Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 49

Ushumayela EGalile, Uqeqesha Nabaphostoli

Ushumayela EGalile, Uqeqesha Nabaphostoli

MATHEWU 9:35–10:15 MARKU 6:6-11 LUKA 9:1-5

  • UJESU UPHINDELA EGALILE

  • UTHUMA ABAPHOSTOLI UKUBA BAYOSHUMAYELA

Sekuphele iminyaka emibili uJesu eshumayela ngokuzikhandla. Ingabe manje sekuyisikhathi sokwehlisa ijubane? Lutho neze! Kunalokho, uJesu wandisa umsebenzi wakhe wokushumayela ngokuthatha uhambo “oluya kuwo wonke amadolobha nemizi [yaseGalile], efundisa emasinagogeni abo eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso, elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.” (Mathewu 9:35) Akubonayo kumenza aphawule isidingo sokwandisa umsebenzi wokushumayela. Kodwa uzokwenza kanjani lokhu?

Njengoba ehamba, uJesu ubona abantu abadinga usizo nenduduzo elethwa yiqiniso. Banjengezimvu ezingenamalusi, ezihlukumezekile nezihlakazekile. Uyabazwela, bese ethi kubafundi bakhe: “Ngempela, umsebenzi wokuvuna mkhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.”—Mathewu 9:37, 38.

UJesu uyazi ukuthi yini ezosiza. Ubiza abaphostoli bakhe abangu-12 abahlukanise ngababili, babe amaqembu ayisithupha abashumayeli. Ube esebanika iziqondiso ezicacile: “Ningayi emgwaqweni wezizwe, futhi ningangeni kunoma yiliphi idolobha lamaSamariya; kodwa kunalokho, yanini njalo ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli. Njengoba nihamba, nishumayele nithi: ‘UMbuso wamazulu ususondele.’”—Mathewu 10:5-7.

UMbuso abazoshumayela ngawo, yilowo uJesu akhuluma ngawo emthandazweni oyisibonelo. ‘UMbuso ususondele’ ngomqondo wokuthi iNkosi ekhethwe uNkulunkulu, uJesu Kristu, isikhona. Nokho, yini ezoba wubufakazi bokuthi abafundi bakhe ngempela bamelela lo Mbuso? UJesu ubanika amandla okwelapha abagulayo ngisho nawokuvusa abafile, konke lokhu bazokwenza mahhala. Pho, abaphostoli bazozinakekela kanjani izidingo zabo njengokudla kwansuku zonke?

UJesu utshela abafundi bakhe ukuba bangalungiseleli lutho abazoludinga kulolu hambo lokushumayela. Akufanele baphathe igolide, isiliva noma ithusi ezikhwameni zabo. Abadingi ngisho nesikhwama somphako noma izingubo zokushintsha noma izimbadada kulolu hambo. Kungani? UJesu uyabaqinisekisa: “Isisebenzi sifanelwe ukudla kwaso.” (Mathewu 10:10) Abantu ababatholayo, abawuthandayo umyalezo wabo, bazozinakekela izidingo zabafundi eziyisisekelo. UJesu uthi: “Nomaphi lapho ningena emzini womuntu, hlalani khona nize nihambe kuleyo ndawo.”—Marku 6:10.

UJesu ubanika neziqondiso mayelana nendlela okufanele bawethule ngayo umyalezo woMbuso lapho befika ezindlini zabantu. Uthi: “Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyo ndlu. Uma indlu inamukela, ukuthula eniyifisela kona makwehlele kuyo; kodwa uma inganamukeli, ukuthula okuvela kini makubuyele kini. Nomaphi lapho umuntu enganamukeli khona noma engawalaleli amazwi enu, lapho niphuma kuleyo ndlu noma kulelo dolobha nithintithe uthuli ezinyaweni zenu.”—Mathewu 10:12-14.

Kungenzeka ngisho nokuthi idolobha lonke noma indawo ethile ingawamukeli umyalezo wabo. Kuyokwenzekani kuleyo ndawo? UJesu wembula ukuthi iyothola isahlulelo esinzima. Uyachaza: “Ngiqinisile ngithi kini, ngoSuku Lokwahlulela kuyoba nzima kakhulu kulelo dolobha kunaseSodoma naseGomora.”—Mathewu 10:15.