Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 50

Bazimisele Ukushumayela Naphezu Koshushiso

Bazimisele Ukushumayela Naphezu Koshushiso

MATHEWU 10:16–11:1 MARKU 6:12, 13 LUKA 9:6

  • UJESU UQEQESHA ABAPHOSTOLI BESE EYABATHUMA

UJesu unikeza abaphostoli bakhe iziqondiso ezinhle kakhulu mayelana nendlela okumelwe bashumayele ngayo njengoba behamba ngababili. Nokho, akagcini lapho. Ngomusa ubaxwayisa ngabaphikisi, uthi: “Nginithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi . . . Qaphelani abantu, ngoba bayoninikela ezinkantolo zendawo, futhi banibhaxabule emasinagogeni abo. Niyolethwa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami.”—Mathewu 10:16-18.

Abalandeli bakaJesu bangase babhekane noshushiso olunzima. Noma kunjalo, uyabaqinisekisa: “Lapho beninikela, ningakhathazeki ngokuthi niyokhuluma kanjani noma ngokuthi niyothini, ngoba lokho eniyokukhuluma niyokunikwa ngalo lelo hora; ngoba akunina nje enikhulumayo, kodwa ngumoya kaYihlo okhuluma ngani.” UJesu uyaqhubeka: “Umuntu uyonikela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe, nabantwana bayovukela abazali bababulalise. Niyozondwa abantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa lowo okhuthazele kwaze kwaba sekupheleni uyosindiswa.”—Mathewu 10:19-22.

Ngenxa yokuthi ukushumayela kubaluleke kunayo yonke into, uJesu ugcizelela isidingo sokuba abalandeli bakhe babe nokuqonda ukuze bahlale bekhululekile ukwenza lo msebenzi. Uthi: “Uma benishushisa kwelinye idolobha, nibalekele kwelinye; ngoba ngiqinisile ngithi kini, ngeke neze niqede ukujikeleza amadolobha akwa-Israyeli ingakafiki iNdodana yomuntu.”—Mathewu 10:23.

Zinhle ngempela lezo ziqondiso, izixwayiso nezikhuthazo uJesu azinikeza abaphostoli bakhe abangu-12! Nokho, uzophawula ukuthi la mazwi aqondiswe nakulabo abazohlanganyela emsebenzini wokushumayela ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu. Lokhu kubonakala emazwini akhe athi abafundi bakhe ‘bayozondwa abantu bonke,’ hhayi nje kuphela labo abaphostoli abathunywe ukuyoshumayela kubo. Ngaphezu kwalokho, akukho lapho esifunda khona ukuthi abaphostoli balethwa phambi kwababusi namakhosi, noma ukuthi amalungu emindeni yabo abanikela ukuze babulawe phakathi nalo mkhankaso omfushane wokushumayela eGalile.

Kuyacaca ukuthi uJesu ucabanga ngesikhathi esizayo lapho esho lezi zinto kubaphostoli. Cabanga ngamazwi akhe athi abafundi bakhe ngeke baqede ukushumayela yonke indawo “ingakafiki iNdodana yomuntu.” UJesu uveza ukuthi abafundi bakhe ngeke baqede ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu ngaphambi kokuba inkosi ekhazinyulisiwe, uJesu Kristu, ifike njengomahluleli kaNkulunkulu.

Njengoba abaphostoli beqhubeka nomsebenzi wokushumayela, akufanele bamangale lapho bebhekana nokuphikiswa ngoba uJesu uthi: “Umfundi akekho ngaphezu komfundisi wakhe, nenceku ayikho ngaphezu kwenkosi yayo.” Iphuzu likaJesu lisobala. Uphathwa kabi futhi uyashushiswa ngenxa yokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu, kuzoba njalo nakubo. Noma kunjalo, uJesu uthi: “Ningabesabi labo abangase babulale umzimba kodwa abangeke bakwazi ukunivimba ukuba niphile esikhathini esizayo; kunalokho yesabani lowo onganibhubhisa eGehena.”—Mathewu 10:24, 28.

UJesu waba yisibonelo kulokhu. Wakhuthazelela ukufa ngesibindi kunokuba aphule ubuqotho bakhe kulowo onawo wonke amandla, uJehova. NguNkulunkulu uMninimandla Onke ongabhubhisa “umphefumulo” womuntu, okungukuthi amathemba akhe okuphila esikhathini esizayo noma ongamvusa ukuze ajabulele ukuphila okuphakade. Kumelwe ukuba kuyabaqinisa ngempela lokhu abaphostoli!

UJesu wenza umfanekiso ukuze abonise indlela uNkulunkulu abathanda ngayo abalandeli bakhe, uthi: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. . . . Ngakho ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.”—Mathewu 10:29, 31.

Umyalezo abafundi bakaJesu abawushumayelayo uzohlukanisa imindeni, amanye amalungu omndeni azowamukela kodwa amanye ngeke. UJesu uyachaza. “Ningacabangi ukuthi ngizele ukuletha ukuthula emhlabeni.” Kudingeka isibindi ngempela ukuze ilungu lomndeni lamukele amaqiniso eBhayibheli. UJesu uthi: “Noma ubani othanda kakhulu uyise noma unina kunami akangifanele; futhi noma ubani othanda kakhulu indodana noma indodakazi kunami akangifanele.”—Mathewu 10:34, 37.

Nokho, abanye bazobamukela kahle abafundi bakhe. Uthi: “Noma ubani ophuzisa oyedwa kulaba abancane inkomishi nje yamanzi abandayo ngoba engumfundi, ngiqinisile ngithi kini, akasoze alahlekelwa umvuzo wakhe.”—Mathewu 10:42.

Njengoba sebethole iziqondiso, izixwayiso nezikhuthazo kuJesu, abaphostoli sebekulungele kangcono ukuhamba “umuzi nomuzi, bememezela izindaba ezinhle futhi belapha kuyo yonke indawo.”—Luka 9:6.