Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 26

“Izono Zakho Zithethelelwe”

“Izono Zakho Zithethelelwe”

MATHEWU 9:1-8 MARKU 2:1-12 LUKA 5:17-26

  • UJESU UTHETHELELA IZONO ZENDODA EKHUBAZEKILE, BESE EYELAPHA

Abantu abavela ezindaweni eziningi manje sebezwile ngoJesu. Abaningi bathatha uhambo olude ukuze bayomlalela lapho efundisa, babone nezimangaliso zakhe. Nokho, ngemva kwezinsuku ezimbalwa ubuyela eKapernawume, lapho umsebenzi wakhe ugxile khona. Izindaba zokubuya kwakhe zisakazeka ngokushesha kuleli dolobha eligudle uLwandle LwaseGalile. Ngenxa yalokho, abaningi beza endlini ahleli kuyo. Abanye babo, abaFarisi nabafundisi boMthetho abavela kulo lonke elaseGalile naseJudiya, kuhlanganise naseJerusalema.

‘Ngakho abantu abaningi babuthana kuze kuphele indawo, ngisho nangasemnyango, bese eqala ukukhuluma nabo.’ (Marku 2:2) Manje sekuzokwenzeka into emangalisa ngempela. Lesi yisenzakalo esingasisiza sibone ukuthi uJesu unamandla okususa imbangela yokuhlupheka kwabantu, nokwelapha ngokuphelele bonke akhetha ukubelapha.

Ngesikhathi uJesu efundisa endlini egcwele abantu, amadoda amane aletha indoda ekhubazekile ngohlaka. Afuna ukuba uJesu elaphe umngane wawo. Kodwa ngenxa yesixuku awakwazi “ukumngenisa kuJesu.” (Marku 2:4) Cabanga nje indlela okudumaza ngayo lokho. Agibela phezulu ophahleni lwendlu oluyisicaba, bese evula isikhala. Ngemva kwalokho, ehlisela lolu hlaka olunendoda ekhubazekile ngaphakathi endlini.

Ingabe uJesu kuyamcasula lokhu kuphazanyiswa? Lutho neze! Ukholo lwala madoda lumthinta inhliziyo, bese ethi kule ndoda ekhubazekile: “Izono zakho zithethelelwe.” (Mathewu 9:2) Kodwa ingabe uJesu ngempela angazithethelela izono? Ababhali nabaFarisi banenkinga ngalokho okushiwo uJesu, bathi: “Kungani lo muntu ekhuluma kanje? Uyahlambalaza. Ubani ongathethelela izono ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu?”—Marku 2:7.

Eyazi imicabango yabo, uJesu uthi kubo: “Kungani nicabanga ngalezi zinto? Ikuphi okulula, ukuthi kokhubazekile, ‘Izono zakho zithethelelwe,’ noma ukuthi, ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho uhambe’?” (Marku 2:8, 9) Yiqiniso ukuthi ngenxa yomhlatshelo uJesu azowunikela ngokuhamba kwesikhathi, angakwazi ukuthethelela izono zale ndoda.

UJesu ube esebonisa isixuku, kuhlanganise nalabo abamgxekayo, ukuthi unalo igunya lokuthethelela izono emhlabeni. Uphendukela kule ndoda ekhubazekile, athi kuyo: “Ngithi kuwe, Vuka uthathe uhlaka lwakho, uhambe uye ekhaya.” Ngokushesha le ndoda iyasukuma iphume nohlaka lwayo, phambi kwabo bonke abakhona. Abantu bayamangala kakhulu, badumisa uNkulunkulu bathi: “Asikaze siyibone into enje”!—Marku 2:11, 12.

Kuyaphawuleka ukuthi uJesu uhlobanisa izono nokugula, kanye nokuthethelelwa kwezono nokuba nempilo. IBhayibheli lifundisa ukuthi umzali wethu wokuqala, u-Adamu, wona, nokuthi sonke sizuze imiphumela yesono ewukugula nokufa. Kodwa lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, uJesu uyothethelela izono zabo bonke abathanda uNkulunkulu nabamkhonzayo. Ngaleso sikhathi, ukugula kuyoqedwa phakade.—Roma 5:12, 18, 19.