Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 42

UJesu Usola AbaFarisi

UJesu Usola AbaFarisi

MATHEWU 12:33-50 MARKU 3:31-35 LUKA 8:19-21

  • UJESU UKHULUMA “NGESIBONAKALISO SIKAJONA”

  • ABAFUNDI BASONDELENE KAKHULU NAYE KUNOMNDENI

Ngokuphika ukuthi uJesu ukhipha amademoni ngamandla kaNkulunkulu, ababhali nabaFarisi bazibeka engcupheni yokuhlambalaza umoya ongcwele. Ngakho, bazothatha uhlangothi lukabani—olukaNkulunkulu noma olukaSathane? UJesu uthi: “Yenzani isihlahla sibe sihle nesithelo saso sibe sihle noma nisibolise nesithelo saso sibole, ngoba isihlahla saziwa ngesithelo saso.”—Mathewu 12:33.

Kuwubuwula ukuthi isithelo esihle sokukhipha amademoni sibangelwa ukuthi uJesu usebenzela uSathane. Njengoba uJesu ekwenze kwacaca eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uma isithelo sisihle, nesihlahla sihle, asibolile. Ngakho, isithelo sabaFarisi, ukumangalela kwabo uJesu okuxakile, sifakazelani? Ukuthi babolile. UJesu uyabatshela: “Nzalo yezinyoka, ningazikhuluma kanjani izinto ezinhle nibe nibabi? Ngoba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.”—Mathewu 7:16, 17; 12:34.

Ngempela, esikushoyo kubonisa okusenhliziyweni yethu, futhi yilokho esiyokwahlulelwa ngako. Ngakho, uJesu uthi: “Ngiyanitshela ngithi wonke amazwi angakhi abantu abawakhulumayo, bayolandisa ngawo ngoSuku Lokwahlulela; ngoba ngamazwi akho kuyothiwa ulungile, futhi ngamazwi akho uyolahlwa.”—Mathewu 12:36, 37.

Naphezu kwemisebenzi emangalisayo uJesu ayenzayo, ababhali nabaFarisi bafuna okwengeziwe: “Mfundisi, sifuna ukubona isibonakaliso esivela kuwe.” Noma ngabe bake bambona enza izimangaliso noma abakaze bambone, kunofakazi abaningi bokuzibonela bezinto azenzayo. Ngakho uJesu utshela labo baholi bamaJuda: “Isizukulwane esibi nesiphingayo siyaqhubeka sifuna isibonakaliso, kodwa akukho sibonakaliso esizonikwa sona ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi.”—Mathewu 12:38, 39.

UJesu akabashiyi bedidekile mayelana nokuthi uqonde ukuthini: “Njengoba nje uJona ayesesiswini senhlanzi enkulu izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo neNdodana yomuntu izoba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.” UJona wagwinywa yinhlanzi enkulu, kodwa waphuma njengokungathi uvuswe ekufeni. Ngakho uJesu ubikezela ukuthi uzofa bese eyavuswa ngosuku lwesithathu. Lapho lokhu kwenzeka kamuva, abaholi bamaJuda abasamukeli ‘lesi sibonakaliso sikaJona,’ bayenqaba ukuphenduka nokushintsha. (Mathewu 27:63-66; 28:12-15) Ngokungafani nabo, “abantu baseNineve” baphenduka ngemva kokuba uJona eshumayele kubo. Ngakho bayosilahla lesi sizukulwane. UJesu uphinde athi ngesibonelo sendlovukazi yaseSheba, nayo iyosilahla lesi sizukulwane. Yayifisa ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni futhi yakhexa lapho ikuzwa. UJesu ube esephawula: “Lapha kukhona ongaphezu kukaSolomoni.”—Mathewu 12:40-42.

ufanisa isimo salesi sizukulwane esibi nendoda okuphuma kuyo umoya ongcolile. (Mathewu 12:45) Ngenxa yokuthi le ndoda ayigcwalisi leso sikhala ngezinto ezinhle, umoya ongcolile ubuya neminye eyisikhombisa emibi kakhulu kunawo bese ingena kuyo. Ngendlela efanayo, isizwe sakwa-Israyeli sahlanzwa futhi saguqulwa—njengale ndoda okuphume kuyo umoya ongcolile. Kodwa lesi sizwe asibamukelanga abaprofethi bakaNkulunkulu okuholele ekutheni siphikise uJesu, okusobala ukuthi unomoya kaNkulunkulu. Lokhu kubonisa ukuthi isimo salesi sizwe sibi kakhulu kunasekuqaleni.

Lapho uJesu esakhuluma, kufika unina nabafowabo bame ngemuva esixukwini. Abathile abahlezi eduze kwakhe bathi: “Unyoko nabafowenu bami ngaphandle bafuna ukukubona.” UJesu ube esebonisa ukuthi uzizwa esondelene kangakanani nabafundi bakhe, abanjengabafowabo, odadewabo nonina. Elulela isandla ngakubafundi bakhe, uthi: “Umama nabafowethu yilaba abezwa izwi likaNkulunkulu futhi balenze.” (Luka 8:20, 21) Ube esebonisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ubuhlobo anabo nezihlobo zakhe buyigugu kangakanani, ubuhlobo anabo nabafundi bakhe yibona obuyigugu kakhulu. Ave kumnandi ukuba sisondelane ngaleyo ndlela nabafowethu esikhonza nabo, ikakhulukazi lapho abanye besingabaza noma besidelela noma bedelela umsebenzi esiwenzayo!