Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 45

Unamandla Okunqoba Amademoni Amaningi

Unamandla Okunqoba Amademoni Amaningi

MATHEWU 8:28-34 MARKU 5:1-20 LUKA 8:26-39

  • UKHIPHA AMADEMONI, ANGENA EZINGULUBENI

Njengoba abafundi bephumela ogwini ngemva kobunzima abebebhekene nabo olwandle, bayashaqeka. Amadoda amabili anolaka kakhulu anamademoni, aphuma emathuneni aseduze agijimele kuJesu! Enye yala madoda iphawuleka kakhulu, cishe inodlame kakhulu futhi isilawulwe amademoni isikhathi eside.

Le ndoda edabukisayo ibilokhu ihamba nqunu. Ubusuku nemini ‘iyamemeza emathuneni nasezintabeni futhi izisika ngamatshe.’ (Marku 5:⁠5) Inolaka kangangokuba abantu bayesaba ukudlula kulowo mgwaqo. Abanye bazamile ukuyibopha, kodwa igqashula amaketanga inqamule nezibopho ezisezinyaweni. Akekho onamandla okuyinqoba.

Njengoba le ndoda isondela kuJesu iwela ezinyaweni zakhe, amademoni ayilawulayo ayenza imemeze ithi: “Ngihlangene ngani nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngicela ukuba ufunge igama likaNkulunkulu ukuthi ngeke ungihluphe.” UJesu ubonisa ukuthi unegunya phezu kwamademoni, uyayala: “Phuma kulo muntu wena demoni.”​—⁠Marku 5:​7, 8.

Empeleni, maningi amademoni akule ndoda. Lapho uJesu ebuza: “Ungubani igama lakho?” Iphendula ithi: “Igama lami nginguLegiyona ngoba sibaningi.” (Marku 5:⁠9) ILegiyona lamaRoma lakhiwa yibutho elinezinkulungwane zamasosha, ngakho maningi amademoni ahlanganyela le ndoda ajabulela ukuyibona ihlupheka. Ancenga uJesu ukuba “angawayali ukuba aye kwalasha.” Kuyacaca ukuthi ayazi ukuthi yini ewalindele wona kanye nomholi wawo uSathane.​—⁠Luka 8:⁠31.

Kunomhlambi wezingulube ezingaba ngu-2 000 odlayo eduze, lezi zilwane zingcolile, ngokoMthetho amaJuda akufanele azifuye ngisho nokuzifuya. Amademoni athi: “Sithumele ezingulubeni ukuze singene kuzo.” (Marku 5:​12) UJesu uthi awahambe, futhi angena ezingulubeni. Ngenxa yalokho, zonke izingulube ezingu-2 000 zikhalakathela eweni ziminze olwandle.

Lapho abelusi bazo bekubona lokhu, baphuthuma edolobheni nasemizini bayobika. Abantu bayaphuma bazobona ukuthi kwenzekeni. Njengoba befika, babona indoda okuphume kuyo amademoni isiphilile futhi ingasahlanyi. Phela isigqokile ihlezi ezinyaweni zikaJesu!

Abantu abezwa le ndaba noma ababona le ndoda bafikelwa ukwesaba, bengazi ukuthi sekuzokwenzekani kubo. Bancenga uJesu ukuba ahambe endaweni yakubo. Lapho uJesu egibela isikebhe ukuze ahambe, le ndoda ebinamademoni iyamncenga ukuba ihambe naye. Kodwa uJesu uthi kule ndoda: “Hamba uye ekhaya ezihlotsheni zakho, uzibikele konke uJehova akwenzele kona nesihe akubonise sona.”​—⁠­Marku 5:⁠19.

Ngokuvamile uJesu uyala abantu asuke ebelaphile ukuba bangatsheli muntu ngoba akafuni abantu bafinyelele iziphetho ngaye ngenzwabethi. Kulokhu, le ndoda ebinamademoni iwubufakazi obuphathekayo bamandla kaJesu, futhi ingafakaza ngisho nakubantu uJesu angeke akwazi ukufinyelela kubo. Ubufakazi bayo bunganqanda ngisho nemibiko engemihle mayelana nokulahleka kwezingulube. Ngakho le ndoda iyahamba, iqale ukumemezela kulo lonke elaseDekapholi ngalokho uJesu ayenzele kona.