulu isasasa kubantu. Kuze kufike eqophelweni lokuba uJesu angabe esakwazi ukuhamba ngokukhululekile edolobheni, ngakho uhlala yedwa okwesikhashana endaweni engenamuntu. Noma kunjalo, abantu abavela kuzo zonke izindawo beza kuye ukuze abafundise futhi abelaphe.